“Umshayabhuqe Ongokwezimali”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA
NGOKOMBIKO we-UNICEF (United Nations Children’s Fund), ingxenye ye-Afrika engezansi kweSahara ikhungethwe “umshayabhuqe ongokwezimali.” Cishe ingxenye yenani labantu—abantu abangaba izigidi ezingu-220—bampofu ngokuphelele, bayehluleka ukunakekela izidingo zabo eziyisisekelo kunazo zonke. Isakhamuzi esivamile simpofu ngamaphesenti angu-20 kunalokho esasiyikho eminyakeni eyishumi edlule.
“Ngokuphathelene nemfundo,” kusho lombiko, “iminyaka yawo-1980 ingachazwa kuphela nje ngokuthi iyishumi leminyaka elalahleka.” Imali esetshenziswayo ngomfundi ngamunye yehla ngengxenye eyodwa kwezintathu, futhi inani lababhalisayo ezikoleni zabaqalayo lehla lisuka kumaphesenti angu-79 laya kwangu-67. Izinkonzo zokunakekela ezempilo nazo ziyancipha emazweni amaningi ase-Afrika, njengoba imitholampilo eminingi ivalwa ngenxa yokuntuleka kwezisebenzi nemithi yokwelapha.
Lombiko unikeza uhlu lwezimbangela eziningana zenhlekelele engokomnotho yalelizwekazi, oluhlanganisa imali esetshenziselwa ezempi, ukuncipha kwezohwebo, nezikweletu ezinkulu, lezo ochwepheshe abathi azisoze zakhokheka. “I-Afrika ayinakululama,” kusho lombiko we-UNICEF, “ngaphandle komzamo omkhulu womhlaba wonke ongakacatshangelwa.”
Ingabe kungase kwenzeke lokho? Ngombono ongokoqobo iBhayibheli lithi: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” (IHubo 146:3) Ikhambi lezinkinga ezijulile ze-Afrika alikho kohulumeni babantu. UMbuso kaNkulunkulu oyoletha impumuzo ehlala njalo—hhayi nje e-Afrika kuphela kodwa emhlabeni wonke.—Mathewu 6:10.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
WHO/OXFAM