“Angikwazanga Ukubamba Izinyembezi”
“Esikhathini esingeside esidlule, ngiqede ukufunda incwajana engangomagazini ethi Lapho Ufelwa Othandekayo, futhi angikwazanga ukubamba izinyembezi.” Kungani u-Alicia, intokazi yaseMexico, yathintwa kangaka ilencwadi? Uyaphendula: “Izincazelo nokuhlangenwe nakho ekuqukethe kuveza imizwa enganginayo lapho ngishonelwa ubaba eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule nangesikhathi ngiphuphunyelwa isisu cishe ezinyangeni ezingu-18 ezidlule.”
Yini eyamsiza ngokukhethekile osizini lwakhe? Ibhokisi elinesihloko esithi “Ukuphuphuma Kwesisu Nokuzala Ingane Ifile—Usizi Lomama” nezingxenye ezithi “Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?” nethi “Abanye Bangasiza Kanjani?”
U-Alicia wabuye wabhala: “Ukulandisa okuphathelene nokuvuswa kukaLazaru kwangithinta kakhulu futhi ngendlela ecace bhá kuqinisekisa ukholo lwami ovukweni.”—Johane 5:28, 29.
Uma ungathanda ukuthola ikhophi yalencwajana ekhuthazayo enamakhasi angu-32, siza ubhalele oFakazi BakaJehova e-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.