Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 4/8 k. 9-k. 11 isig. 8
  • Ingabe Izinsuku Zenkolo Zibaliwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izinsuku Zenkolo Zibaliwe?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izinsuku Zokugcina Zenkolo?
  • Ukwanelisa Ukuntula Okungokomoya
  • Inkolo Yeqiniso Ibaluleke Kunanini Ngaphambili
  • Ukugqashula Enkolweni Yamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingxenye 24: Manje naphakade Ubuhle Baphakade Benkolo Yeqiniso
    I-Phaphama!—1990
  • Usuyitholile Yini Inkolo Yeqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 4/8 k. 9-k. 11 isig. 8

Ingabe Izinsuku Zenkolo Zibaliwe?

“Umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”

U-ISAYA, UMPROFETHI WAKWA-ISRAYELI WEKHULU LESI-8 B.C.E.

UMPROFETHI ongumHeberu u-Isaya wabikezela kanjalo ukuthi ngolunye usuku bonke abantu emhlabeni bayohlangana ekukhulekeleni uNkulunkulu uMninimandla onke. Nokho, namuhla ithemba elinjalo lingase libonakale likude kunanini ngaphambili.

Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, amavukela-mbuso angamaKhomanisi eRussia ayekholelwa ukuthi ukuqedwa kwenkolo kwakuyisinyathelo esidingekayo sokukhulula abantu besigaba esiphansi. Ayethi ukungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu ‘kwakuyokhulula uquqaba lwezisebenzi emthwalweni wobandlululo nenkohliso yangesikhathi esidlule.’ Ngo-1939, uStalin wayesenciphise inani lamasonto obu-Orthodox ayesebenza eSoviet Union laba yikhulu, uma kuqhathaniswa nangaphezu kuka-40 000 ngaphambi kuka-1917.

UHitler futhi wayebheka inkolo njengesithiyo endleleni yakhe yokuzuza amandla ngokuphelele. Wake wathi: “Umuntu ungumKristu noma ungumJalimane. Akanakuba yikho kokubili.” Wayehlose ukuziqeda kancane kancane zonke izinhlobo zokukhulekela ayengenakuzilawula. Ukuze afeze lowo mgomo, amaNazi asungula eyawo imithandazo engokwenkolo, imikhosi, ubhapathizo, ngisho nezinkonzo zemingcwabo. UHitler wayengumesiya wawo, futhi izwe lendabuko lalingunkulunkulu wawo. Noma yiluphi unya lwalungenziwa uma kwakuthanda uHitler.

Ingabe Izinsuku Zokugcina Zenkolo?

UStalin noHitler abaphumelelanga emkhankasweni wabo wokuvimbela inkolo. Kodwa manje, ukunganaki kubonakala sekuthathe indima yokubusa ngobushiqela. Lesi senzakalo asibamangalisi abafundi beBhayibheli. Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu ukuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu babeyoba “abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1-4.

Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi lezi ‘zinsuku zokugcina,’ eziphawuleka ngokungabi nandaba nenkolo, zaziyoba isandulela sokuphela kwayo yonke inkolo? Cha. Kunokuba libikezele ukuphela kwayo yonke inkolo, iBhayibheli lichaza ukuthi inkolo yamanga—enikezwa igama elingokomfanekiso elithi iBabiloni Elikhulu—izophela.a Incwadi yesAmbulo ithi: “Ingelosi enamandla yaqukula itshe elinjengetshe lokugaya elikhulu yalijikijela olwandle, ithi: ‘Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyojikijelwa phansi ngomjikijelo osheshayo, futhi alisoze laphinde litholakale.’”—IsAmbulo 18:21.

Nokho, ukuphela kwenkolo yamanga ngeke kuphumele ezweni elingenaNkulunkulu. Ngokuphambene, iHubo 22:27 liyaprofetha: “Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.” Cabanga nje ngesikhathi lapho ‘izizukulwane zonke zezizwe’ ziyohlangana ndawonye ekukhulekeleni uNkulunkulu oyedwa weqiniso! Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, leso sithembiso esimangalisayo siyogcwaliseka ngokujabulisayo. (Mathewu 6:10) Lapho leso sikhathi sifika, inkolo—inkolo yeqiniso—iyobaluleka kakhulu. Kodwa kuthiwani ngesikhathi samanje?

Ukwanelisa Ukuntula Okungokomoya

Ukuntula okungokomoya okudlangile namuhla eYurophu kufana nesimo saseMbusweni WamaRoma wekhulu lokuqala. Isazi-mlando uWill Durant sichaza indlela ubuKristu bekhulu lokuqala obahlangabezana ngayo ngokuphumelelayo nesidingo esingokomoya sangaleso sikhathi: “Phakathi nokuwohloka kokuziphatha kobuqaba, phakathi nokungabi nabungane kwamaStoyiku nokonakala kwama-Epikhuru, ezweni eligcwele unya, isihluku, ukucindezela, nesiyaluyalu esingokobulili, embusweni ozolile owawubonakala ungasakudingi ukubuswa ngesandla esiqinile noma onkulunkulu bempi, baletha ukuziphatha okusha kobuzalwane, umusa, isizotha, nokuthula.”

Ukuntuleka kokuziphatha nokungokomoya ekuphileni kwabantu esikhathini sethu kungagcwaliswa ngesigijimi esifanayo esinamandla esashunyayelwa kuwo wonke uMbuso WamaRoma amaKristu okuqala. Futhi bakhona abezwayo. Abantu abaningi baseYurophu, nakuba ngaphandle bengayithandi inkolo, basenawo umuzwa wokuthi uNkulunkulu unendima ebalulekile ekuphileni kwabo. Kungenzeka abasayi ezinkonzweni ezivamile zesonto, kodwa abanye baye bakwanelisa kwenye indawo ukuntula kwabo okungokomoya.

UJuan José, insizwa yasePalma de Mallorca, eSpain, wafunda esikoleni samaKatolika futhi wayekhonza e-altare waze waba neminyaka engu-13 ubudala. Wayeya eMiseni njalo ngamaSonto nomkhaya wakubo, kodwa wayeka ukuya esontweni lapho esevé eminyakeni eyishumi nambili. Ngani? “Phakathi kokunye, ukuya eMiseni kwakungibangela isithukuthezi,” kuchaza uJuan José. “Ngangiyazi ngenhliziyo imidanti yokukhulekela. Konke kwakubonakala kuyimpinda yalokho engangikuzwile ngaphambili. Ngaphezu kwalokho, umpristi wesifunda sethu ngokuvamile wayesiphatha ngokhahlo thina esasikhonza e-altare. Futhi ngangicabanga ukuthi kwakungalungile ukuba abantu abampofu bakhokhele umpristi ukuze aqhube inkonzo yomngcwabo.

“Ngangisakholelwa kuNkulunkulu, kodwa ngangicabanga ukuthi ngingamkhonza ngeyami indlela, ngaphandle kwesonto. Ngikanye neqembu labangane bami, ngazama ukujabulela ukuphila kakhulu ngangokunokwenzeka. Ngicabanga ukuthi ungasho ukuthi ukuzijabulisa kwaba into eza kuqala ekuphileni kwami.

“Kodwa lapho ngineminyaka engu-18 ubudala, ngaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Yini abanginikeza yona engangingayitholanga esontweni? Ukholo oluqinile olusekelwe eBhayibhelini kunasesikweni ‘nasezimfihlakalweni’ engangingaziqondi. Nokho, izinkolelo zami ezintsha zaletha ushintsho olukhulu kimi. Esikhundleni sokuchitha zonke izimpelasonto ngihlela imicimbi ema-disco, ngaqala ukuya endlini ngendlu ukuze ngihlanganyele nomakhelwane bami ukholo lwami olusha. Ukuhlanganyela ngentshiseko ekusizeni abanye kwanginikeza injongo ekuphileni. Bengilokhu ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova kusukela eminyakeni engu-7 edlule.”

Akuyona intsha kuphela efuna ukwanelisa ukuntula kwayo okungokomoya. U-Antonia, owesifazane osekhulile wase-Extremadura, eSpain, uthi wachitha ingxenye enkulu yokuphila kwakhe “efuna uNkulunkulu.” Lapho esemncane, wayeya eMiseni zonke izinsuku futhi ekugcineni wangena endlini yezindelakazi zamaKatolika, njengoba ayekholelwa “ukuthi uma uNkulunkulu engenakutholakala endlini yezindelakazi, akanakutholakala ndawo.” Kodwa eminyakeni emithathu kamuva wahamba endlini yezindelakazi, esangulukile futhi elambatha kunanini ngaphambili.

Ekugcineni, lapho eneminyaka eyevile kwengu-50 ubudala, waba omunye woFakazi BakaJehova. Uyachaza: “Ngajabula kakhulu lapho oFakazi bengivakashela futhi bephendula imibuzo yami ngeBhayibheli lami siqu. Selokhu ngaba omunye woFakazi BakaJehova, ukuphila kwami sekunenjongo. Nginezinkinga, kodwa ngingabhekana nazo ngoba sengitholé uNkulunkulu weqiniso.”

Akukhona kuphela lokhu okuhlangenwe nakho okubili. Emelana nomkhuba wenkolo, amanani andayo abantu ahlanganyela noFakazi BakaJehova futhi aye athola ukuthi ukuphila ngokuvumelana nokholo lwawo nokushumayela ngalo kwabanye kunikeza injongo ekuphileni kwawo.

Inkolo Yeqiniso Ibaluleke Kunanini Ngaphambili

Nakuba siphila esikhathini lapho abaningi beyenqaba khona inkolo, kungaba ubuwula ukwahlulela yonke inkolo ngokuthi ayinalusizo. Yiqiniso, ekhulwini lama-20, abantu balahla imfundiso eyize eyimicikilisho futhi ephelelwe isikhathi nengeyona engokombhalo, futhi bakuhleka usulu ukusonta ngenxa nje yokubukeka kwangaphandle. Eqinisweni, iBhayibheli litusa ukuba siyigweme inkolo ezenzisayo. Umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” abanye abantu ‘babeyoba nesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa babeyozibonakalisa bengathembekile emandleni ako.’ Abantu abanjalo babonakala ngaphandle bethanda inkolo, kodwa ukuziphatha kwabo kuyabuphikisa ubuqiniso balokho. Kufanele sisabele kanjani ebuzenzisini benkolo obunjalo? UPawulu waluleka: “Bafulathele laba.”—2 Thimothewu 3:1, 5.

Kodwa futhi uPawulu wathi “inkolo ithela imivuzo emikhulu.” (1 Thimothewu 6:6, New English Bible) UPawulu wayengakhulumi nganoma iyiphi nje inkolo. Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “inkolo” kwakungelithi eu·seʹbei·a, elisho “ukuzinikela noma ukuhlonipha uNkulunkulu.” Inkolo yeqiniso, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kweqiniso, “kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.

Njengoba izibonelo ezishiwo ngenhla zibonisa, inkolo yeqiniso ingasinikeza injongo ekuphileni futhi isisize ukuba sibhekane nezinkinga ngesibindi. Ngaphezu kwalokho, inkolo yeqiniso iqinisekisa ikusasa elingunaphakade. Lolo hlobo lokukhulekela kufanele siluphishekele, njengoba siqinisekiswa ukuthi ekugcineni ‘luyogcwalisa umhlaba.’b (Isaya 11:9; 1 Thimothewu 6:11) Ngokuqinisekile, manje yisikhathi lapho inkolo yeqiniso ibaluleke kunanini ngaphambili.

[Imibhalo yaphansi]

a IBhayibheli lisebenzisa umuzi waseBabiloni lasendulo njengomfuziselo wombuso wezwe wenkolo yamanga, ngoba imiqondo eminingi engokwenkolo engeyona engokombhalo yaqala kulomuzi. Emakhulwini eminyaka adlule lemiqondo yobuBabiloni yasabalalela ezinkolweni ezinkulu zezwe.

b Ukuze uthole ukuningilizwa kokuthi ungayibona kanjani inkolo yeqiniso, bheka isahluko 5 esithi “Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?” encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, eyanyatheliswa ngo-1995 i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10]

Indaba Yezakhiwo Ezimbili

ISpain igcwele izakhiwo zenkolo, kodwa intshiseko eyayivamile lapho kwakhiwa amasonto abizayo kubonakala sengathi isiphelile. Ngokwesibonelo, eMejorada del Campo, emaphethelweni eMadrid, kwakhiwa isonto elikhangayo lamaKatolika. UJusto Gallego Martínez, owayeyindela yesigaba sikaBenedict, waqala lomsebenzi eminyakeni engaba ngu-20 edlule. Kodwa lesi sakhiwo asikapheli. UMartínez, owukuphela kukamakhi, usevile eminyakeni engu-60 ubudala, ngakho akubonakali ukuthi leli sonto liyoke liphele. Nokho, ebangeni eliqhele ngamakhilomitha angu-300 eningizimu, kwenzeka okuthile okuhlukile.

“Ukholo Lugudluza Izintaba” kwakuyindlela iphephandaba lendawo elakuchaza ngayo ukwakhiwa ngezinsuku ezimbili kweHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova eMartos, eJaén, eSpain. “Kwenzeka kanjani,” kubuza leli phephandaba lendawo, “ukuthi kulelizwe lamanje elisekelwe ebugovwini, izisebenzi zokuzithandela ezivela ezifundeni ezihlukahlukene [zaseSpain] zize ngokuzithandela eMartos ukuze zakhe isakhiwo esiqophe umlando ngokushesha, ngobuhle, nangokuhleleka?” Siphendula lombuzo, lesi sihloko sacaphuna amazwi esinye sezisebenzi zokuzithandela: “Iqiniso liwukuthi singabantu abafundiswa uJehova.”

[Izithombe ekhasini 10]

IMejorada del Campo

IHholo LoMbuso eMartos

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela