Isele Noma Ixoxo—Uyini Umahluko?
SEKUNGAMAKHULU eminyaka amasele namaxoxo enedumela elibi. “Abangela izinsumpa.” “Abathakathi bayakwazi ukuphendula abantu babe amasele namaxoxo.” Ubani nje ongakaze ayizwe inganekwane yexoxo elibi elaphenduka laba inkosana ebukekayo lapho liqatshulwa yinkosazana? Nokho, kusukela lapho kuduma u-Kermit iXoxo ohlelweni lwezingane lwe-TV oluthi “Sesame Street” nakoluthi “The Muppet Show,” amaxoxo ebelokhu ebhekwa kahle abantu abaningi. Liyini iqiniso ngamaxoxo namasele? Ahlukene kanjani?
Ake sisuse noma iziphi izinkolelo-ze okungenzeka zikhona—amagciwane abangela izinsumpa, hhayi amasele. Futhi izinganekwane zimane nje ziyilokho ezibizwa ngakho—ziyizinganekwane, izindaba eziqanjiwe nezinsumansumane. Futhi nakuba abathakathi bekhona, abanakumphendula umuntu abe ixoxo noma isele.
Amaxoxo namasele atholakala ezingxenyeni eziningi zezwe, kodwa akukho maxoxo e-Antarctica, futhi akukho masele e-Arctic. Kunezinhlobo zamaxoxo namasele ezingaba ngu-3 800, ezingaphezu kwezingu-300 zazo zingamasele. Ngakho ungahlukanisa kanjani phakathi kwesele nexoxo? I-World Book Encyclopedia iyaphendula: “Iningi lamasele angempela linemizimba ebanzi, eyisicaba kakhudlwana nesikhumba esinsundu, nesomé kakhudlwana kuneningi lamaxoxo angempela. Amasele angempela ngokuvamile agcwele izinsumpa, kodwa amaxoxo angempela anesikhumba esibushelelezi. Ngokungafani neningi lamaxoxo angempela, iningi lamasele angempela lihlala ezweni. Lawo amadala ayela ukuyozalela kuphela emanzini.” Amaxoxo ngokuvamile atholakala eduze namanzi, elungele ukugxuma angene emanzini lapho ekuzwa uza. Iningi lamaxoxo linamazinyo emhlathini wangenhla kuphela. Amasele awanamazinyo. Ngakho, kokubili kuyigwinya ingenamyocu inyamazane yako.
Amaxoxo namasele amaningi akhiqiza ushevu onamandla. I-poison arrow frog (Dendrobates pumilio) ebomvana yaseCosta Rica ingesinye sezibonelo. Omunye ushevu wamaxoxo ungambulala kalula umuntu. Incwadi ethi Biology ithi: “Izizwe zabomdabu zasezindaweni ezishisayo ngokuvamile zifaka ushevu emicibisholweni yazo ngokuyihlikihla kulamaxoxo.” Encwadini yeBhayibheli yesAmbulo, ‘izinkulumo eziphefumulelwe ezingcolile’ zifaniswa namaxoxo. Kungani kunjalo? Ngoba eMthethweni kaMose, amaxoxo ayengahlanzekile ukuba angaba wukudla. Amasele akukhulunywa ngawo eBhayibhelini.—IsAmbulo 16:13; Levitikusi 11:12.
[Izithombe ekhasini 31]
Ngakwesokudla: Isele. Ngezansi: Ixoxo