Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 9/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkululeko Yenkolo Iyasekelwa
  • Ukuphika Ubukhona BukaNkulunkulu Kuyanda
  • Ngicela Ungiphe Izilokazane!
  • Nqanda Ukutubeka!
  • Gwema Ukudlisa Abantwana Ubuthi
  • Ukufunda —“Ukufa Kancane Kancane”?
  • Izingcingo Zosizo
  • Izimvemvane Ezingabafuduki
  • Isixwayiso Ngezingubo Zokugqoka Ezintsha
  • Ubugebengu Nentsha YaseRussia
  • Ukunqoba Kwedlanzana—Ezweni Elinombono Ofanayo
    I-Phaphama!—1995
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1991
  • Ukutubeka—Ungabhekana Kanjani Nakho?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 9/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Inkululeko Yenkolo Iyasekelwa

Ngo-March 8, 1996, iNkantolo Ephakeme yaseJapane yakhipha isinqumo sokuthi iKobe Municipal Industrial Technical College yaphula umthetho ngokuxosha uKunihito Kobayashi, omunye woFakazi BakaJehova, ngenxa yokwenqaba kwakhe ukuhlanganyela ekuqeqeshelweni ubuciko bokulwa, kubika i-Daily Yomiuri yaseTokyo. Ngokwenza kanjalo, lenkantolo ephakeme yaseJapane yasenqaba isikhalo saleli kolishi futhi yabeka isimiso esizolandelwa emacaleni esikhathi esizayo. (Siza ubheke umagazini i-Phaphama! ka-October 8, 1995, ukuze uthole imininingwane eyengeziwe.) Lenkantolo yaqaphela ukuthi isizathu salomfundi sokwenqaba ukuhlanganyela ekuqeqeshelweni ubuciko bokulwa be-kendo “sasiqotho futhi sihlobene eduze nesisekelo” senkolo yakhe. Lenkantolo yathi uKobayashi “ungumfundi ovelele” futhi yathi lesi sikole kwakufanele simnikeze ezinye izifundo zokuqeqesha umzimba esikhundleni se-kendo.

Ukuphika Ubukhona BukaNkulunkulu Kuyanda

Ukhadinal’uJoachim Meisner uthi eJalimane kukhona “ukwanda okunamandla kokuphika ubukhona bukaNkulunkulu.” UMeisner waphawula ukuthi kungenzeka ubuKhomanisi buye balahlekelwa ngokwezimali, kodwa kubonakala buye bakhanga abantu ngemibono. Uyaphawula: “Kubonakala sengathi lokhu kuthambekela kuye kwasakazeka kusuka ezifundeni zikahulumeni ezintsha [ezazingaphansi kobuKhomanisi] kuya ezifundeni zikahulumeni zakudala [entshonalanga].” Ngokwephephandaba i-Weser Kurier, amaphesenti angaba ngu-70 ezakhamuzi eziyizigidi ezingu-16 zezwe elaliyiMpumalanga Jalimane awasonti nhlobo. Lombiko uyaqhubeka: “Uma isonto lingenaso isibindi sokumemezela iqiniso elambuliwe, khona-ke lizolahlekelwa.”

Ngicela Ungiphe Izilokazane!

Abantu abaningi, nakuba kungebona bonke, bangakuthola kunengeka ukwelapha izifo ngokudla izinambuzane. Noma kunjalo, lombono awuyona into entsha, ngokukamagazini i-Asiaweek. ESingapore i-Imperial Herbal Restaurant ithengisa ukudla okunezithako ezinjengezintuthwane nofezela, kokubili okwaziwa ngokungabi nomsoco kuphela kodwa futhi nangokwelapha. Umnikazi walendawo yokudlela, uNkk. Tee Eng Wang-Lee, uthi izintuthwane ziyayelapha i-rheumatism, kuyilapho kuthiwa ubuthi bukafezela budambisa izinzwa futhi buqede nezinhlungu zekhanda ze-migraine. Eminye imithi yezilokazane ihlanganisa izibungu ezomisiwe zokuqeda izinhlungu; izibungu ze-cicada eziqeda umoya esiswini, izilonda zomkhuhlane, nesimungumungwana; nesidleke semivi eyomisiwe sokubulala izilokazane. Zinambitheka kanjani lezi zilokazane? Izintuthwane zinobumuncu obunjengoviniga, kanti ofezela baconsisa amathe. UNkk. Wang-Lee uyaphawula: “Ukunambitheka okuthatha isikhathi ukuba ukujwayele.”

Nqanda Ukutubeka!

Ukucindezeleka kwazo zonke izinhlobo kuyanda, futhi lapho ebhala kumagazini wase-United States i-Health, u-Ellen McGrath, isazi sokusebenza kwengqondo, unikeza amasu ambalwa okunqanda ukucindezeleka ukuba kungabangeli ukutubeka ekuphileni kwakho.

◼ Hlaba ikhefu, lanoma iluphi uhlobo: Hambahamba imizuzu eyishumi noma uphefumule imizuzu emihlanu ngokuzola. Bekela eceleni imizuzu engu-15 ukuze ufunde noma uzindle ekuqaleni nasekupheleni kosuku ngalunye.

◼ Lawula ukuphila kwakho: Yiba nezinto ezikwenza umomotheke—izithombe, izimbali, noma izikhumbuzo. Hlela isikhathi sakho futhi uhlele ukwenza izinto ezidingekile ngesikhathi ungacindezelekile kakhulu.

◼ Yidla ukudla okunomsoco: Ungasebenzi uze ubulawe indlala noma udle ukudla okungenamsoco ukuze ubambe umoya—kungakhathaliseki ukuthi umatasa kangakanani. Ukudla izithelo nemifino njalo kuyokusiza ukuba ugweme ukutubeka.

◼ Hlala uphapheme: Ukuvivinya umzimba ngamandla kunciphisa ukucindezeleka futhi kwandisa imizwa yokwaneliseka nomuzwa wokulawula izinto. Kwenze kujabulise!

Gwema Ukudlisa Abantwana Ubuthi

Abantwana abancane basengozini yokudla ubuthi emakubo ngokudla ngisho nephilisi elilodwa lomuthi ongenzelwanga bona, kusho umagazini i-FDA Consumer. Ukugwinya imithi, amakhemikhali asetshenziswa endlini, neziphuzo ezidakayo kungase kumgulise futhi kuze kumbulale umntwana omncane. Ngakho-ke, lemikhiqizo kufanele ibekwe kude nabo futhi bangayiboni. Ukudla ngokweqile izithasiselo zokusansimbi, kuhlanganise namavithamini abantwana, kubangela ukukhathazeka okukhulu. “Ngenxa yokuthi [amavithamini abantwana] enziwa afane noswidi noma abalingiswa abangopopayi, afana noswidi futhi awabonakali ewumuthi,” kuchaza uDkt. George Rodgers we-Kentucky Regional Poisoning Center, e-U.S.A. Ochwepheshe banikeza iseluleko sokuthi uma umntwana eba nezimpawu ezingavamile, njengokunyakaza kwamehlo ngendlela engavamile noma ukulala ngokweqile, noma uma kutholakala ibhodlela lamaphilisi elivulekile, thinta udokotela noma isikhungo sokulawula ushevu ngokushesha, futhi ulandele iziyalezo zabo ngokunembile.

Ukufunda —“Ukufa Kancane Kancane”?

Ngokokuhlola okwenziwa e-Italy yi-Association of Small Publishing Houses, ngonyaka odlule amaNtaliyane angamaphesenti angu-80 “awazange ayivule incwadi, noma uma ayivula, awasakhumbuli ngisho nesihloko sencwadi noma igama lomlobi.” Ngokuvamile, ukuziphatha, izenzo, nokuphila kwamaNtaliyane kuthonywa kakhulu izinto azibonayo, kuhlanganise nethelevishini, kunayizinto azifundayo, kuphawula iphephandaba laseRome i-Repubblica. Leli phephandaba lathi: “AmaNtaliyane awafundi, futhi awaqapheli ukuthi aphuthelwa okuthile okubalulekile.” Lokhu kuhlola kwabonisa nokuthi amaNtaliyane amaningi ahlobanisa ukufunda izincwadi “nokuhluleka ukuba nobuhlobo ‘obufudumele’ nabantu” kanye “nokuntula uthando.” Angafundi “ayaqiniseka ngokuthi ukufunda kumane kuwukuchitha isikhathi,” ukuthi ‘kungokwabantu abadala,’ noma ngisho nokuthi “kubangela ‘ukufa kancane kancane.’”

Izingcingo Zosizo

Iphephandaba i-Globe and Mail labika ukuthi isimiso sezingcingo sezwe lonke esingakhokhelwa esenzelwe intsha ecindezelekile eCanada samukela izingcingo ezingu-4000 ngosuku, okwembula “ukuphelelwa ithemba okujule kakhulu kunanini ngaphambili.” UChristine Simmons-Physick, umqondisi wezinkonzo zokweluleka zalolu hlelo, wathi: “Ushintsho [lwezomnotho] olwenzeka ezweni lubangela ukungabaza kubantu abadala futhi lokhu kudlulela ezinganeni.” Cishe ingxenye yalezi zingcingo ezamukelwayo iphathelene nobuhlobo, futhi ezingamaphesenti angu-78 zivela emantombazaneni, akuthola kulula ukucela usizo kunabafana. USimmons-Physick waphawula ukuthi intsha ishaya ucingo ngoba lokhu kuyinikeza ithuba lokuba umuntu omdala azithathe ngokungathi sína izinkinga zayo. Wathi abazali nabanye abantu abadala “bathambekele ekutheni izinkinga zezingane ziyadlula—bathi zizophela lapho zikhula,” wabe esenezela: “Uma ubonisa leso simo sengqondo, ungaqiniseka ngokuthi ngeke ziphinde zize kuwe zizocela usizo.”

Izimvemvane Ezingabafuduki

Minyaka yonke ngo-March iqulu lezimvemvane ezingama-monarch lindiza linqamule amakhilomitha angu-800 olwandle oluwudedangendlale, lifuduka lisuka eMexico liya engxenyeni encane yogu lwaseLouisiana, e-U.S.A. Lama-monarch abe esedlulela enyakatho, amanye aze afike eCanada. Kamuva ngo-October abazukulu bawo babuyela eMexico ngomzila ofanayo. Kodwa njengoba enobuchopho obuncane kangaka, azi kanjani ukuthi kufanele andizele kuphi? Lokhu kuseyimfihlakalo. I-Enterprise-Record yaseChico, eCalifornia, ibika ukuthi umcwaningi wezimvemvane uDkt. Gary Noel Ross ucabanga ukuthi lezi zinambuzane kungenzeka ziqondiswa amandla kazibuthe. Umbuzo oyindida uwukuthi, Icebo lokundiza lohambo lokubuyela eMexico lidluliselwa kanjani ezizukulwaneni ezinhlanu? “Ukuhlelwa kwakho konke lokhu kungaphezu kokuqonda,” kusho uDkt. Ross.

Isixwayiso Ngezingubo Zokugqoka Ezintsha

Umagazini i-Asiaweek ubika ukuthi kukhishwa izixwayiso ngezingozi zamakhemikhali asetshenziswa ekwenzeni izingubo zokugqoka ezintsha eFrance, eNgilandi, naseThailand. I-formaldehyde, isilondolozi esinamandla esisetshenziswa ekwenzeni udayi, itholakala ezindwangwini eziningi, futhi kuthiwa ibangela izinkinga zesikhumba, zamehlo, nokuphefumula. Ngokwalombiko, izisebenzi zasezimbonini zezindwangu zingase zibe sengozini ngaphandle uma amafektri ezisebenza kuwo enomoya owanele futhi engenamswakama, futhi abathengi kufanele bawashe zonke izingubo zokugqoka ezintsha ngaphambi kokuba bazigqoke, ukuze bagweme ukusabela okungekuhle okungase kuvele.

Ubugebengu Nentsha YaseRussia

ESt. Petersburg, eRussia, “ubugebengu bentsha buba nonya ngokwengeziwe futhi benziwa ngamabomu,” kubika i-St. Petersburg Press. Ngokwesibonelo, esikoleni esithile edolobheni ngo-1995, umfana oneminyaka engu-13 waboshwa futhi washaywa waze wafa ngemva nje kokuqeda ukubhala ukuhlolwa kwakhe kokuphela konyaka. Ukukhathazeka kwabazali nothisha ngobugebengu basesikoleni obunobudlova kwabangela ukuba kusungulwe izifundo ezikhethekile zezingane zesikole ezithi “Izindlela Zokusinda Eziyisisekelo,” kuhlanganise nezithi “Izindlela Eziyisisekelo Zezokwelapha” ezenzelwe amantombazane. Emhlanganweni wothisha abaphethe lezi zifundo, kwembulwa ukuthi amaphesenti angu-25 amantombazane asesekhondari kuleli dolobha acabanga ukuthi ubufebe buyingxenye eyinhloko yokuphila eRussia. Ngaphezu kwalokho, ngokwe-Populi, umagazini we-United Nations Population Fund, inani lokukhishwa kwezisu phakathi kwamantombazane aneminyaka engu-17 nangaphansi kukholelwa ukuthi liye laphindeka kabili kuleminyaka emihlanu edlule.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela