Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 5/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okwenza Amasonto Athula
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 5/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

I-Phaphama! Ithuthukisiwe Muva nje ngithole ikhophi ye-Phaphama! ka-April 8, 1994 emnyango wami. Wewu! Kwenzekeni? Niye nakhiqiza incwadi “yesimanje” ehambisana nezikhathi nefundisayo. Lolushintsho luyangimangalisa, futhi ngokokuqala ngqá, ngazifunda lezizihloko. (Ngangivame ukucabanga, ‘Oh, bebelapha futhi’ bese ngiwulahla.) Wonke umuntu wayengathola okuthile kuwo. Ngazijabulela kakhulu izihloko eziphathelene nomdlavuza nesithi “‘Umgwaqo Ohambayo’ WaseCanada Oyisimangaliso.” Nikuwo kanye umkhondo. Qhubekani nomsebenzi omuhle, futhi ngiyathembisa ukuthi ayikho ikhophi engiyoyilahla ngingakayifundi.

D. G., United States

Ukuphambanisa Izindawo Ezihlokweni zenu zika-October 22, 1994 eziphathelene nezithunywa zevangeli, ezithi “Ukudlulela EYurophu NgaseNtshonalanga,” nithi uBoniface “waqunga isibindi wagawula i-oki elingcwele likaThor” eGeismar, eduze naseGöttingen, eJalimane. Ngokwazi kwami, iGeismar okukhulunywa ngayo ayikho ngaseGöttingen kodwa iseduze naseFritzlar.

A. L., Germany

Uqinisile. Kunezindawo ezimbili ezibizwa ngokuthi iGeismar, futhi saziphambanisa. Siyabonga ngokuveza leliphutha.—ED.

Inkolo Nempi Uchungechunge lwenu luka-October 22, 1994 oluthi “Lapho Inkolo Ithatha Uhlangothi Empini” lwadingida lokho enikubheka njengokwehluleka kwabaholi bamaKatolika ukulahla impi ngokuqondile. Kodwa umlando wembula okuphambene nalokho. Lapho uHitler eqala ukushushisa amaJuda aseJalimane, uKhadinal’ uFaulhaber waseMunich wanikeza izintshumayelo ezazivikela amaJuda. Abanye abefundisi abanesibindi bayilahla ngokuqondile imithetho yamaNazi eyayenqabela ukuganana “kwama-Aryan” namaJuda. Ngemva kokugqashuka kweMpi Yezwe II eYurophu, uHitler wavala izikole zamaKatolika, wacindezela imithombo yezindaba yamaKatolika, futhi, ePoland, wavala zonke izindawo zezindela nezezindelakazi, nezikhungo zobupristi.

J. L., United States

Lezizihloko zazisekelwe emithonjeni ethembekile neyaziwayo. Ngokwesibonelo, incwadi ethi “German Catholics and Hitler’s Wars” yabhalwa uGordon C. Zahn, onguprofesa ongumKatolika. Empeleni, buyashaqisa ubufakazi bokuthi okungenani ekuqaleni, isigungu sabefundisi bamaKatolika sayisekela ngokugcwele inhlangano yamaNazi. Lokhu akusho ukuthi babengekho abefundisi abathile bamaKatolika abamelana namaNazi. Kodwa ngokusobala laba babehlukile.—ED.

Ukuncelisa Ibele Isihloko senu esithi “Izinto Eziyisisekelo Ngokuncelisa Ibele” (August 22, 1994) sanikeza okungaphezu kokwanikezwa izihloko zenu zangaphambili ngalendaba. Ezikhathini eziningi, obaba bakushiyela kubafazi babo ukuba bazibonele. Kodwa isihloko senu empeleni satshela obaba namanye amalungu omkhaya lokho abangakwenza ukuze ukuncelisa ibele kuphumelele.

D. D., United States

Ngaba nokuhlangenwe nakho okumangalisayo kokubancelisa ibele bobabili abantwana bami. Zazikhona izinkinga ekuqaleni, njengobuhlungu, kodwa ngokukhuthazwa udadewethu namacebiso kadokotela, ngabunqoba lobubunzima. Ngikhuthaza bonke omama abangakwenza lokhu ukuba bancelise abantwana babo ibele, njengoba isibopho esijulile phakathi komntwana nonina singokuhlangenwe nakho okuhlaba umxhwele umuntu angenakukukhohlwa.

U. B., Germany

Isifo Esiyimfihlakalo Njengoba ngaqala ukufunda omagazini benu kusukela lapho ngineminyaka emihlanu, ngasijabulela ngempela isihloko esithi “Izifo Eziyimfihlakalo ZaseGuam.” (August 8, 1994) Umama, owayeyisikhonzi esithembekile sikaNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1972, wayeyisisulu salesisifo. Ngithanda ukunibonga ngalokhu kwaziswa nencazelo ecacile enayinikeza. Ngiye ngahlanganyela lendaba nomkhaya wakithi nabangane ukuze ngiveze ukubaluleka kwalomagazini wenu.

W. A., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela