Ukwakha Umphakathi Onempilo
ISEKELA lomhleli kamagazini i-New African labhala muva nje: “Yiya kunoma yiliphi izwe lase-Afrika namuhla futhi uzothola iqembu elincane lesigaba sabantu abaphakeme liphila ngokunethezeka kuyilapho iningi lihlushwa ubumpofu obucindezelayo. . . . Singalubalekela kanjani lolugibe lobumpofu? Ikhambi elilula yileli: ukususa lesisigaba sabantu abaphakeme bese kwabelwana ngomnotho. Eqinisweni lokhu akusebenzi. Okokuqala, awukho umnotho ongabanela bonke. Okwesibili, lapho kususwa isigaba sabantu abaphakeme ngokushesha siyothathelwa isikhundla esinye. Okwesithathu, ukuhlolwa kwezinhloso zomphakathi kuye [kwaphumelela] kuphela ekusakazeni ubumpofu ngokulinganayo.
“Kunekhambi elilodwa kuphela lentuthuko eliye lasebenza kuwo wonke amazwe kuzo zonke izinkathi: ukuthuthukisa umuntu ngamunye. Imiphakathi yakhiwa abantu. Abantu abafundile, abanempilo, abanesimo sengqondo esihle futhi abanekhono lokusungula izinto nakanjani bayoveza imiphakathi enempilo nobungqabavu.”
Ukuba lelisekela lomhleli lalifuna isibonelo, laliyosithola koFakazi BakaJehova. E-Afrika, eqinisweni emhlabeni wonke, oFakazi benza umsebenzi wokusiza abantu ukuba babe amalungu afundile, anempilo omphakathi wembulunga yonke. Phakathi kwezinye izinto, bafundisa abantu abadala abangafundile ukuzifundela nokubhala. Ngezincwadi zabo, banikeza iziqondiso ngenhlanzeko, ukunakekela impilo, nobuhlobo bomkhaya. Emihlanganweni yabo ngisho nanjengabantu ngabanye, oFakazi bayakhuthazana ukuba benze ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli sokuthembeka, ukuzikhandla, nokukhuthala.
Umphumela uba umphakathi onamandla, onobungqabavu owakhiwe abantu abangaba izigidi ezinhlanu emhlabeni wonke. Kodwa oFakazi abazidumisi ngalokhu. Bathi ukuchuma kwabo okungokomoya kuvela kuNkulunkulu ophilayo, othi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngeBhayibheli neseluleko salo esiwusizo, siza uthintane noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso elisendaweni yakini, noma ubhalele ekhelini eliseduze nawe kwasohlwini ekhasini 5.