Uthando LobuKristu Phakathi Nezinhlekelele EMexico
IPHEPHANDABA laseMexico City labika: “Phakathi nezinsuku ezingu-20 ezidlule, izenzakalo ezingokwemvelo—iziphepho nokuzamazama komhlaba—ziye zabhubhisa zonke izindawo ezisogwini lwaseMexico zishiya ngemuva ukufa nencithakalo.”—El Financiero, October 17, 1995.
Ekuqaleni kuka-October iSiphepho u-Opal senza umonakalo omkhulu ezifundeni zaseMexico iCampeche, iQuintana Roo, neTabasco. Kwafa abantu abangaba u-200, kwalimala abangaphezu kuka-150, abangu-500 000 balahlekelwa impahla, futhi izinkulungwane zamakhaya zonakala noma zashatshalaliswa ngokuphelele.
Kwathi lapho ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseMexico lizwa ngalomonakalo, lathumela othile ukuba ayothola ukuthi babephila kanjani oFakazi kulezi zindawo ezithintekile. Kwatholakala ukuthi abangaphezu kuka-2500 babephoqeleke ukuba bashiye izindlu zabo. Bamukelwa ngomusa emakhaya oFakazi abakanye nabo.
Kwahlelwa izikhungo zezinto zosizo. Labo ababeswele banikwa ukudla, okokugqoka, nemali. Ngemva kokuba amanzi ezikhukhula esebohlile, oFakazi baqala ukwakha kabusha amakhaya abafowabo abangamaKristu.
Ngo-October 9, ukuzamazama komhlaba okunamandla okunesilinganiso esingu-7,6 esikalini sikaRichter konakalisa izifunda zaseMexico iColima neJalisco. AmaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova angu-8 onakala kakhulu. Izindlu zabo ezingu-12 zawa, futhi konakala ezingaba ngu-65. Kwaphinde kwahlelwa ikomiti yezinto zokusiza, futhi kwanikezwa usizo.
Kwathi ngo-October 20, kwagadla okunye ukuzamazama komhlaba, kuzamazamisa isifunda saseChiapas. Izindlu zoFakazi abangu-88 abengeziwe zacekelwa phansi, futhi ezingu-38 zonakala kakhulu. AmaHholo OMbuso amabili aba incithakalo ngokuphelele, futhi amanye amane onakala kakhulu. Cishe ngesikhathi esifanayo, esifundeni saseVeracruz izikhukhula ezihambisana neSiphepho uRoxanne zonakalisa amakhaya oFakazi abangaba ngu-80. Izindlu ezine zacekelwa phansi ngokuphelele. Isikhwama semali yosizo esasungulwa oFakazi BakaJehova sabuye sanikeza usizo ngokushesha kulezi zisulu.
Nakuba abanye oFakazi balimala futhi baphuka amathambo, akekho owashona kulezi zinhlekelele ezingokwemvelo. Sekukonke, kwathunyelwa amathani angu-24 okudla namathani amane okokugqoka kulabo ababeswele. Abaningi ababebukele bawuncoma lomsebenzi wokusiza. Owesifazane othile eColima wathi: “Ngangike ngezwa nje ukuthi oFakazi BakaJehova banobunye obukhulu, kodwa manje ngikubona ngawami amehlo.”
Ngokuphathelene noFakazi nomsebenzi wabo wokusiza, izikhathi eziningi abantu babethi: “Laba bangabazalwane ngempela.” “Bayiqembu elihleleke kangcono.” Abanye baze bazwakala bethi: “Uma wonke amaqembu osizo ayezosiza ayesebenza njengoFakazi BakaJehova, lonke idolobha ngabe selihlanzekile.”
Manje oFakazi abangaphezu kuka-440 000 bahlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabantu abahlala nabo eMexico. Uthando abalubonakalise ngomunye nomunye phakathi nalezi zinhlekelele ezingokwemvelo zamuva lunikeze ubufakazi obunamandla.—Johane 13:34, 35.