Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 6/8 k. 23
  • Imoto Yakho—Isikhoselo Noma Ugibe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imoto Yakho—Isikhoselo Noma Ugibe?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZIMPENDULO:
  • Indlela Yokuthenga Imoto Eyisekeni
    I-Phaphama!—1996
  • Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ukusiza Ingane Yakho Ukuba Ibhekane Nazo
    I-Phaphama!—1996
  • Ngingabaqinisekisa Kanjani Abazali Bami Ukuthi Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
  • Zivikele Kubaduni Bezimoto!
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 6/8 k. 23

Imoto Yakho—Isikhoselo Noma Ugibe?

“Cishe ngemva kwenhlekelele ngayinye,” kuxwayisa i-FEMA (U.S. Federal Emergency Management Agency), “amaqembu okuhlenga athola izisulu ebezingasinda uma bezazi ukuthi kufanele zihlale ngaphakathi ezimotweni zazo yini noma ziphume.” Yebo, isinqumo esingafanele singakulahlekisela ukuphila kwakho. Uyazi yini ukuthi yini okufanele uyenze lapho kwenzeka inhlekelele? Phendula lemibuzo elandelayo, bese uqhathanisa izimpendulo zakho nalezo ezinikezwe ngezansi.

1. UKUZAMAZAMA KOMHLABA

□ Hlala ngaphakathi emotweni

□ Phuma emotweni

2. ISIPHEPHO ESIKHULU

□ Hlala ngaphakathi emotweni

□ Phuma emotweni

3. ISIPHEPHO ESIKHULU ESINEQHWA

□ Hlala ngaphakathi emotweni

□ Phuma emotweni

4. ISIKHUKHULA

□ Hlala ngaphakathi emotweni

□ Phuma emotweni

IZIMPENDULO:

1. Ukuzamazama komhlaba: HLALA NGAPHAKATHI EMOTWENI.

Nakuba isimiso esigcina imoto iphakeme siyoyibangela ukuba ixukuzeke ngamandla, cishe uphephe kakhulu uma ungaphakathi—uma nje ungekho eduze kwezakhiwo, imigwaqo engaphezu kweminye, noma izintambo zikagesi.

2. Isiphepho esikhulu: PHUMA EMOTWENI.

Imoto cishe iyindawo eyingozi kakhulu ongaba kuyo uma kunesiphepho esikhulu. Kodwa kuthiwani uma zingekho izindawo zokukhosela eziphephile eduze? I-FEMA ithi: “Lala uthi já emseleni noma kwenye indawo eshone phansi izingalo zakho zibe ngaphezu kwekhanda.”

3. Isiphepho esikhulu esineqhwa: HLALA NGAPHAKATHI EMOTWENI.

Kungcono kakhulu ukulindela ukuhlengwa, ngaphandle uma ubona indawo yokukhosela ephephile engekude kakhulu. Ungase udumise imoto izikhashana ukuze kufudumale, kodwa gcina ifasitela livuliwe kancane ukuze ungangenwa ubuthi be-carbon monoxide. Gcina ilambu langaphakathi likhanya ukuze libe uphawu kubahlengi.

4. Isikhukhula: PHUMA EMOTWENI.

“Uma imoto icisha isemanzini esikhukhula,” kuxwayisa i-FEMA, “phuma ngokushesha futhi uye endaweni ephakeme. Kungenzeka ukuthi lamanzi esikhukhula asaqhubeka ephakama, futhi imoto ingamuka noma nini.” Ungazifaki engozini ngamabomu. Amanzi angajula ngaphezu kwalokho abonakala eyikho, futhi angaphakama ngokushesha.

I-FEMA ikucebisa ukuba lokhukwaziswa ukugcine kulendawana yokugcina izinto enesivalo engaphambili emotweni yakho. Futhi itusa ukuthi kuzo zonke izimo, “umthetho obaluleke kunayo yonke ukuthi: Ungatatazeli.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela