Indlela Yokubona Ubuhle Obusizungezile
“Kuzo zonke izilimi, amanye amazwi esiwasho sisebancane athi ‘ake ngibone!’”—UWilliam White, Jr.
INGANE encane egqolozele uvemvane olubhakuzayo, umbhangqwana osukhulile obuka ukushona kwelanga okukhazimulayo, owesifazane onakekela indlu owazisa ukuhlela kwakhe izimbali—bonke okwesikhashana bagxilise ukunakekela kwabo ebuhleni.
Njengoba ubuhle bendalo kaNkulunkulu bukuyo yonke indawo, akudingekile ukuba uhambe amakhilomitha angamakhulu ukuze ububone. Ukubukeka okwesabekayo kungase kube kude, kodwa ubuciko obuhlaba umxhwele bungatholakala endaweni yangakini uma ubufuna—kanti okubaluleke nakakhulu—uma wazi ukuthi kumelwe ubufune kanjani.
Ngokuvamile kuye kwaphawulwa ukuthi “ubuhle buya ngabantu.” Nokho, nakuba ubuhle bukhona, akuwona wonke umuntu oyobubona. Kungase kudingeke umdwebo noma isithombe ukuze sikhangeke. Eqinisweni, izingcweti eziningi zikholelwa ukuthi impumelelo yazo ixhomeke kakhulu ekhonweni lazo lokubona kunelokudweba. Incwadi kaMaurice Grosser ethi The Painter’s Eye, ichaza ukuthi “umdwebi udweba ngamehlo akhe, hhayi ngezandla zakhe. Kungakhathaliseki ukuthi yini ayibonayo, uma eyibona ngokucacile, angayidweba. . . . Ukubona ngokucacile kuyinto ebalulekile.”
Kungakhathaliseki ukuthi siyizingcweti noma cha, singafunda ukubona ngokucacile, ukuqaphela ubuhle obusizungezile. Ngamanye amazwi, kudingeka sizimisele ukubona izinto ngeso elisha.
Ngokuqondene nalokhu uJohn Barrett, umlobi wezesayensi yemvelo, ugcizelela ukubaluleka kokuhileleka komuntu siqu. Uthi: “Akukho okuthatha isikhundla sokuzibonela ngawakho, ukuthinta, ukuhogela nokulalela izilwane eziphilayo nezitshalo zisesimweni esingokwemvelo. Vumela ubuhle bugxile . . . Kungakhathaliseki ukuthi ukuphi, qala ubheke, ujabule bese uphinda ubheke.”
Kodwa yini okufanele siyibheke? Singaqala ngokufunda ukuqaphela izakhi ezine eziyisisekelo zobuhle. Lezi zakhi zingaqapheleka cishe kuzo zonke izici zendalo kaJehova. Lapho sizihlola ngokwengeziwe, kulapho siyobujabulela ngokwengeziwe ubuciko bakhe.
Ukubona Izakhi Zobuhle
Ukwakheka Nokuma. Siphila ezweni elinezinto ezakheke ngezindlela eziningi. Ezinye zinemidwa njengesixhobo soqalo noma ziyinkimbinkimbi njengolwembu lwesicabucabu, kuyilapho ezinye zingenakho ukwakheka njengefu elihlala liguquka. Ukwakheka kwezinto eziningi kuyakhanga, kungakhathaliseki ukuthi i-orchid yakwelinye izwe, ukusongeka kwegobolondo lesilwane sasolwandle, noma ngisho namagatsha esihlahla esiwohloke amaqabunga.
Lapho ukwakheka kwento kugcizelelwa, kwakha isimo esingase naso sikhange emehlweni. Ngokwesibonelo, cabanga ngeqoqo leziqu zezihlahla ehlathini. Indlela ezakheke ngayo—ngasinye sihlukile, kodwa sifana nezinye—yakha ukuma okujabulisayo. Kodwa ukuze uqonde ukwakheka nokuma kwazo, kumelwe kube nokukhanya.
Ukukhanya. Ukusakazeka kokukhanya kugqamisa ukwakheka kwezinto ezisikhangayo. Imininingwane iyaqokonyiswa, ukubukeka kuba nombala, bese kwakheka umuzwa othile. Ukukhanya kuyahluka kuye ngesikhathi sosuku, inkathi yonyaka, isimo sezulu, ngisho nendawo esihlala kuyo. Usuku oluguqubele nokukhanya kwalo okufiphele kukulungele kahle ukwazisa ukugqwala kwezimbali zasendle noma amaqabunga asenkwindla, kuyilapho amawa neziqongo zokhahlamba kubonakala kukuhle lapho kukhanyiswe ukuphuma noma ukushona kwelanga. Ukukhanya kwelanga okupholile, kwasebusika eNyakatho Nenkabazwe kuhambisana kahle nendawo enamadlelo. Ngakolunye uhlangothi, ilanga elishisayo lasemazweni aneshisandlu lenza ulwandle olungajulile lube indawo enhle yokubhukuda nge-snorkel.
Kodwa kusenesakhi esibalulekile esintulekayo.
Umbala. Wenza izinto ezihlukahlukene esizibonayo ezisizungezile ziphile. Nakuba indlela ezakheke ngayo ingase izihlukanise, umbala wazo uqokomisa ukungafani kwazo. Ngaphezu kwalokho, ukusakazeka kombala ngezindlela ezihambelanayo kwakha ubuhle bako. Kungase kube umbala ogqamile obomvu noma osawolintshi osikhangayo, noma othanda ukuba lufifi njengoluhlaza njengesibhakabhaka noma oluhlaza njengotshani.
Cabanga ngeqoqo lezimbali eziphuzi esikhaleni esithile. Ukukhanya kukhanyisa izimbali eziphuzi, ezibonakala sengathi ziyakhanya emoyeni wasekuseni, kuyilapho iziqu ezimnyama ezikhanyiswe ilanga lasekuseni zenza ingemuva elihle. Manje sesinomfanekiso. Okudingekayo manje ukuba “siwufake efulemini,” lapho kudingeka khona ukuhlela.
Ukuhlela. Indlela izakhi ezintathu eziyinhloko—ukwakheka, ukukhanya, nombala—ezihlangana ngayo inquma indlela yokuhlela. Futhi lapha thina, njengezibukeli, sinendima ebalulekile okumelwe siyifeze. Ngokuya phambili nje kancane, ukuhlehla, ukuya eceleni, phezulu, noma phansi, singashintsha izakhi noma ukukhanya emfanekisweni wethu. Ngakho singalinganisela umfanekiso ukuze uhlanganise izakhi esizifisayo kuphela.
Ngokuvamile, senza umfanekiso ngokuzenzakalelayo lapho sibona okuthile okuhle okuzungezwe izihlahla eziseduze noma uhlaza. Kodwa imifanekiso eminingi emihle, ngokwezinga elincane, ingase ibe ngaphansi kwezinyawo zethu.
Ukuqaphela Emincane Nemikhulu
Imisebenzi kaNkulunkulu emikhulu nemincane mihle, futhi injabulo yethu iyokwanda lapho sifunda ukubona imininingwane, nayo ehlangana ngokujabulisayo. Yakha imidwebo emincane egcwalisa imvelo. Ukuze siyazise, kudingeka sifole bese siyihlolisisa.
Lemifanekiso esemifanekisweni ichazwa umthwebuli wezithombe uJohn Shaw encwadini yakhe ethi Closeups in Nature: “Kuhlala kungimangalisa ukuthi ukuhlolisisa imininingwane yemvelo ngaso sonke isikhathi kubangela ukuhlolisisa okwengeziwe. . . . Siqale sibone umfanekiso omkhulu, bese kuba iqoqo lemibala kwelinye ikhona lefulemu. Ukuhlolisisa kubonisa imbali, futhi kwenye imbali sibone uvemvane. Amaphiko alo akheke ngendlela ecacile, lokhu kwakheka kuvezwa ukuhleleka okunembile kwamazinga amaphiko, futhi izinga ngalinye liphelele. Uma besingakuqonda ngempela ukuphelela kwalelo zinga lovemvane, mhlawumbe besingaqala ukuqonda ukuphelela komklamo oyimvelo.”
Ngaphandle kobuhle obusijabulisayo, ubuciko bemvelo—obukhulu nobuncane—bungasisondeza kuMdali wethu. “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone,” kunxusa uJehova. Ngokubuka, futhi sizibuze, kungakhathaliseki ukuthi sigxilisa amehlo ethu emazulwini anezinkanyezi noma kunoma iyiphi enye indalo kaNkulunkulu, sikhunjuzwa ngaLowo “odalile lezozinto.”—Isaya 40:26.
Amadoda Afunda Ukubona
Ezikhathini zeBhayibheli izinceku zikaNkulunkulu zazinesithakazelo esikhethekile endalweni. Ngokweyoku-1 AmaKhosi 4:30, 33, “ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga . . . Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari oseLebanoni kuze kube-kulo ihisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.”
Mhlawumbe ukuba nesithakazelo kukaSolomoni ebukhazikhazini bendalo ngokwengxenye kwabangelwa isibonelo sikayise. UDavide, owachitha iminyaka eminingi yobuntwana bakhe njengomalusi, wayevame ukuzindla ngemisebenzi kaNkulunkulu. Ubuhle bamazulu babumhlaba umxhwele kakhulu. KumaHubo 19:1, wabhala: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” (Qhathanisa neHubo 139:14.) Ngokusobala, ukusondelana kwakhe nemvelo kwamsondeza kuNkulunkulu wakhe. Kungasenzela okufanayo nathi.a
Njengoba lamadoda anokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu ayazi, ukuqaphela nokwazisa imisebenzi kaNkulunkulu kuyajabulisa futhi kucebisa ukuphila kwethu. Ezweni lethu lanamuhla eligcwele ukuzijabulisa okuhleliwe ngokuvamile okungcolile, ukuqaphela indalo kaJehova kungasinikeza ukuzilibazisa okwakhayo thina nemikhaya yethu. Kulabo abalangazelela izwe elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe, indalo iwukuzilibazisa okuyoba khona esikhathini esizayo.—Isaya 35:1, 2.
Lapho singaboni ubuciko obusizungezile kuphela kodwa futhi siqonda nezimfanelo zeNgcweti Ephambili eyakwenza konke, ngokungangabazeki siyoshukumiseleka ukuba senanele amazwi kaDavide: “Akakho onjengawe-Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.”—IHubo 86:8.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye abalobi beBhayibheli, njengo-Aguri noJeremiya, nabo babekushisekela ukubheka umlando wemvelo.—IzAga 30:24-28; Jeremiya 8:7.
[Izithombe ekhasini 10]
Izibonelo zokuma nokwakheka, zokukhanya, zombala, nokuhlela
[Umthombo]
Godo-Foto