Uthisha Wayijabulela
“NGONYAKA odlule lapho ngisekilasini lesiNgisi ebangeni leshumi, sachitha izinsuku ezimbalwa sifunda ngokuhlukana kwezinkolo okusabalele emhlabeni,” kubhala osemusha othile waseMichigan, e-U.S.A. Lomfana weza nekhophi yencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu esikoleni. Wachaza:
“Ngokuyinhloko ngangicabanga ukuthi uthisha wami wayeyoyithola ithakazelisa kuye ngokwakhe. Kwangijabulisa ukumbona eyifunda ngenkathi abafundi benza umsebenzi wesikole. Nokho, ungase ucabange ukuthi ngamangala kanjani lapho, ngaphambi kokuba isikhathi sesifundo siphele, uthisha emisa ikilasi kulokho elalikwenza futhi esifundela ngokuzwakalayo sonke isahluko sokuqala. Waze wathi sithathe namaphuzu kuso.
“Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, waphinde wasebenzisa lencwadi ekufundiseni ikilasi, abela abafundi ukuba benze omunye umbiko, ebatshela ukuthi bangasebenzisa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu njengesisekelo sawo. Lencwadi yasetshenziswa phakathi naso sonke isikhathi sesifundo.”
Uma ungathanda ukuthola ikhophi yencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu noma ufisa ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.