Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 2/22 k. 32
  • Adonsa Ukunakekela Kwakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Adonsa Ukunakekela Kwakhe
  • I-Phaphama!—1996
I-Phaphama!—1996
g96 2/22 k. 32

Adonsa Ukunakekela Kwakhe

Ngo-May 1995 owesifazane othile waseNew York City wabhalela indlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.

Wachaza:

“Ngangehla ngo-East 124th St., phakathi kuka-First no-Second Avenue. Kwenzeka ukuba ngibheke phansi, futhi umoya wawuphephula amapheshana athile. Ngagoba futhi ngacosha amathathu amapheshana enu, athi Induduzo Ngabacindezelekile, Jabulela Ukuphila Komkhaya, nelithi Ubani Ngempela Obusa Izwe? Ngawafunda ngawaqeda futhi ngawajabulela kakhulu.

“Ngingakwazisa kakhulu uma ningaba nomusa futhi ningithumelele ukwaziswa okumayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Futhi, uma kungenzeka, ngingathanda ukuthola ezinye zezincwadi zenu. Kwaba isibusiso kimi ukuba iNkosi elungile ibeke lamapheshana amathathu phambi kwendlela engangihamba kuyo ukuze ngiwathole. Ngempela iNkosi isebenza ngezindlela ezingaqondakali.”

Uma ungathanda ukufunda lamapheshana avusa ukunakekela noma ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela