Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 kk. 13-14
  • INkantolo Ephakeme YaseCanada Iqinisa Amalungelo Abazali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INkantolo Ephakeme YaseCanada Iqinisa Amalungelo Abazali
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Unegunya Lokukhetha
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Yikuphi Ukwelashwa Okukhethayo?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 kk. 13-14

INkantolo Ephakeme YaseCanada Iqinisa Amalungelo Abazali

NGOMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA

LAPHO ingane yenu inezinkinga ezingathi sína zempilo, njengabazali abanothando ngokwemvelo niyakhathazeka futhi nibe nexhala. Yeka indlela okuniqinisekisa nokuniduduza ngayo lapho odokotela abaphethe, abanesihawu behlonipha ukwelapha enikukhethayo! Nokho, kuye kuphakame izimo okuthathwa kuzo isinyathelo esithile ngendlov’ iyangena futhi izifiso zabazali zinganakwa. Ngokuvamile lokhu kuholela kokuhlangenwe nakho okubuhlungu kakhulu.

ECanada imithetho yezenhlalakahle yezingane igunyaza izikhulu zikahulumeni ukuba izibophe izingane. Izifundazwe ezine zivumela uhulumeni ukuba eqe izifiso zabazali ngaphandle kokuthethwa kwecala. Lokhu kubangela izimpikiswano ezibalulekile kubo bonke abazali nezingane. Yimuphi umkhakha wokwenza izinqumo ongowabazali? Uma uhulumeni ekhetha ukungenela ekwenzeni izinqumo kwabazali, iziphi izinyathelo okufanele zithathwe ukuze abazali nezingane bathole ubulungisa obuyisisekelo? Ingabe uMthetho-sisekelo uyakuvikela ukwenza izinqumo kwabazali?

Kuyi-Toronto Star ka-March 3, 1995, kwavela isihloko esasibukeza lezi zimpikiswano njengoba zazihlobene necala elihilela umntwana wentombazane owazalwa kungakabi isikhathi ngo-1983. Abazali bakhe babengoFakazi BakaJehova. “[Ba]bengamukela izindlela eziningi zokwelashwa kodwa benqaba ukumpontshelwa igazi. Odokotela bacela imvume yenkantolo. Umahluleli wanikeza i-Children’s Aid Society igunya phezu kwengane. Ingane ayizange ifakwe gazi kwaze kwaba ngemva kwamasonto amathathu, futhi lokhu kwakungenxa yokulungiselela ukuhlolwa kweso kokuzikhethela futhi mhlawumbe nokuhlinzwa kwalo. Abazali benqaba kwaze kwaba seNkantolo Ephakeme.”

Isigwebo sakhishwa ngo-January 27, 1995, futhi nakuba iNkantolo Ephakeme ingakulahlanga okwenziwa ngo-1983, abahluleli abahlanu kwabayisishiyagalolunye bakhipha iziqondiso zokuvimbela ukusetshenziswa kabi kwegunya lombuso. Isinqumo seNkantolo siqinisa amalungelo abazali okwenzela izingane zabo izinqumo zezokwelashwa.

Ngokukhethekile, iNkantolo yacabangela ukwenza izinqumo kwabazali ngombono wenkululeko yenkolo eqinisekiswa i-Canadian Charter of Rights and Freedoms. UMahlulel’ uGerard La Forest, omelela iningi, wathi: “Ilungelo labazali lokukhulisa izingane zabo ngokwezinkolelo zabo ezingokwenkolo, kuhlanganise nokukhetha indlela yokwelashwa, kuyisici esibaluleke ngokufanayo senkululeko yenkolo.”

