Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izingane Ezingalawuleki Ngazifunda ngokubonga okusuka enhliziyweni izihloko zika-November 22, 1994, ezithi “Ukuqonda Izingane Ezingalawuleki.” Indodana yami ine-ADHD (Attention Deficit Hyperactivity Disorder). Sekuyiminyaka eminingi ngizibuza ukuthi yini lena engangiyenza ngendlela engafanele kangaka ngize ngibe nendodana eyihlongandlebe kanjena. Ngangitadisha nayo iBhayibheli futhi nginakekela zonke izidingo zayo, kodwa usuku ngalunye ngangikusaba ukuyivusa ekuseni nokuyilanda esikoleni kamuva. Ngiyethemba ukuthi lokhu kwaziswa kuzobasiza bonke labo abasebenzelana nezingane ezine-ADHD.
E. W., United States
Nginendodana eneminyaka eyishumi eyihlongandlebe ngempela. Ngezinye izikhathi ngiye ngazizwa ngingenakuzisiza, ngicindezelekile, ngingedwa, futhi ngingaqondwa kahle. Ngibonga kakhulu ngokunginikeza ithemba—nokusikisela okuningi okusebenzisekayo.
H. S., South Africa
Ngakhala ezimathonsi ngenkathi ngifunda lezi zihloko. Indodana yami ine-ADD (Attention Deficit Disorder). Ukuphila kunzima kakhulu kulezi zingane. Nakuba kunjalo, ziyigugu futhi zikufanele ukunikezwa inhlonipho, futhi ngaphezu kwakho konke, uthando.
B. W., United States
Sikuthole ezinyangeni eziyisithupha ezidlule ukuthi indodana yethu iphethwe i-ADHD. Ineminyaka emibili ubudala, kodwa iyisishingishane sangempela, ayikwazi ukuhlala ithule emihlanganweni yobuKristu, isunduza abanye, iyagijima yehla yenyuka, futhi ihlala izilimaza. Abanye baye baziqhelelanisa nathi, ngisho nabangane bethu abakhulu bayahluleka ngezinye izikhathi ukuzibamba ekukhulumeni amazwi abuhlungu. Siyabonga ngokuchaza lezi zinkinga ngendlela enokuqonda kanjena.
R. F., Germany
Ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngine-ADHD. Kuyinduduzo enkulu ukwazi ukuthi uJehova uyasiqonda futhi angasisiza. Ngisebenzisa imithi yokwelapha, futhi ingisiza kakhulu. Sengikwazi kangcono ukugxilisa ingqondo emsebenzini wami wesikole, emsebenzini wasekhaya, nasesifundweni seBhayibheli. Ngiye ngazazisa lezi zihloko ngoba nibonise ukuthi lesi sifo singokoqobo futhi asiyona imfashini ethile nje.
S. K., United States
Lezi zihloko ziye zasisiza sobabili ukuba siyeke ukuzizwa singafaneleki njengoba singabazali. Abangane abanezinhloso ezinhle baye bathi kungenzeka ukuthi indodana yami, ephethwe i-ADHD, iyatetenyiswa noma “idinga nje ukushaywa.” Lezi zihloko zingase zibasize abanjalo ukuba baqonde utaku abazali abaningi kakhulu abakulo.
T. G., United States
Ukuvula Imisebenzi Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ukuvula Imisebenzi Emazweni Asathuthuka.” (October 22, 1994) Njengamanje ngisesikoleni futhi ngihlela ukuba yiphayona (umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele) lapho ngiphothula. Inkinga enkulu iyoba ukuthola umsebenzi. Kuze kube manje bengifuna umsebenzi ongazulazulisi lapho kungeke kudingeke khona ukuba ngizikhandle ngokomzimba, kodwa ngizizwe nginamahloni lapho ngithola ukuthi abafowethu abangamaKristu bakwamanye amazwe asathuthuka benza noma imuphi umsebenzi abangawenza. Manje sengizosebenza kunoma imuphi umsebenzi ongivumela ukuba ngiphayone.
Y. T., Japan
1914 Ngisanda kufunda nje izihloko zenu ezithi “1914—Ukuqhuma Kwezibhamu Okusanyakazisa Izwe Lethu.” (November 8, 1994) Ngithanda ukusho ukuthi angikaze ngifunde ukwaziswa okucace kangaka ngokuphathelene nendaba okuphikiswana ngayo kangaka. Izikole zasezweni engihlala kulo azijuli emlandweni wezimpi zezwe, kodwa ukuqonda lendaba kuyinzuzo enkulu ekuqondeni izenzakalo zezwe.
W. S., Venezuela
Ama-Crossword Puzzle Ngifuna ukusho ukuthi ngiwajabulela kangakanani ama-crossword puzzle enu, ikakhulukazi lena ekumagazini (wesiNgisi) ka-December 8, 1994. Angishukumisela ukuba ngicwaninge iBhayibheli ngokwengeziwe. Izinkomba-mkhondo zibhalwa ngendlela engishukumisela ukuba ngibheke lowo mbhalo okhonjiwe—ngisho noma ngiyazi vele impendulo. Ngiyabonga ngalawo ma-puzzle amahle najabulisayo!
D. S., United States