Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 3/8 k. 32
  • “Baye Baba Bahle Kakhulu!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Baye Baba Bahle Kakhulu!”
  • I-Phaphama!—1996
I-Phaphama!—1996
g96 3/8 k. 32

“Baye Baba Bahle Kakhulu!”

“Bengilokhu ngikujabulela ukufunda INqabayokulinda ne-Phaphama!, kodwa eminyakeni yamuva baye baba bahle kangangokuba kunzima ukuthola iziphawulo zokubachaza. Bengifuna ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngokwaziswa okunikezwe kuyi-Phaphama! ka-October 22 neka-November 8, 1994, ngaphansi kwesihloko esithi “Lapho Inkolo Ithatha Uhlangothi Empini” nesithi “ISarajevo—Kusukela Ngo-1914 Kuya Ku-1994.” Impi yombango ehilela iBosnia neSerbia neCroatia iyisimo esiyinkimbinkimbi nesihlasimulisayo kodwa enginomuzwa ojulile ngaso njengoba ngingumuntu waseCroatia. Ngathanda ngokukhethekile indlela enalandelela ngayo umlando wengxabano nomnyombo wayo kuze kufinyelele emuva onyakeni ka-1054. Lokhu kukhanyise indima yenkolo nemizamo yayo ephikelelayo eye yaholela ekuhlukaneni okwengeziwe nasenzondweni phakathi kwalamaqembu ezizwe. Ngokudabukisayo, namuhla izwe lingabona okubi kakhulu kuphela kulaba bantu abalungile ngokwemvelo. Ngiyabonga futhi ngokwenza isimo esingaqondakali siqondakale. [Isayiniwe] M. K.”

I-Phaphama! iye yazakhela idumela ngokucwaninga ngokucophelela nokubika okunenjongo. Kodwa ibuye ibe umagazini onikeza ithemba lekusasa elinokuthula elisekelwe esithembisweni sikaNkulunkulu sokuletha umhlaba ngaphansi kobubusi boMbuso wakhe.

Uma ungathanda ukufunda lomagazini njalo, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele ekhelini elifanele ekhasini 5 lalomagazini.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Right: Culver Pictures

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela