Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 k. 15-k. 16 isig. 7
  • Isikhova Esinsundu Odongeni LukaHadrian

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhova Esinsundu Odongeni LukaHadrian
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uphaphe Lwesikhova
    I-Phaphama!—2009
  • Izikhova—Ziklanyelwe Ukuphila Ebusuku
    I-Phaphama!—1990
  • Umhlaseli Othulile
    I-Phaphama!—1993
  • “Isakhamuzi Sasehlathini Esihle Ukuzedlula Zonke”
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 k. 15-k. 16 isig. 7

Isikhova Esinsundu Odongeni LukaHadrian

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI

UFASIMBA lwaluphezu kwezihloko zezihlahla ngesikhathi kuzwakala umculo omnandi lapho kusantwela ezansi. Abafuduki basehlobo babesanda kufika nje enyakatho yeNgilandi bezokwenezela izingoma zabo kulezo zama-blackbird nama-thrush okuyizakhamuzi zendawo.

Ngalandela umfudlana onolwelwe onqamula phakathi kwezingu ezinama-primrose nama-violet asehlathini oya ngasekhaya elidala lesikhova esinsundu oDongeni LukaHadrian.a Ngangazi ukuthi uma ngenyuka ngalomfudlana ibanga elingaba ikhilomitha nengxenye, siyobe siseduze nesiqu sesihlahla esidala se-elm, sinakekela amaphuphu aso amane. Ayobe ethokomele futhi elondekile emgodini wesiqu esidala sesihlahla se-ash.

Isikhova—yeka isimangaliso sendalo! Amehlo aso ebusuku abona ngokunembe ngokuphindwe izikhathi eziyikhulu kunawabantu. Ngisho nasekukhanyeni okufiphele kwenyanga, isikhova siyakwazi ukubamba isisulu saso. Amehlo abantu anamangqamuzana abizwa ngokuthi ama-cone ahlukanisa imibala namangqamuzana abizwa ngokuthi ama-rod ahlanganisa ukukhanya, kodwa amehlo esikhova agcwele ama-rod aqukethe ikhemikhali eyaziwa ngokuthi i-visual purple. Lekhemikhali iguqula ukukhanya okufiphele kube uphawu lwamakhemikhali olunikeza lenyoni ikhono lokubona, kuyilapho abantu bebona ukukhanya kuphela.

Izikhova azikwazi ukunyakazisa amehlo azo ezikhoxeni zawo njengoba kungenza izidalwa eziningi. Iso ngalinye limi njengesibani semoto sangaphambili. Ngenxa yentamo yaso ethambile, isikhova—sikwazi ukuphendula ikhanda laso cishe ngokuphelele ukuze sikwazi ukubona nhlangothi zonke!

Kuthiwa lapho siqhwakele esihlahleni esingamamitha angu-15 ukuphakama, isikhova asikwazi ukubona igundane nje kuphela kodwa futhi singalizwa lihashaza otshanini. Ikhono laso elimangalisayo lokuzwa libangelwa indlela amadlebe aso aklanywe ngayo. Uma ubheka ubuso besikhova, uyothola ukuthi buzungezwe izimpaphe ezigobile eziqinile eziqoqa amaza omsindo bese ziwadlulisela ezigujini zamadlebe ezinkulu kunazo zonke ezinyonini. Amadlebe ashiyana kancane nje ngokuphakama, okwenza isikhova sikwazi ukuzwa umsindo ngokunembile.

Lapho isikhova sesisitholile isisulu saso— kungakhathaliseki ukuthi ngamehlo noma ngomsindo— siyondiza ngesinyelela. Umzimba wesikhova umbozwe izimpaphe ezithambe kangangokuba wonke umsindo awuzwakali. Ngisho nasekugcineni kwamaphiko kunezimpaphe ezintofontofo ezivala umsindo lapho sindiza. Ebusuku, abantu bendawo ngezinye izikhathi baye bethuswa ukukhanya kwesikhova esindizela phansi eduze nomgwaqo. Abazi ukuthi isikhova singakhanya ngenxa yesikhunta esithile esimila ezinkunini ezinomuhlwa esidlekeni saso esinamathela ezimpapheni zaso.

Ngaqhubeka nokwenyusa umfudlana futhi ngokushesha ngafika esiqwini sesihlahla esidala esinamaqhubu. Ngenxa yokufudumala kwasekuseni elinye lamaphuphu lalize emgodini walesi siqu ukuze lithamele ilanga elalihlaba phakathi kwezihlahla. Lalihlezi lapho, licwayiza ngenxa yokukhanya kwelanga—umbukwane ojabulisayo!

Isikhova esidala esinsundu sasiqhwakele phezulu emagatsheni nomngane waso, sihlola konke okuphambi kwamehlo aso sififiyela. Ngangazi ukuthi sasiyowanakekela ngokucophelela amaphuphu aso aze akwazi ukuzimela esebenzisa ukuhlakanipha komzwelo ongokwemvelo akunikezwa uMdali wawo Omuhle.

[Umbhalo waphansi]

a Ngaphansi kokuqondisa koMbusi WaseRoma uHadrian, phakathi kuka-120 no-130 C.E., uDonga LukaHadrian lwakhiwa njengesivikelo ezizweni zamaKaledi ezazinganqotshwanga ezazisenyakatho yeNgilandi. Lungamakhilomitha angaphezu nje kwangu-117 ukusuka esizalweni seSolway entshonalanga yeNgilandi kuya esizalweni soMfula iTyne ogwini olusempumalanga.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]

Courtesy of English Heritage

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela