Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imfundo Yobulili Ngibhalela ukunibonga ngobuqotho ngezihloko zenu ezithi “Imfundo Yobulili—Ubani Okufanele Ayinikeze?” (February 22, 1992) Nginabantwana ababili futhi angikaze ngixoxe nabo ngalendaba. Mina ngokwami angizange ngiyithole imfundo enjalo, futhi bengingazi ukuthi ngibatsheleni noma ngikwenze kanjani lokhu. Kodwa ngemva kokufunda lezozihloko, ngaba nengxoxo ehlukene nomntwana ngamunye. Kwakungokuhlangenwe nakho okujabulisayo, lokho okungekho-mzali okufanele alahlekelwe ithuba lakho.
M. A. P., Spain
Sasingashaqisi lesihloko kodwa sasichaza ngokucacile nangenhlonipho indlela esingafundisa ngayo abantwana bethu. Ngiyanibonga ngokungisiza ngiqonde ukuthi ngikudebeselile ukukwenza. Ngizilungisile izimo, ngenxa yalesihloko esimangalisayo.
V. B., France
Ngingowesifazane oneminyaka engu-25 ubudala manje osefinyelele ekuqondeni umbono weBhayibheli ngokuziphatha okungokobulili. Lokho okuthiwa injabulo yobufebe akukufanele ukulahlekelwa ukuthula kwengqondo okungagwemeki. Ngisho nakuba ngingaseyena umntwana noma osemusha, ngazizwa sengathi ngifunde izifundo eziyigugu ezivela kulezozihloko.
S. H., United States
Angikaze ngifunde okuthile okufana nakho kukho konke ukuphila kwami. Kungokungavamile ukuthi nifundise indlela yokunikeza imfundo yobulili kubantwana kuyilapho, ngesikhathi esifanayo, nibasiza ukuba babe nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha.
N. C., Italy
Ngingumama wamadodakazi amabili asemasha. Ngiye ngakwazi ukuba nezingxoxo ezinhle nabo ngazo zonke izici zobulili. Kodwa futhi ngingumama wabafanyana ababili abaneminyaka engu-11 nengu-9. Nakuba ngixoxe nabo ngokuningilizayo ngobulili, angikaxoxi ngezinguquko ezingokomzimba abazohlangabezana nazo. Khona nje namuhla ntambama umagazini wenu omangalisayo ufike ngeposi. Uyongisiza ekusebenzelaneni namadodana ami womabili.
P. W., Australia
Njengentombazane esencane, ngizuze kakhulu ngokufunda lomagazini. Abazali bami bebengayazi indlela yokusinikeza imfundo efanelekile yobulili. Ngosizo lukaJehova, ngiye ngagwema ukuphambuka ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha. Futhi, ngethemba lesihloko siyosiza abazali abangakaxoxi nabantwana babo ngezindaba zobulili.
A. M., Mexico
Ukusikisela kwenu kokuthi imfundo yobulili ibhekwe ‘njengemfihlo yomkhaya’ kungase ngengozi kubangele ubunzima obukhulu ngabanye babafundi balomagazini. Izisebenzi zezenhlala-kahle, othisha, abahlengikazi, nabanye ochwepheshe manje sebeqeqeshelwe ukuqaphela izimpawu zokuxhashazwa kwabantwana. Lapho lisetshenziswa ingane, igama elithi “imfihlo” lingolunye lwalezimpawu, njengoba nabaningi abaxhaphazayo ngokobulili betshela abantwana ukuba bakugcine kuyimfihlo lokho kuxhashazwa.
E. R. N., United States
Abafundi abaningana baye basiqaphelisa ngalokhu, futhi siyaxolisa uma sibangele noma ikuphi ukuthinteka kubafundi abasheshe bathinteke kulendaba yokuxhashazwa kwezingane. Sikholelwa ukuthi leli iphuzu elihle. Ukuze kugwenywe ukungaqondi okungenzeka, kungaba ngcono kakhulu uma abazali bechaza izindaba zokobulili “njengezangasese” kunokuba “imfihlo.”—ED.