Ikhasi Lesibili
Ukugembula—Ukulutheka Okwandayo 3-11
Emhlabeni wonke, imibiko ibonisa ukuthi umqedazwe wokugembula uhlasela imbulunga yonke. Besebenzisa izindiza, izitimela, amabhasi, imikhumbi, nezimoto, abantu beza ukuzokwanelisa ukunxanela kwabo ukugembula. Ukuluthwa ukugembula kuye kwabizwa ngokuthi “isifo esifihlekile, ukulutheka kwawo-1990.”
Ukuphenya Izimfihlakalo Zokufuduka 15
ENyakatho Nenkabazwe, abantu basemaphandleni bebelokhu bebheka izinkonjane njengababikezeli bentwasahlobo. Abanye babezibuza ukuthi lezi zinkonjane zazikuphi.
Isikole Sase-Afrika—Sasifundisani? 24
Sasigxilé emakhonweni aklanyelwe ukuzuzisa umkhaya nomphakathi wesizwe.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
M. Gibson/H. Armstrong Roberts
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Photo: Caja Salamanca y Soria