Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Osemusha Onesibindi Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi ngifuna ukunibonga ngesihloko esithi “Ukholo LukaJoshua—Ukunqoba Kwamalungelo Abantwana,” esikumagazini ka-January 22, 1995. Yeka indlela okwakushukumisa ngayo ukufunda ngothile olingana nami onokholo nothando olunjena ngoJehova! Ukufunda lesi sihloko kungenze ngaqaphela ukuthi kudingeka ngicabangele ubuhlobo bami noJehova ngokungathi sína ngokwengeziwe.
M. S., United States
Ngineminyaka engu-16 futhi ngikuthola kunzima kakhulu ukuthola isikhathi sokufunda bonke omagazini bethu. Kodwa ngasifunda isihloko esikhuluma ngoJoshua, futhi akukho lutho olwake lwangithinta ngalendlela. Ukuma kwakhe kokungakwamukeli ukumpontshelwa igazi kwakuqine kakhulu! Ngamane nje ngakhala. Manje ngiyaqaphela ukuthi kudingeka ngifunde konke engingakufunda okuvela enhlanganweni kaJehova.
T. S., Britain
Ngisonta eSheshi, kodwa ngiyakujabulela ukufunda i-Phaphama! Ngimané nje ngakhala ngenxa yalokho uJoshua abhekana nakho futhi ngesikhathi esifanayo ngadumisa uNkulunkulu ngokuthi kunabantu abanokholo olunjalo kuYe.
P. O., Nigeria
Ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele esineminyaka engu-17 ubudala, futhi ngiphethwe isifo esibangela ukuntuleka kwegazi okunzima. Udokotela wami ubefuna ukuba ngifakwe igazi, kodwa ngisayisingatha lenkinga. Ngisifundé kaningana lesi sihloko, futhi isikhathi ngasinye, besinginikeza isibindi esengeziwe.
I. L. M., Brazil
Ngisho nokufa kwabathandekayo akukaze kungishukumise kuze kube sezingeni lokukhala. Kodwa ngizithole ngikhala lapho ngifunda okuhlangenwe nakho kukaJoshua. Ukholo lwakhe, isibindi, nobuqotho kungithintile.
T. M., Zimbabwe
Ukulala Nomntwana Kumagazini wenu ka-July 22, 1994, siphawule indima ebika ngocwaningo lukaDkt. James McKenna. (“Ukubuka Okwezwe”) Lwasikisela ukuthi ukulala komama nabantwana babo kuyonciphisa i-SIDS (Sudden Infant Death Syndrome [Ukufa Kwezinsana Ngokuzumayo]). Ukuhlolwa koKufa Kwezinsana Ngokuzumayo KwaseNew Zealand kuye kwabonisa ukuthi kunethuba elikhulu kakhulu lengozi ye-SIDS uma abazali belala kanye nomntwana embhedeni.
Dkt. S. L. T., New Zealand
Siyabonga ngalokhu kwaziswa. UDkt. McKenna muva nje ukucacisile ukuma kwakhe futhi wavuma ukuthi kunezingozi zokuba usana lubulawe ukucinana kungalindelekile lapho umama elele nengane yakhe. (Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 3:19.) Ngakho-ke odokotela abaningi abakukhuthazi ukuba umuntu alale nomntwana wakhe futhi batusa ukuba usana lulaliswe embhedeni wabantwana ongenayo imicamelo noma izingubo ezinkulu zikavolo.—ED.
Inyosi Iqhathaniswa Ne-computer Ngimane nje ngizwakalisa ukubonga kwami ngesihloko esithi “Inyosi Iqhathaniswa Ne-computer.” (February 8, 1995) Lesi sihloko sangithinta ngokujulile. UMdali wethu Omuhle wenza ngisho nezidalwa ezincanyana ezinjengenyosi ukuba zibe yinto emangalisayo nengafani nalutho.
C. K., Germany
I-autism Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “I-autism—Ukuhlangabezana Nezinselele Zokuphazamiseka Okuphicayo.” (February 8, 1995) Ebandleni engikulo kunomfana one-autism, futhi sengiye ngamthanda kakhulu. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiyiqonde i-autism. Manje ngiyazi ukuthi ngingasiza ngokuzinika nje isikhathi sokuba ngibe naye nonina.
A. F., Japan
Indodakazi yethu ayinayo i-autism, kodwa inazo izici ezifana nezayo. Siyajabula ngokuthi nazisa abantu ngezinkinga izingane eziningi ezinazo. Kukhuthaza kakhulu lapho abantu bephatha izingane ezinjalo njengabantu abavamile abafanelwe ukuphila. Izinkulumo ezinjengokuthi ‘Ngiyakudabukela’ noma ‘Bengingenakuyenza lento oyenzayo’ azakhi. Indodakazi yethu iyajabula, futhi ngezinye izikhathi lezi ezinye izingane yizo ezisikhathaza kakhulu. Asizisoli ngokuthi sayizala.
L. H., United States