Inkalankala Enambitheka Ngokungavamile
Ngumlobeli we-Phaphama! eSolomon Islands
INKALANKALA kakhukhunathi—ingabe lokho kuzwakala kungavamile?a Itholakala ezindaweni ezimbalwa kuphela, kuhlanganise naseziqhingini zaseNew Georgia, eyingxenye yeSolomon Islands.
“Izinkalankala zikakhukhunathi? Yebo, zikhona,” kuchaza abantu bendawo, “kodwa kuyomelwe uzifune ebusuku.” Lezizinkalankala zasebusuku zichitha isikhathi sasemini ezimbotsheni zemithi ebolile esinindolweni sehlathi. Lapho ziphuma ebusuku, yebo, zidla ukhukhunathi, eziwuxebula ngezindlawu zazo ezinamandla, kodwa zidla nezinhlobonhlobo zohlaza oluthambile. Ukuze abone lesisidalwa esimangalisayo, umuntu kumelwe afune izimpawu eziqondisayo zamagobolondo axetshuliwe ashiywe ngasemilonyeni yezimbobo ezimnyama zeziqu zemithi ebolile ewile.
Izakhamuzi zakulesisiqhingi zichaza ukuthi phakathi kuka-June no-July, lezizinkalankala zimba enhlabathini, futhi lapho, ngemva kokwebuza igobolondo, ziba nelinye elisha, elikhudlwana ngaphambi kokuba ziphume. Njengoba ezinye izinkalankala zikakhukhunathi ziphila iminyaka engaba ngu-50, umuntu angaqonda ukuthi kungani zikhula zibe nkulu kangaka. Njengoba ngangibuka, enye yaphuma emgodini wayo, inemilenze enobude obungaba amasentimitha angu-50.
Ngokudabukisayo, ukulondeka okubonakala kukhona emgodini wazo wokwebuza akusona isivikelo kumzingeli, ongabona isikhisi esiyisiyingi phansi esibonisa lapho kuqala khona umgodi. Ngokushesha lesisidalwa esingakwazi ukuzivikela sikhishelwa ngaphandle, siyolungiselelwa ukudliwa. Izindawo zokudlela zase-Asia ziyazisa kakhulu lenkalankala, ikakhulukazi inyama eseqolo layo elithambile, elivuleka kalula.
Ngakho lapha eSolomon Islands, ithuba lokuqothulwa kwenkalankala kakhukhunathi likhathaza ngempela. I-Fisheries Department ibeka isilinganiso senani lezinsikazi ezibekela amaqanda nesobukhulu bezinkalankala ezithunyelwa emazweni angaphandle. Abanye baye basikisela ukuba kwenziwe amapulazi lapho lezizinkalankala zingakhishelwa khona endaweni yazo engokwemvelo. Kodwa kuyodingeka ukucwaninga okunzulu, njengoba kungekuningi okwaziwayo ngemikhuba yazo yokuzalana.
Indaba yokuncipha kwenani lezinkalankala zikakhukhunathi ibuye igcizelele isidingo sesimiso sezwe esizoletha indawo ezungezile enokulinganisela. Ngaphansi kwaso, isidalwa ngasinye ezinhlotsheni ezimangalisayo zezidalwa zoMdali zasemhlabeni singafeza ingxenye yaso ekugcwaliseni isiprofetho seHubo 148:5-10: “Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka. . . . Mdumiseni uJehova emhlabeni . . . nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo.”
[Umbhalo waphansi]
a Yaziwa nangokuthi inkalankala i-robber.