Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 9/8 k. 31
  • Ingabe Kuyoba Namanzi Anele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kuyoba Namanzi Anele?
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umhlaba Uphelelwa Amanzi?
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Inkinga Inkulu Kakhulu Khona
    I-Phaphama!—1997
  • Lithini IBhayibheli Ngenkinga Yamanzi Ekhungethe Umhlaba?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Amanzi Esiwaphuzayo
    I-Phaphama!—2023
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 9/8 k. 31

Ingabe Kuyoba Namanzi Anele?

“Amaphesenti amabili kuphela awo wonke amanzi aseMhlabeni ahlanzekile, futhi izingxenye ezimbili kwezintathu zalawo manzi aphuzwayo ziyiqhwa ezindaweni ezibandayo nezinezinguzunga zeqhwa, okushiya amanzi [angaphansi] kwephesenti elilodwa agelezayo, ahlanzekile.”—I-Research and Exploration, incwadi ye-National Geographic.

INGABE unamanzi okuphuza agelezayo kwakho? Khona-ke uphakathi kwabanenhlanhla kakhulu. Izigidi zabantu kumelwe ziyokha amanzi azo, ngokuvamile endaweni eqhele ngamakhilomitha amaningi—futhi ngokuvamile awakulungele ukuphuzwa. Abanye kumelwe babuthane kompompi bomphakathi noma emalolini ukuze bathole isilinganiso esincane salolu ketshezi oluyigugu. I-Research and Exploration yathi: “Njengoba abantu banda, izinkinga zokusebenzisa nokunakekela amanzi ziyanda. Lezi zinkinga zimbi kakhulu emazweni asathuthuka, lapho abantu abangaba izigidi eziyinkulungwane kakade bekuthola kunzima noma kungenakwenzeka khona ukuthola amanzi okuphuza afanele.” Lokho kusho ukuthi cishe oyedwa kwabahlanu kubantu emhlabeni unenkinga enkulu yokuthola amanzi okuphuza.

Lokhu kuswelakala kwamanzi kakade sekudalé izingxabano zesikhathi esizayo. Omunye uchwepheshe wathi: “Inani elandayo labantu ngeke lithuthuke ekuphileni, njengoba lihlala emijondolweni lapho imizamo yokunqoba ubumpofu, ukungahleleki komphakathi, nezingxabano zobuhlanga iyobhuntshiswa khona ukuntuleka kwamanzi okuphuza, inhlabathi yokulima, nendawo yokuhlala.”

Yini esingayenza ngabanye ukuze siyisebenzise ngokuhlakanipha lengcebo eyigugu? Yisebenzise ngokonga nangokucophelela—iyigugu futhi iyaphela.

1) Ungawasaphazi amanzi. Ungavuleli ompompi ngokungadingekile—njengalapho uxubha amazinyo noma ushefa. Ungachithi isikhathi eside eshaweni—uma ucabanga ukuthi unenhlanhla kangakanani ngokuba nayo!

2) Ungawangcolisi amanzi. Uma umfula noma umfudlana ongcolile udlula eduze nalapho uhlala khona, othile ongenhla kwawo wonakalisa umthombo wosizo olubalulekile emphakathini wakini. Ngokuvamile icala elikhulu ngalokhu kungcola lisemahlombe eziphathimandla zedolobha, abanikazi bezimboni, abalimi, nabanye abangase bavumele indle nemikhiqizo yamakhemikhali ukuba igelezele noma ingene emifudlaneni nasemifuleni.

UNkulunkulu, njengoMdali noMnikazi womhlaba, unelungelo lokusenza silandise ngendlela esiyisebenzisa ngayo iplanethi yethu. IBhayibheli liprofetha ukuthi ngempela uJehova ‘uyochitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela