Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imfundo Ngisanda kuphothula eyunivesithi yaseNigeria futhi kwale ngamaphesenti amabili kuphela ukuba ngithole amamaki aphezulu. Bengiphatheke kabana. Ngakho lapho nikhipha isihloko esithi “Ukugcina Imfundo Isendaweni Yayo” (August 22, 1994) futhi nibonisa ukuthi imfundo akufanele iphishekelwe ngenjongo yokuvelela kwezemfundo, ngibe sengiqala ukubheka izinto ngombono ofanele. Nakuba oprofesa bami beye bangikhuthaza ukuba ngiphishekele izifundo zangemva kokuphothula, ngiyicabangela ngokungathi sína lendaba nginombono walokho esengikufundile.
G. J., Nigeria
Ngineminyaka engu-14 ubudala futhi ngingaphansi kokucindezela okukhulu kokuba ngiphishekele imfundo ephakeme. Ngosizo lwesihloko senu, ngiye nganquma ukuthi yini engithanda ukuyenza. Ngifuna ukuba iphayona [umshumayeli wesikhathi esigcwele], futhi uma ngidinga ukuqeqeshwa okwengeziwe ukuze ngithole umsebenzi, ngingathanda ukuya esikoleni sokufundela umsebenzi ngiyofundela umsebenzi wokuthwebula izithombe.
H. O., United States
Ngakhetha ukungatholi imfundo yokwenezela. Ngikhetha ukusebenzisa lesosikhathi ukuze ngifundise abanye ngoMdali wethu. Abantu ngokuvamile iyabamangaza indlela okuningi ngayo engikwaziyo ngezihloko ezihlukahlukene. Bayabuza, “Usekolishi yini?” Ngiyabatshela ukuthi lokho engikwaziyo ngikufunde eBhayibhelini nasezincwadini ezikhishwa i-Watch Tower Society.
M. L., United States
Isihloko senu sabonisa isidingo sokucabangela ubuhle nobubi bemfundo yokwenezela. Ngaba nomuzwa wokuthi kudingeka ngiphindele esikoleni kodwa ngangingafuni ukungayinaki imisebenzi engokomoya. Ngachazela unobhala wesikole ngesimiso sami semihlangano yobuKristu, futhi wahlela izifundo zami ngendlela yokuthi ngikwazi ukuba khona kuyo yonke imihlangano.
M. F. S., Brazil
Isitsha Esibuthakathaka? Ngiyanibonga ngesihloko esinika ukukhanyiselwa esithi “Umbono WeBhayibheli: ‘Isitsha Esibuthakathaka’—Ukweyisa Abesifazane?” (October 8, 1994) Bonke abesilisa kufanele basifunde lesisihloko, njengoba sichazwe kahle kangaka.
G. B., United States
Ngangingakaze ngiwaqonde kahle amazwi eBhayibheli akweyoku-1 Petru 3:7 aphathelene nokuba kwabesifazane ‘izitsha ezibuthakathaka kakhudlwana.’ Ngangilokhu ngicabanga ukuthi abesifazane bayizidalwa ezingabalulekile kangako, futhi ngakhula ngibona amadoda engabahloniphi abesifazane. Kodwa lesosihloko sakulungisa ukucabanga kwami.
T. C., United States
Abobulili Obuhlukile Ngibonga kakhulu ngezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kunzima Kangaka Ukuba Ngingacabangi Ngabobulili Obuhlukile?” nesithi “Ngingakuyeka Kanjani Ukucabanga Ngabobulili Obuhlukile?” (July 22, 1994; August 8, 1994) Kwangijabulisa ukwazi ukuthi angihlanyi, njengoba ngineminyaka engu-12 ubudala futhi nginemizwa enamandla ngomfana othile engimaziyo. Isihloko sesibili sangisiza ukuba ngiyeke ukucabanga ngaye kakhulu. Ngatshela udade ongumKristu osekhulile ebandleni lethu, futhi wangisiza.
P. Z., United States
Ingxenye ekhuluma ngokushaya indlwabu ingithinte ngokuqondile. Bengicabanga ukuthi ukushaya indlwabu kuzongisiza ekudambiseni inkanuko yobulili, kodwa kumane nje kuyenze ibe namandla kakhulu. Ngithandazela ukuthi uJehova angithethelele ngokuhileleka kulomkhuba onyanyekayo.
P. M., United States
Lesisihloko sifike ngesikhathi kimi. Isihloko esihamba phambili esikoleni ubulili. Kukhona intombazane ethile esikoleni esihlanganyela ebandleni elilodwa nayo. Ngithola ukuthi ikhaliphile, ihlakaniphile futhi inhle kakhulu. Lesisihloko singisize ukuba ngiyeke ukuhlala ngicabanga ngayo futhi ngiyibuka.
M. F., Germany