INkundla Yezemidlalo Nesiprofetho SeBhayibheli
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY
UMBHALO oqoshiwe wasendulo otholakala eNkundleni Yezemidlalo yaseRome, e-Italy, ungase ngandlela-thile uqinisekise isiprofetho seBhayibheli esiphathelene nokubhujiswa kweJerusalema. Ngokusobala lombhalo oqoshiwe umayelana nokwakhiwa nokuvulwa ngokomthetho kweNkundla Yezemidlalo ngo-80 C.E. Njengoba uqoshwe kabusha uProfesa uGéza Alföldy wase-University of Heidelberg, eJalimane, lombhalo ufundeka kanje: “UMbusi uTitus Vespasian Caesar Augustus wenza ukuba inkundla yezemidlalo entsha yakhiwe ngalokho okwatholakala empangweni.” Yiphi impango?
“Sikhuluma ngempango enkulu kakhulu eyathathwa uTitus empini yakhe namaJuda,” kusho u-Alföldy, “futhi ikakhulukazi, impahla yegolide” yethempeli laseJerusalema. Leli thempeli labhujiswa ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu. (Mathewu 24:1, 2; Luka 21:5, 6) U-Alföldy uphetha ngokuthi leNkundla Yezemidlalo—kanye noMphongolo wodumo kaTitus, obonisa abanqobi abangamaRoma bethwele impango ethathwe empini yamaJuda—iyisikhumbuzo salokhu kunqoba okungokomlando kwamaRoma.