Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 4/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugula Okwandulela Ukuya Esikhathini—Inganekwane Noma Iqiniso?
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okushiwo ISifihla-buso
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 4/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

I-PMS Kumelwe ngizwakalise ukubonga kwami okuqotho kini ngokunyathelisa isihloko esithi “Ukugula Okwandulela Ukuya Esikhathini—Inganekwane Noma Iqiniso?” (August 8, 1995) Ngiye ngathandazela ukuthola isihloko esinjengalesi, ngoba ngangingaqondi ukuthi kungani ngiba nemizwa yokucindezeleka enjalo nyanga zonke. Lapho ngifunda lesi sihloko, ngakhululeka kakhulu; manje ngiyaqaphela ukuthi inkinga yami ayibangelwa ubuthakathaka obungokomoya.

Y. E., Jamaica

Nginesikhathi eside kakhulu ngiphethwe i-PMS, kodwa ngaso sonke isikhathi ngangiyikhipha engqondweni ngokuthi okuthile nje okudingeka ngibhekane nakho. Lesi sihloko singisize ukuba ngiqaphele ukuthi i-PMS iyinkinga yangempela, ekufanelekele ukuba kuxoxwe ngayo.

Y. M., England

I-PMS yami iye yabangela ukucindezeleka kwangempela enganeni yami nakumyeni wami iminyaka engaba ngu-12. Lesi sihloko sizichaze ngokuphelele izimpawu enginazo! Okungenze ngajabula ngokukhethekile kube ukusabela komyeni wami ongeyena uFakazi, ovame ukuyigxeka kakhulu i-Phaphama! Ubonise isithakazelo esikhulu kulesi sihloko futhi wathi, ‘Ngiyajabula ukuthi sinalesi sihloko.’

K. O., Japan

Ukuphinga Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ukuphinga—Ingabe Kufanele Uthethelele Noma Ungathetheleli?” (August 8, 1995) Ngemva kweminyaka eminingi yokuphathwa kabi, ngenza isehlukaniso esingokomBhalo nomyeni wami. Nakuba kunjalo, abanye abantu bangenza ngazizwa nginecala ngokwenza kanjalo, futhi kwadingeka ukuba ngilwe nalomuzwa iminyaka eminingi. Ngaze ngacabanga nokuthi uJehova wayengilahlile. Nokho, lesi sihloko sizwakalise eminingi yemizwa enginayo, futhi siye sangikhuthaza kakhulu.

A. K., Czech Republic

Izifihla-buso Zase-Afrika Isihloko senu esithi “Okushiwo Isifihla-buso” (August 8, 1995) sibe esifundisa kakhulu. Nithe kuso amaKristu eqiniso awanakuzigcina izifihla-buso ezinjalo. Kodwa kuthiwani ngezifihla-buso ezenzelwe ukuba zibe yizikhumbuzo nje noma ezingakaze zisetshenziselwe izinjongo ezingokwenkolo?

J. A., United States

Isihloko sethu sakhuluma ngokukhethekile ngezifihla-buso ezazenzelwa izinjongo ezingokwenkolo yamanga. Siyaqaphela ukuthi “kunomehluko omkhulu phakathi kwezifihla-buso ezisetshenziswa ekukhulekeleni nalezo ezifana nazo ezibazelwe ibhizinisi lezokuvakasha.” Emazweni aseNtshonalanga, izifihla-buso ezinjalo ezenzelwe ezentengiselwano zingase zingabi nencazelo engokwenkolo ngokuphelele kodwa zingase zibhekwe njengokuthile kobuciko okwenzelwe ukuhlobisa. Ngakho-ke umKristu ngamunye kuzodingeka enze isinqumo somuntu siqu ngokuphathelene nokuthi angahlobisa yini ngezifihla-buso ezinjalo, ecabangela umphumela ukwenza kanjalo okungase kube nawo konembeza babanye. (1 Korinte 10:29)—ED.

Ubhejane Ngithande ukuzwakalisa ukwazisa kwami nokuncoma ngekhono lenu lokwenza ukwaziswa okungabalulekile kujabulise—ngisho nakumuntu onjengami ongazange ajwayele ukufundela ukuzijabulisa. Ngisanda kuqeda nje ukufunda isihloko esithi “Isilwane Esinalezo Zimpondo Eziyigugu.” (August 8, 1995) Ngokuvamile ngiqala ukufunda izihloko ezinjengalesi ngenxa yokuba ngizizwa ngiphoqelekile ukwenza kanjalo. Nokho, ekugcineni, ngihlale ngimangazwa indlela okujabulisa ngayo ukuzifunda!

J. M., United States

Indaba KaCeleste Jones Bengilokhu ngifunda omagazini benu iminyaka engu-17. Ngemva kokufunda okuhlangenwe nakho kukaCeleste Jones esihlokweni esithi “Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu” (June 22, 1995), kudingeke ukuba ngibhale ngizwakalise ukwazisa kwami.

M. M., Colombia

UCeleste Jones washona ngo-October 27, 1995. Ngaphambi kokufa kwakhe wathola izincwadi eziningi ezivela kubafundi emhlabeni wonke bembonga ngokuhlanganyela nabo okuhlangenwe nakho kwakhe.—ED.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela