Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukubuka Okwezwe Omagazini benu baya bethakazelisa ngokwengeziwe. Bakhuluma ngazo zonke izinhlobo zezindaba—izenzakalo zamuva, ezemidlalo, isayensi, nokunye. Ingosi ethi “Ukubuka Okwezwe” ithakazelisa ngokwedlulele. Ngicabanga ukuthi uma izindaba ze-TV bezisekelwe kulengosi, beziyothakazelisa kakhulu nangokwengeziwe.
R. S., Italy
Ngizazisa ngempela izihloko ezihlanganiswa engosini ethi “Ukubuka Okwezwe.” Esasingithinta ngempela yileso esasikumagazini ka-April 22, 1995. Leso sihloko sasithi “Yini Eyenza Othisha Bathandwe?” Sathi abafundi abamane nje bathande othisha ababanika umsebenzi wasekhaya omncane, kodwa bathanda othisha abanomusa, abanakekelayo, nabangakhethi. Lelo iqiniso! Ngiye ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi kothisha abathanda abafundi abaziwayo ukuze nabo bathandwe. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, othisha abanjalo abaqhubeki bethandwa. Ngiyaphinda ngiyabonga ngalokhu kwaziswa okuwusizo.
L. K., United States
Izibikezelo Zamanga Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Izibikezelo Zamanga Noma Isiprofetho Seqiniso—Ungawubona Kanjani Umehluko?” (June 22, 1995) Nakuba ngiye ngatadisha iBhayibheli nsuku zonke iminyaka engu-42 futhi ngiye ngazama ukungenisa ukwaziswa ngesibonakaliso sezinsuku zokugcina, ngingasho ukuthi ukubukeza okucacile enikunikezile kwayo yonke imibhalo ephathelene nalendaba kungisize ngempela. Niye nenza ukuba lendaba ikhumbuleke kalula. Kube ukudla okuhle kakhulu okungokomoya!
M. B., United States
Ukweba Ngineminyaka engu-13, futhi nganginenkinga yokweba. Ngangiye ngebe imali, noma ngiye esitolo ngifike ngebe ishungama. Ngangifuna ukuyeka, kodwa akukho okwasiza kwaze kwaba yilapho ngithola i-Phaphama! ka-June 22, 1995, futhi ngivula isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukweba—Kungani Kungafanele?” Sangithinta ngempela. Sangisiza ukuba ngithandaze kuJehova futhi ngazi ukuthi wayeyongithethelela ngezinga elikhulu. Ngifuna ukuba seMbusweni kaNkulunkulu, futhi ngiyazi ukuthi abantu abebayo ngeke babe khona kuwo. Ngiyabonga ngokuthi ninyathelise lesi sihloko.
J. A., Canada
Ngineminyaka engu-23 futhi ngiboshiwe ngenxa yokweba. Kwaqala ngenxa yokucindezela kontanga. Babefuna ukuba ngiphange othile, futhi kusukela lapho izinto zaya ziba zimbi. Lesi sihloko siqinisile ngempela. Ngithemba nje ukuthi abantu abasha bazolalela lesi seluleko ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu. Ngaleyo ndlela, bangagwema ukuphelela lapho ngikhona—ejele.
M. S., United States
Indaba Yokuphila Ngisanda kuqeda nje ukufunda isihloko esithi “Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu.” (June 22, 1995) Ukufunda ngendlela uCeleste Jones aphathwa kabi ngayo amalungu omkhaya—nakuba kunjalo walondoloza ukholo lwakhe futhi wakhuthazela—kungenze ngathembisa ukuthi ngiyozama ngangokusemandleni ami ukuba ngingaphinde ngikhononde ngezinkinga zami siqu zempilo.
J. P., United States
Njengomuntu okhubazeke kangcono ngandlela-thile kunoCeleste Jones, nginombono wesibindi esiye sadingeka ukuze akwazi ukuhlala egxilile. Ngibonga ngokukhethekile bonke abaye basiza uCeleste ngesineke futhi bemnika ukunakekela okudingekayo ukuze afeze inkonzo yakhe.
W. R., Canada
Lesi sihloko siye sangithinta. Siye saqinisa ukholo lwami futhi sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi indlela ephumelela kakhulu yokusiza omakhelwane bethu iwukushumayela kubo ngazo zonke izindlela esingenza ngazo.
P. H. P., Nigeria
Ngashukunyiswa kakhulu futhi ngakhuthazwa okuhlangenwe nakho kukaCeleste. Ngiyaguga futhi ngiba nazo zonke izidubulo nezinhlungu ezihambisana nokuguga, kodwa okuhlangenwe nakho kwakhe kunginika amandla engeziwe okubhekana nazo.
M. R., Jamaica