Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
UkuQothulwa Kwesizwe Bengilokhu ngizibuza ukuthi kungani kungekho muntu owake wadalula ukuQothulwa Kwesizwe. Uchungechunge oluthi “UkuQothulwa Kwesizwe—Obani Abakudalula?” (August 22, 1995) luye lwawuphendula umbuzo wami. OFakazi BakaJehova bakudalula, futhi ngiziqhenya kakhulu ngoFakazi engikanye nabo!
C. B., United States
Nakuba ngingelona ilungu lenu, ngifisa ukunihalalisela ngendlela enasingatha ngayo indaba yokuQothulwa Kwesizwe. Ukuveza kwenu amaqiniso njengoba enjalo alolu lunya lomuntu komunye umuntu kungokukhanyisela ngaphezu kwakho konke engake ngahlangana nakho. Ngokudabukisayo, isibindi oFakazi enikanye nabo ababa naso ngaleso sikhathi singokuthile izwe elingazi lutho ngako.
L. B., England
Ubaba wafela eSachsenhausen. Umfowethu omdala naye wafa ngenxa yokuboshwa amaNazi. Ngisakukhumbula kahle ukushushisa kwamaNazi oFakazi BakaJehova. Ngakho ngishukumiseleka ukuba ngizwakalise ukwazisa kwami ngalezi zihloko. Nenzé kahle kakhulu!
F. D. J., Canada
Ngahlatshwa umxhwele kakhulu yilezi zihloko. Kodwa angivumelani nokuthi oFakazi BakaJehova babewukuphela ‘kwezwi ekuthuleni.’ AmaKhomanisi nawo abaxwayisa abantu ngoHitler ngaphambi kokuba athathe ukubusa. Amaningi agcina evalelwe emakamu okuhlushwa.
B. W., Germany
I-“Phaphama!” ivuma ngokunganqikazi ukuthi uHitler wayenabaphikisi abaningi bezombangazwe. Nokho, lezi zihloko zabhekisela ngokukhethekile ekuhlulekeni kwezinhlangano zenkolo, iningi lazo elabambisana nombuso wamaNazi. Ngisho namaNazi achaza oFakazi BakaJehova njengezitha zawo zenkolo eziyinhloko. Ngenxa yalokho oFakazi babewukuphela kweqembu elingokwenkolo elanikezwa uphawu lweziboshwa lokuzibonakalisa emakamu okuhlushwa—unxantathu onsomi onyanyekayo.—ED.
Ukuzamazama Komhlaba KwaseJapane Ngakhala lapho ngifunda isihloko esithi “Inhlekelele Engalindelekile YaseJapane—Indlela Abantu Ababhekana Ngayo Nayo.” (August 22, 1995) Ngalahlekelwa udadewethu othandekayo ongumKristu kulokho kuzamazama komhlaba. Wayeshiseka kakhulu. Ngiyazi ukuthi uyovuswa futhi ngiyokwazi ukuphinde ngimbone. Ngibonga kakhulu ngosizo olungokomoya nolwezinto ezibonakalayo esaluthola ebandleni naseNhlanganweni. Nokho, namanje ngisakhala lapho ngicabanga ngokwenzeka ngalolo suku.
T. M., Japan
Kwangikhexisa umlomo ukuhleleka nokuthatha isinyathelo ngokushesha koFakazi. Lapho ngifunda isigijimi esizwakalisa ukukhathalela kwabazalwane bebandla laseKorea, ngamane ngasikhihla isililo. Ngajabula kakhulu lapho ngicabanga ukuthi ngiyilungu lenhlangano enozwela kangaka.
M. K., Japan
Ukuhlukunyezwa Ngokobulili Ngiyabonga ngesihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukuhlukunyezwa Ngokobulili—Ngingazivikela Kanjani?” (August 22, 1995) Ngineminyaka engu-17 ubudala, futhi esikoleni ngahlangana nomfana othile ongeyena umKristu. Ngangimethemba, kodwa kamuva yena nabangane bakhe bangihlukumeza ngokunginxenxa okungcolile kobulili nezinsongo. Kwadingeka ngihambe kuleso sikole ukuze ngikhululeke kulesi simo. Ngafunda okuningi kulesi sihloko. Manje ngiyazi ukuthi yini okufanele ngiyenze lapho ngisebenzelana nabobulili obuhlukile.
T. G., Portugal
Ngangihlukunyezwa ngokobulili futhi ngisongelwa umuntu engisebenza naye. Njengoba ngaxhashazwa lapho ngisemncane, ngokuvamile ngikuthola kunzima ukuzivikela. Nokho, ngamcela ngokuphindaphindiwe ukuba angiyeke. Ekugcineni ngamceba kubaqashi bethu, khona-ke wayesengiyeka. Ngisazisa ngempela lesi sihloko. Abesifazane kudingeka bayazi indlela yokusingatha lenkinga.
V. A., United States