Kungokokuqala ngqá ukuba inkantolo ephakeme yaseCanada inqume ukuthi inkululeko engokwenkolo ngaphansi kwe-Charter ihlanganise nelungelo labazali lokukhetha indlela yokwelashwa kwezingane zabo. UMahlulel’ uLa Forest wachaza lesi simiso lapho ethi: “Lokhu akusho ukuthi umbuso awunakungenela lapho ubona kudingekile ukuba ulondoloze inkululeko nokuzimela kwengane noma impilo yayo. Kodwa ukungenela okunjalo kumelwe kube okunobulungisa. Ngamanye amazwi, ukwenza izinqumo kwabazali kumelwe kuvikelwe i-Charter ukuze ukungenela kombuso kuqondiswe izinkantolo ngendlela efanele, futhi kuvunyelwe kuphela uma kuhambisana nezindinganiso okusekelwe kuzo i-Charter.”

UMahlulel’ uLa Forest wagcizelela isidingo sokuba ukungenela ekwenzeni kwabazali izinqumo kwenziwe ngobulungisa lapho ephendula inkulumo yabehluleli ababili akanye nabo: “Okunye kokuphawula kwabo kungase kuqondwe njengokusekela ukwephulwa kwamalungelo omzali ngoba nje udokotela ecabanga ukuthi kuyadingeka ukwenzenjalo. Bengiyokhathazeka kakhulu ukube odokotela bebekwazi ukunqoba imibono yomzali ngaphandle kokuveza isidingo salokho.”

Ukwenza isinqumo komzali ngokuphathelene nendlela yokwelashwa kwaphawulwa njengokuyilungelo elibalulekile kuyi-Canadian Charter of Rights and Freedoms. Ngaleyo ndlela, kwathunyelwa isigijimi esinamandla ezikhulwini zokunakekelwa kwempilo yengane nakubahluleli. Kumelwe balwele amalungelo omzali ngokuhlakanipha nangenhlonipho efanele. Odokotela abaphethe nabo bazozamukela lezi ziqondiso ngoba zisekela ukukhetha komzali ezinye izindlela zokwelapha ezinengqondo, ezihlanganisa ukwelashwa kwezingane ngaphandle kwegazi.

Ngenxa yempikiswano ekhona manje ngokumpontshelwa igazi nezingozi zakho ezaziwayo, kuhlanganise nengculaza, umuntu angayiqonda inkulumo kaMahlulel’ uLa Forest lapho enezela: “Ukukhathazeka okwazwakaliswa abazali abadlulise leli cala kuphakamisa umbuzo ovamile wokufaneleka kokuqhubeka nokusebenzisa izindlela zokwelapha ezinezinzuzo ezingabazeka kakhulu . . . Nokho, ubufakazi bezokwelapha obanikezwa ngo-1983 . . . abusivumeli ukuba singabaze isidingo sokumpontshelwa igazi, nakuba abanye uma bebheka osekwenzekile bengase balingeke ukwenze njalo. Nokho, lokhu kudluliswa kwecala kusikhumbuza isidingo sokwenza ngokucophelela lapho wenza lokho abazali abakwenqabayo.”—Omalukeke sizenzele.

Isihloko esikuyi-Toronto Star okukhulunywe ngaso ekuqaleni saphetha: “Yini efezwe isinqumo seNkantolo Ephakeme? Okokuqala, odokotela, abazali, nabezenhlalakahle nabehluleli manje sebeneziqondiso zalapho kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabazali nodokotela. Okwesibili, ukugcizelela izindlela ezihlukile zokwelapha kufanele kwenze ukuba kungabanjelelwa embonweni owodwa endabeni yokumpontshelwa ngesikhathi kuthuthukiswa ezinye izindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi futhi zitholakala. Okwesithathu, lapho kwenziwa isinqumo sokufuna ukuguqulwa kwesinqumo sabazali, kumelwe icala lithethwe ngendlela enobulungisa enkantolo nomthwalo ube phezu kukahulumeni nodokotela ukuba baveze ubufakazi bokuthi kuyadingeka ukungenela okusikiselwayo.”

Odokotela, abehluleli, nabazali kwamanye amazwe ngokungangabazeki bayozithola ziwusizo futhi zakha iziqondiso ezimiswe iningi esinqumweni seNkantolo Ephakeme YaseCanada. Kwethenjwa ukuthi odokotela yonke indawo bazoqhubeka belapha ngendlela enozwela nenobubele bekhathalela amalungelo ezingane nawabazali.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela