Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 9/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Isonto Likamormon—Ukubuyiselwa Kwazo Zonke Izinto?
    I-Phaphama!—1995
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 9/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

AmaMormon Ngashaqeka kakhulu lapho ngifunda isihloko esithi “ISonto LikaMormon—Ukubuyiselwa Kwazo Zonke Izinto?” (November 8, 1995) Nithi ningamaKristu eqiniso ngoba niyenqaba ukuhlanganyela ezimpini. Kodwa ngiyaziqhenya ngamaMormon alwa eMpini Yezwe II futhi asiza amaJuda, ayeshushiswa uHitler. Yini oFakazi BakaJehova ababeyenza ngaleso sikhathi ngaphandle kokusonga izandla babuke amaJuda ayizigidi eziyisithupha efa?

G. D., Germany

Kuyiqiniso ukuthi amaMormon e-United States naseBrithani alwa nobuNazi. Kodwa kwakungenjalo neze eJalimane. Incwadi ethi “The Nazi State and the New Religions,” eyalotshwa isazi-mlando uChristine King, esiyiphini likashansela waseStaffordshire University eNgilandi, iyabika: “AmaMormon ajoyina amabutho ahlomile futhi kwakunamaMormon angamakhulu ayisithupha ebuthweni laseJalimane ngo-1940. . . . AmaMormon aqhubeka egcizelela ‘imigomo evumelanayo’ yenkolo yamaMormon ne-National Socialism. . . . Abanye abaholi bamaMormon baqala ukufundisa amabandla abo ngamaqembu e-National Socialism, bathandazela uMholi, bethi ‘ubizwe ngokwaphezulu.’ . . . Kunezenzakalo ezimbili kuphela ezibikwayo zamaMormon amelana namaNazi.” Nokho, njengeqembu oFakazi BakaJehova benqaba ukusekela umbuso wamaNazi. Ngakho, baba izisulu zokushushiswa ngonya uhulumeni kaHitler. Izinkulungwane zavalelwa emakamu okuhlushwa, futhi eziningi zafela lapho. Bheka umagazini wethu ka-August 22, 1995.—ED.

Ukuphambanisa Izithombe Uchungechunge oluthi “Izindaba Eziqanjiwe Zesayensi—Ukuhlola Ikusasa Lethu?” (December 8, 1995) lwalumnandi kakhulu. Nokho, isithombe sikaJules Verne ekhasini 3 kubonakala kungesikaWilliam Morris, isazi sobuciko nomlobi wekhulu le-19.

R. G., United States

Abafundi abaningana baliqaphela leli phutha. Kwenzeka iphutha ekubhaleni, futhi isithombe sikaWilliam Morris esisefayilini yethu sabhalwa igama okungelona. Siyaxolisa ngalokhu kuphambanisa.—ED.

Indawo Yonke Emangalisayo Ngemva kokufunda uchungechunge lwenu oluthi “Indawo Yonke Emangalisayo—Yavelaphi?” (January 22, 1996), ngawuqonda ngokucacile umbono wamanje wesayensi ngendawo yonke. Indaba yenu yacaciswa ukusetshenziswa ngobuciko kwensada yokwaziswa, imithombo, nezikhombo. Njengothisha, ngizokusebenzisa ngokunenzuzo ukwaziswa enikunikezile.

M. P., United States

Ngiye ngafunda izihloko ezinjalo komagazini, kodwa ngaso sonke isikhathi ziye zahluleka ukudumisa uMklami wezimangaliso ezinjalo. Izihloko zenu zanikeza lokho okwakudingeka ukuze kuvalwe lelo gebe.

P. B., Italy

Lokhu kwaziswa kwakungelona nje iqiniso kuphela kodwa kwakuqinisa ukholo. Kwathuthukisa ukwazisa kwethu ngoNkulunkulu wethu—uMsunguli wendawo yethu yonke enhle, nemangalisayo!

C. S., Greece

Kwakujabulisa ngempela ukufunda lezi zihloko. Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi indawo yonke ibilokhu ingikhanga kakhulu. Lezi zihloko zangenza ngaqaphela ubuze babantu uma buqhathaniswa nobunkimbinkimbi balendalo.

M. D., Portugal

Ngafunda lezi zihloko ngesithakazelo esikhulu. Ngiyajabula ngokuthi i-Phaphama! isingatha izihloko ezinjalo. Yanginikeza ukuqonda okwengeziwe ngezimfihlakalo zendawo yonke, ikakhulukazi ukwaziswa okuphathelene nokuba khona “kwamabhamuza” anobukhulu obuyibanga elingathatha iminyaka eyizigidi eziyikhulu uma uhamba ngejubane lokukhanya, anemithala eminingi ngaphandle nendawo engenalutho ngaphakathi. Lokhu kuphakamisa inkinga ngenkolelo-mbono yanamuhla yokuqhuma okukhulu! Kungihlaba umxhwele ukubona ukuthi kuncane kangakanani esikwaziyo ngempela ngendawo yonke.

D. K., Czech Republic

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela