Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 4/8 k. 31
  • Ukufinyelela Abantu Ngokukhuluma Ngezandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufinyelela Abantu Ngokukhuluma Ngezandla
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuphaphamele Ukuthola Abantu Abayizithulu Ensimini Yenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • ‘UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izithulu Zidumisa UJehova
    I-Phaphama!—1997
  • Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 4/8 k. 31

Ukufinyelela Abantu Ngokukhuluma Ngezandla

KUSUKELA ngo-June 1995 kuqhubeke phakathi nabo bonke ubusika, oFakazi BakaJehova ensimini yegatsha lase-United States baba nemihlangano yesigodi engu-181 enesihloko esithi “Abadumisi Abajabulayo.” Kwemibili yalemihlangano—omunye empumalanga nomunye entshonalanga—sonke isimiso sasinikezwa ngokuqondile ngolimi lwezandla lwaseMelika. Ngakho ukuzwakala kwesimiso kwathuthukiswa kakhulu—ngoba ukukhuluma ngokuqondile nezithulu ngezandla kuqondakala kangcono kunokuhumusha ususela emazwini.

Kwakukhona izihambeli zomhlangano zasemabandleni angu-11 abakhuluma ngezandla namaqembu angaba ngu-30 abakhuluma ngezandla akulo lonke elase-United States. Kodwa kwakukhona nezihambeli zaseBrithani, eCanada, eDenmark, eDominican Republic, e-Ecuador, eJalimane, eJapane, eMexico, eNorway, ePuerto Rico, naseRussia. Ngakho, kwakunomoya wezizwe ngezizwe.

Kwalungiselelwa ama-video ukuze lesi simiso sibonwe kumathelevishini axhunyanisiwe. Nokho, iningi lezihambeli zomhlangano laliyizithulu futhi liyizimpumputhe. Laba bantu babeyozuza kanjani kulesi simiso? Kwakushukumisa inhliziyo ngempela ukubona izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kwekhulu zishintshana ekudluliseleni kubo isimiso sosuku ngalunye ngokuhumusha (ngokuthinta) izandla.

Kulemihlangano emibili, abangu-36 babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu ngokubhapathizwa. Esinye isenzakalo esivelele kwakuyidrama ethi Ukwazisa Abafanelekayo Eminyakeni Yabo Yobudala. Yeka ukuthi kwakuvusa amadlingozi kanjani ukuba yonke ledrama inikezwe ngolimi lwezandla, kunikezwa amalungu ayizithulu ithuba lokuba abe nengxenye enkulu ekuyinikezeni!

Khona-ke kwalandela ukukhululwa kwensiza-kufundisa yeBhayibheli entsha ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ababesemhlanganweni bajabula kakhulu lapho bezwa ukuthi uhlelo lwalencwadi lolimi lwezandla lwalutholakala ngekhasethi le-video! Umqulu 1, owakhululwa kulomhlangano, uqukethe izahluko ezintathu zokuqala. Eminye imiqulu emihlanu izolandela. “Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngale-video entsha,” kuphawula isihambeli esithile sase-Ohio. “Izosisiza ukuba sisheshise umsebenzi emasimini abayizithulu.”

Abangu-2621 ababekhona kulemihlangano emibili baya emakhaya beqabulekile ngokomoya. Babezimisele kunanini ngaphambili ukwenanela amazwi omhubi: “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!”—IHubo 150:6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela