Iminyaka Engaphezu Kwengu-40 Singaphansi Kokuvinjelwa AmaKhomanisi
NJENGOBA ILANDISWA NGUJARMILA HÁLOVÁ
Isikhathi: ngemva kwamabili, ngo-February 4, 1952. Indawo: indlu yakithi ePrague, eCzechoslovakia. Savuswa ukungqongqoza emnyango okuphikelelayo. Khona-ke kwagulukudela amaphoyisa.
AMAPHOYISA asifaka emakamelweni ahlukene, mina, umama, ubaba, nomfowethu uPavel, ngamunye wethu wagadwa unogada, abe eseqala ukuphequlula yonke into. Ayesaphequlula esikhathini esingamahora angaba ngu-12 kamuva. Ngemva kokubhala uhla lwazo zonke izincwadi azithola, azipakisha emabhokisini.
Ngemva kwalokho, ngayalwa ukuba ngingene emotweni, ngase ngifakwa izibuko ezimnyama. Lokho kwakubonakala kuyinqaba, kodwa ngakwazi ukususa izibuko kancane ukuze ngibone ukuthi ayengiyisaphi. Imigwaqo yayijwayelekile. Sasiya endlunkulu edumile yoMnyango Wombuso Wezokuvikela.
Angikhipha ngesankahlu emotweni. Kamuva lapho ngikhishwa izibuko, ngazithola ngisekamelweni elincane, elingcolile. Owesifazane othile owayefake inyufomu wangiyala ukuba ngikhumule izingubo zami ngigqoke ibhulukwe lokusebenza eliqinile neyembe labesilisa. Ngaboshwa ngesidwedwe ekhanda ngivalwa amehlo, ngase ngiholwa, ngivalwe amehlo, ngakhishwa kulelikamelo ngahanjiswa emaphaseshini ayebonakala engapheli.
Ekugcineni, unogada wama wabe esevula umnyango wensimbi, wangihlohlolozela phakathi. Isidwedwe esasisekhanda lami sadatshulwa, kwase kukhiywa emnyango. Ngangisesitokisini. Lapho ngangigqolozelwe owesifazane othile oseminyakeni yawo-40, owayegqoke njengami. Ngafikelwa ukuhleka futhi—nakuba kungase kubonakale kuyinqaba—ngehluleka ukuzibamba. Njengentombazane eneminyaka engu-19, engenakho okuhlangenwe nakho kokuboshwa, ngangihlala ngenamile. Ngokushesha, ngajabula lapho ngiqaphela ukuthi akekho omunye emkhayeni wakithi owayeboshiwe.
Kwakuyingozi ngaleyominyaka ukuba omunye woFakazi BakaJehova kulelozwe elaliyiCzechoslovakia. Lelizwe lalibuswa amaKhomanisi, futhi oFakazi babevinjelwe. Kwenzeka kanjani ukuba umkhaya wakithi uzibandakanye kangaka nenhlangano eyayivinjelwe?
Indlela Esaba Ngayo OFakazi
Ubaba, ongowomdabu wasePrague, wayenesizinda sobuProthestani futhi eqotho kakhulu ezinkolelweni zakhe ezingokwenkolo. Wahlangana nomama ngawo-1920 ngesikhathi umama ezofundela ubudokotela ePrague. Umama wayengowaseBessarabia, eyayiyingxenye yeRussia ngesikhathi esemncane. Ngemva kokushada kwabo, wajoyina isonto lomyeni wakhe nakuba ayengumJuda. Nokho, lalingamanelisi.
Phakathi neMpi Yezwe II, ubaba wayiswa ekamu lobugqila, futhi umama wasinda ngokulambisa kulokho kuqothulwa. Leyo kwakuyiminyaka enzima kithina, kodwa sonke sasinda. Maphakathi no-1947, ngemva kweminyaka emibili impi iphelile, omunye wobabekazi, owayesengomunye woFakazi BakaJehova, wenzela umkhaya wakithi isikhokhelo se-Nqabayokulinda. Umama owaqala ukuyifunda, futhi wasithola ngokushesha lesisigijimi ukuthi siyiqiniso ayelifuna.
Ekuqaleni, akashongo lutho kithina sonke, kodwa wathola lapho imihlangano yayiqhutshelwa khona ePrague wayeseqala ukuya kuyo. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, entwasahlobo ka-1948, wabhapathizwa emhlanganweni wesifunda woFakazi. Khona-ke wasimema ukuba siye naye emihlanganweni. Ubaba wavuma emadolonzima.
Imihlangano yayiqhutshelwa ehholo elincane enkabeni yePrague, lapho saqala ukuya khona njengomkhaya. Mina nobaba sasididekile, ngenxa yelukuluku lokufuna ukwazi nokungethembi. Kwasimangalisa ukuthi kakade umama wayesenabangane abasha ayesebethula kithina. Ngahlatshwa umxhwele intshiseko nokucabangela kwabo, nendlela okwakubonakala bebazisa ngayo ubuzalwane babo.
Ebona ukusabela kwethu, umama wasikisela ukuba oFakazi bamenyelwe ekhaya ukuze kuxoxwe ngokuningiliziwe. Yeka indlela esashaqeka ngayo sinobaba lapho besibonisa eBhayibhelini lethu ukuthi awukho umphefumulo ongafi nokuthi akekho uZiqu-zintathu! Yebo, kwakuvula amehlo ukufunda ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuthandazela ukuba lingcweliswe igama likaNkulunkulu nokuba uMbuso wakhe ufike.
Emasontweni ambalwa kamuva, ubaba wamemela ekhaya abefundisi abambalwa besonto lakhe. Wathi: “Bazalwane, ngifuna ukuxoxa nani ngamaphuzu athile angokomBhalo.” Ngemva kwalokho wachaza ngayinye yezimfundiso zesonto eziyinhloko futhi waphawula indlela eziphikisana ngayo neBhayibheli. Lababefundisi bavuma ukuthi kuyiqiniso ayekusho. Khona-ke ubaba waphetha: “Mina nomkhaya wami sinqume ukuba silishiye isonto.”
Ukuvinjelwa Komsebenzi Wokushumayela
Ngo-February 1948, ngaphambi nje kokuba mina nobaba siqale ukuya emihlanganweni, inhlangano yamaKhomanisi yabusa izwe. Ngabona engangifunda nabo bemelana noprofesa babo futhi ngabona nothisha besaba abazali bezingane abazifundisayo. Wonke umuntu waqala ukuhlukana nomunye. Nokho, ekuqaleni umsebenzi woFakazi BakaJehova waqhubeka ungaphazamisekile nakancane.
Isenzakalo esibalulekile kithi kwakuwumhlangano woFakazi BakaJehova owawusePrague ngo-1948. Kwakunabantu abangaphezu kuka-2 800 ngo-September 10 kuya ku-12. Emasontweni ambalwa kamuva, ngo-November 29, 1948, amaphoyisa omshoshaphansi ahlasela ihhovisi legatsha, lase livalwa. Ngo-April ngonyaka owalandela umsebenzi wethu wavinjelwa ngokomthetho.
Asikho kulezizenzakalo esasabisa umkhaya wakithi, futhi ngo-September 1949 saya esimisweni esikhethekile esasisehlathini ngaphandle kwasePrague. Esontweni elilodwa kamuva, mina nobaba sabhapathizwa. Naphezu kokuzama ukuqapha emsebenzini wokushumayela, ngaboshwa ngo-February 1952, njengoba kuphawulwe ekuqaleni.
Ukuphenywa Ngokuphindaphindiwe
Ngemva kokuphenywa izikhathi ezimbalwa, ngaphetha ngokuthi ngangizogqunywa ejele isikhathi eside. Kwabonakala sengathi abaphenyi babecabanga ukuthi lapho umuntu evalelwe isikhathi eside kungekho akwenzayo, yilapho ayezozimisela ngokwengeziwe ukubambisana nabo. Kodwa ngangihlala ngikhumbula ukuqeqesha kwabazali bami, futhi kwangisekela. Babevame ukucaphuna iHubo 90:12, bengikhuthaza ukuba ‘ngibale izinsuku zami,’ okuwukuthi, ngizilinganise, ‘ukuze ngizuze inhliziyo enokuhlanipha.’
Ngakho-ke, engqondweni ngabukeza wonke amahubo nezinye izingxenye zeBhayibheli engangizibambe ngekhanda ngaphambili. Ngazindla nangezihloko ze-Nqabayokulinda engangizifunde ngaphambi kokuboshwa, ngahlabelela nezingoma zoMbuso. Khona-ke, ezinyangeni zokuqala ngiboshiwe, ngangixoxa nabathile engangiboshwe nabo. Ngaphezu kwalokho, kwakunezinto engangizibukeza engangizifunde esikoleni, ngoba ngangiphumelele ekuhlolweni kwami kokuphothula ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili.
Lokhu kuphenywa kwenza kwaba sobala kimi ukuthi othile oyimpimpi wayebe khona kwesinye sezifundo zami zeBhayibheli futhi wabika imisebenzi yami yokushumayela. Iziphathimandla zaphetha ngokuthi nganginengxenye ekwenzeni amakhophi ezincwadi zeBhayibheli abhalwe ngomshini ayetholwe ekhaya. Eqinisweni, umfowethu, owayeneminyaka engu-15 kuphela, nguye owayebhale lezozincwadi ngomshini.
Ngokuhamba kwesikhathi abaphenyi babona ukuthi akekho engangizomhilela kuloludaba, ngakho kwenziwa imizamo yokungiphambukisa ezinkolelweni zami. Baze bangithumelela ngisho nomuntu engangimazi njengombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova. Nakuba naye ayeyisiboshwa, manje wayesebambisana namaKhomanisi emkhankasweni wokwenza abanye oFakazi ababoshiwe balahle ukholo lwabo. Yeka ukuthi wayedabukisa kanjani! Eminyakeni eminingi kamuva esekhululiwe, wabulawa uphuzo.
Ngisesitokisini Ngedwa
Ngemva kwezinyanga ezingu-7 ngashintshelwa kwelinye ijele futhi ngavalelwa ngedwa esitokisini. Manje, ngingedwa vó, kwakuxhomeke kimi ukuthi ngisisebenzisa kanjani isikhathi sami. Izincwadi zazitholakala lapho wenza isicelo, kodwa eqinisweni, hhayi ezingokomoya. Ngakho ngenza isimiso somsebenzi esasihlanganisa izinkathi zokufunda kanye nesikhathi sokuzindla ngezinto ezingokomoya.
Kumelwe ngisho ukuthi ngangingakaze ngaphambili ngizizwe ngiseduze noJehova emithandazweni yami njengalesosikhathi. Umcabango wobuzalwane bethu bomhlaba wonke wawungakaze ube yigugu kangaka. Usuku ngalunye ngangizama ukucabanga indlela izindaba ezinhle okungenzeka zazisakazeka ngayo ngalesosikhathi ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Ngangizibona ngeso lengqondo ngihlanganyela kulomsebenzi, ngikhuluma nabantu ngeBhayibheli.
Nokho, kulesisimo esizolile, ekugcineni ngawela ogibeni. Njengoba ngangikuthanda ngaso sonke isikhathi ukufunda futhi ngizilangazelela izinto ezenzeka ngaphandle, ngesinye isikhathi ngagxila kwenye incwadi kangangokuba ngasidebeselela isimiso sami sokuzindla ngezinto ezingokomoya. Lapho lokhu kwenzekile, ngangizisola ngaso sonke isikhathi.
Ngakho, ngolunye usuku ekuseni ngayiswa ehhovisi lomshushisi. Akukho okwakhulunywa ngakho ngokukhethekile—ngaphandle kwemiphumela yokuphenywa kwangesikhathi esidlule. Ngazizwa ngidumele ngoba aluzange lunqunywe usuku lokuqulwa kwecala lami. Esikhathini esingaba ingxenye yehora, ngase ngiphindele esitokisini sami. Lapho ngaphelelwa ukuzithiba futhi ngakhala. Ngani? Ingabe amasonto amaningi ngingedwa esitokisini ayesengikhahlameza?
Ngaqala ukuhlaziya inkinga yami futhi ngayithola ngokushesha imbangela. Ngayizolo, ngangigxile ekufundeni, futhi ngangingazange ngiyenze imisebenzi yami engokomoya. Ngakho lapho ngiyophenywa ngokungazelele, ngangingekho esimweni sengqondo esifanele sokuthandaza. Ngokushesha ngathululela isifuba kuJehova futhi nganquma ukuthi ngeke ngiphinde ngizidebeselele izinto ezingokomoya.
Ngemva kwalokho okuhlangenwe nakho nganquma ukukuyeka ngokuphelele ukufunda. Khona-ke ngafikelwa umqondo ongcono, wokuba ngiziphoqelele ukufunda isiJalimane. Phakathi nokubusa kwamaJalimane ngeMpi Yezwe II, kwakudingeka sifunde isiJalimane esikoleni. Kodwa ngenxa yezinto ezisabekayo ezenziwa amaJalimane phakathi nokubusa kwawo ePrague, ngemva kwempi ngangifuna ukukhohlwa yikho konke okuphathelene neJalimane, kuhlanganise nolimi lwakhona. Ngakho manje nganquma ukuziphatha ngengalo eqinile ngokuba ngisifunde kabusha isiJalimane. Nokho, okwakuhloselwe ukuba isijeziso kwaphenduka isibusiso. Ake ngichaze.
Ngakwazi ukuthola izincwadi ezithile zakho kokubili isiJalimane nesiCzech futhi ngaqala ukuziqeqeshela ukuhumushela isiJalimane olimini lwesiCzech nokuhumushela isiCzech olimini lwesiJalimane. Lomsebenzi awuzange kuphela ube elinye ikhambi lokubhekana nemiphumela eyayingaba ingozi yokuvalelwa ngedwa esitokisini kodwa futhi wafeza injongo enhle kamuva.
Ukukhululwa Nokuqhubeka Nokushumayela
Ekugcineni, ngemva kokuba sesitokisini ngedwa izinyanga ezingu-8, kwaqulwa icala lami. Ngabekwa icala lesenzo sokugumbuqela futhi ngagwetshwa iminyaka emibili ejele. Njengoba ngase ngidonse izinyanga ezingu-15 futhi amacala esesuliwe lapho kumiswa umongameli omusha, ngakhululwa.
Lapho ngisejele ngangithandazele ukuba umkhaya wakithi ungakhathazeki ngami, futhi lapho ngibuyela ekhaya, ngathola ukuthi lowomthandazo wawuphenduliwe. Ubaba wayengudokotela, futhi wakhuthaza iziguli zakhe eziningi ukuba zitadishe iBhayibheli. Ngenxa yalokho, umama wayeqhuba izifundo ezingu-15 masonto onke! Ngaphezu kwalokho, ubaba wayeqhuba iqembu lesifundo sikamagazini INqabayokulinda. Futhi wayehumusha ezinye izincwadi ze-Watch Tower Society kusuka esiJalimaneni kuya olimini lwesiCzech, bese umfowethu ezibhala ngomshini. Ngakho ngangena ngokushesha emsebenzini ongokomoya futhi ngase ngiqhuba izifundo zeBhayibheli.
Isabelo Esisha
Ngenye intambama lapho lina ngo-November 1954, kwangqongqoza othile emnyango. Owayemi lapho, kuconsa amanzi ejazini lakhe lemvula elimpunga eliyipulasitiki, kwakunguKonstantin Paukert, omunye wababehola emsebenzini wokushumayela. Ngokuvamile, wayefuna ukukhuluma nobaba noma nomfowethu uPavel, kodwa kulokhu wangibuza: “Ungeza yini sithi ukushaywa umoya?”
Sahamba sithulile okwesikhashana, siphambana nabantu abambalwa emgwaqweni. Izibani zasemgwaqweni zazikhanya kalufifi endaweni emnyama eyayigeleza amanzi eceleni komgwaqo. UKonstantin wabheka emuva; kwakungekho muntu emva kwethu. Ngokungazelele wabuza: “Ungasiza ngomsebenzi othile?” Ngimangele, ngavuma ngokunqekuzisa ikhanda. Waqhubeka: “Sidinga othile ozohumusha. Kufanele uthole indawo ozosebenzela kuyo kodwa hhayi kini futhi kungabi kothile owaziwa amaphoyisa.”
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngangihlezi edeskini elincane endlini yombhangqwana othile osukhulile engangingawazi. Wawelashwa ubaba, futhi kwakusanda kuqalwa nawo isifundo seBhayibheli. Ngakho, ukufunda kwami isiJalimane ejele kwaba yigugu, njengoba ngalesosikhathi sasihumushela izincwadi zesiJalimane olimini lwesiCzech.
Emasontweni ambalwa kamuva, abazalwane abangamaKristu ababehola emsebenzini wokushumayela baboshwa, kuhlanganise noMfoweth’ uPaukert. Nokho, ukushumayela kwethu akuzange kumiswe. Abesifazane, kuhlanganise nami nomama, babesiza ekunakekeleni amaqembu esifundo seBhayibheli nenkonzo yethu yobuKristu. Umfowethu uPavel, nakuba ayesemncane, wakhonza njengesithunywa sokusakaza izincwadi neziqondiso zenhlangano kuyo yonke ingxenye yezwe yabakhuluma isiCzech.
Umngane Othandekayo
Ekupheleni kuka-1957, uJaroslav Hála, uFakazi owayeboshwe ngo-1952 futhi wagwetshwa iminyaka engu-15, wakhululwa okwesikhashana ukuze athole ukwelashwa. UPavel waxhumana naye ngokushesha, futhi uJaroslav waphinde wahileleka ngokugcwele ekusizeni abazalwane. Njengoba ayezazi kahle izilimi, waqala ukwenza ingxenye enkulu emsebenzini wokuhumusha.
Ngolunye usuku kusihlwa maphakathi no-1958, uJaroslav wamema mina noPavel ukuba sithi ukuhambahamba. Ngokuvamile sasixoxa ngezinto zenhlangano, njengoba indlu yethu yayifakelwe umbhobho ofihlekile. Kodwa ngemva kokukhuluma ngasese noPavel, wamcela ukuba alinde ebhentshini lasepaki lapho thina sobabili siqhubeka. Ngemva kokuxoxa kafushane ngemisebenzi yami, wangibuza ukuthi ngangingashada yini naye naphezu kwempilo yakhe ebuthakathaka nekusasa elingaqinisekile.
Ngamangaliswa yilesisicelo esiqotho, esicacile esasenziwa umuntu engangimhlonipha kakhulu, futhi ngasamukela ngaphandle kokungabaza. Ukuthembisana kwethu kwangisondelanisa kakhulu nonina kaJaroslav, owayengumKristu ogcotshiwe. Yena nomyeni wakhe babephakathi koFakazi bokuqala ePrague ekupheleni kwawo-1920. Bobabili baboshwa amaNazi phakathi nempi yezwe yesibili, futhi umyeni wakhe wayefele ejele lamaKhomanisi ngo-1954.
Ngaphambi kokuba sishade, uJára, njengoba sasimbiza kanjalo, wabizwa iziphathimandla. Zamtshela ukuthi wayengakhetha ukuba ahlinzwe ngenxa yokuphathwa kwakhe njalo i-pleurisy—ngalesosikhathi okwakuyosho ukwamukela ukumpontshelwa igazi—noma adonse ejele sonke isigwebo sakhe esasisele. Njengoba akwenqaba ukuhlinzwa, kwasho ukuthi wayesazodonsa ejele iminyaka engaba yishumi. Nganquma ukumlinda.
Isikhathi Sokuvivinywa Nesokuba Nesibindi
Ekuqaleni kuka-1959, uJára waboshwa, futhi ngokushesha ngemva kwalokho, sathola incwadi eyayibonisa ukuthi wayephila kahle. Khona-ke kwaba nesikhawu eside ngaphambi kokuba kufike incwadi eyasishaqisa. Yayizwakalisa ukuzisola, ukudabuka, nokwesaba, njengokungathi uJára wayephazamisekile ngokwengqondo. “Lencwadi kumelwe ukuba ibhalwe umuntu othile,” kusho unina. Kodwa yayibhalwe ngesandla sakhe!
Mina nonina sabhala sizwakalisa ukuthembela kwethu kuNkulunkulu futhi samkhuthaza. Ngemva kwamasonto amaningi, kwafika enye incwadi, nayo eyayidida ngokwengeziwe. Unina waphinde wathi: “Akunakuba ibhalwe nguye.” Nokho, ngokuqinisekile isandla kwakungesakhe, futhi kwakunamazwi ayejwayele ukuwasho. Asiphindanga sathola izincwadi, futhi yayingekho imvume yokumvakashela.
Ngokufanayo, uJára wayethole izincwadi eziphazamisayo okwakuthiwa zivela kithi. Izincwadi ezazivela kunina zazimsola ngokumshiya yedwa esekhulile, futhi ezazivela kimi zazibonisa ukucasuka ngenxa yokumlinda isikhathi eside kangaka. Nazo zazibhalwe ngesandla esifana nsé nesethu nendlela yokukhuluma. Ekuqaleni naye waphatheka kabi, kodwa kamuva waqiniseka ukuthi sasingenakuzibhala izincwadi ezinjalo.
Ngolunye usuku kwafika othile ekhaya, wanginikeza iphakeshana, wayeseshaya echitha. Kulo kwakunenqwaba yamaphepha kagwayi okwakubhalwe kuwo ngesandla esincane kakhulu. UJára wayekopishe izincwadi ayecabanga ukuthi sasizibhalile, kanye nezinye ezingahlaziywanga. Ngemva kokuthola lezizincwadi ezazishushumbiswe isiboshwa esasikhululiwe esingeyena uFakazi, yeka indlela esakhululeka futhi sabonga ngayo uJehova! Kuze kube namuhla asazi ukuthi wenziwa kanjani futhi ubani lomzamo omubi wokwephula ubuqotho bethu.
Kamuva, unina kaJára wavunyelwa ukuyobona indodana yakhe. Phakathi nalezizikhathi, ngangimphelezela ngiyombeka esangweni lasejele futhi ngimbuke lona wesifazane omncane obuthakathaka, enza izenzo ezibonisa isibindi kakhulu. Ebhekwe onogada, wayebamba isandla sendodana yakhe ayinikeze izincwadi ezincane ngangokunokwenzeka ezithwetshuliwe. Nakuba ukutholwa kwazo kwakungasho ukujeziswa kanzima, ikakhulukazi endodaneni yakhe, wayethembela kuJehova, eqaphela ukuthi ngaso sonke isikhathi kubalulekile ukulondoloza impilo engokomoya.
Kamuva, ngo-1960, kwamenyezelwa ukusulwa kwamacala awo wonke umuntu, futhi oFakazi abaningi bakhululwa ejele. UJára wabuyela ekhaya, futhi emasontweni ambalwa, sase siwumbhangqwana ojabulayo owawusanda kushada.
Ukushintsha Indlela Yami Yokuphila
UJára wabelwa umsebenzi wokujikeleza, ekhonza izithakazelo zobuzalwane kulo lonke izwe. Ngo-1961 wabelwa ukuhlela ikilasi lokuqala leSikole Senkonzo SoMbuso engxenyeni yezwe yabakhuluma isiCzech, kanye nokuqhuba amakilasi amaningi alesisikole kamuva.
Ngenxa yezinguquko zezombangazwe eCzechoslovakia ngo-1968, ngonyaka olandelayo iningi lethu lakwazi ukuya eMhlanganweni Wezizwe “Wokuthula Emhlabeni” WoFakazi BakaJehova eNuremberg, eJalimane. Nokho, iziphathimandla azimvumelanga uJára ukuba ashiye izwe. Abanye bethu bathatha izithombe zama-slide zalowomhlangano omkhulu, futhi kulo lonke izwe, uJára waba nelungelo lokuhlanganyela ekunikezeni isimiso esiqinisa ukholo esasinalezizithombe. Abaningi babefisa ukubona lesisimiso ngokuphindaphindiwe.
Sasingazi ukuthi lesi kwakuyisikhathi sokugcina uJára evakashela abazalwane. Ekuqaleni kuka-1970, impilo yakhe yawohloka ngokuphawulekayo. Isifo se-pleurisy esingamahlalakhona, ayefunde ukusibekezelela, sahlasela izinso zakhe, futhi ukuba buthakathaka kwazo kwaba okubulalayo. Wafa eneminyaka engu-48.
Ukusekelwa Usizo LukaJehova
Ngafelwa othile engangimthanda kakhulu. Kodwa ngokushesha inhlangano kaNkulunkulu yanginikeza usizo, ngoba ngavunyelwa ukuba nengxenye ekuhunyushweni kwezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Njengokungathi sasisemjahweni wokunikezelana, ngazizwa sengathi umyeni wami wayengidlulisele induku ukuze ngiqhubeke nomsebenzi naye ngokwakhe ayewenzile.
Iningi lethu eMpumalanga Yurophu lakhonza uJehova iminyaka engaphezu kwengu-40 lingaphansi kokuvinjelwa amaKhomanisi. Khona-ke, ngo-1989, lapho kususwa ubuKhomanisi, ukuphila kulendawo kwaqala ukushintsha ngokuphawulekayo. Nakuba ngangiphuphe oFakazi BakaJehova bebambe umhlangano eStrahov Stadium ewudedangendlale yasePrague, ngangingazange ngicabange ukuthi leliphupho lalingafezeka. Nokho, ngo-August 1991, lafezeka ngendlela eyisimangaliso lapho abangaphezu kuka-74 000 bebuthana ekukhulekeleni ngenjabulo!
ICzechoslovakia ayibange isabakhona ngo-January 1993 lapho lelizwe lihlukaniswa liba amazwe amabili—iCzech Republic neSlovakia. Yeka indlela esajabula ngayo ngo-September 1, 1993, lapho iCzech Republic iqaphela ngokomthetho oFakazi BakaJehova!
Kokuhlangenwe nakho kwami ekuphileni, ngiyazi ukuthi uJehova uhlala enesibusiso asigcinele sona, uma simvumela asifundise indlela yokubala izinsuku zethu. (IHubo 90:12) Ngithandaza njalo kuNkulunkulu ukuba angifundise indlela yokubala izinsuku zami kulesisimiso sezinto ukuze ezinsukwini ezizayo ezingenakubalwa ezweni lakhe elisha, ngibe phakathi kwezinceku zakhe ezijabulayo.
[Isithombe ekhasini 19]
Umama nobaba
[Isithombe ekhasini 21]
Umhlangano ehlathini ngo-1949 phakathi nokuvinjelwa: 1. Umfowethu uPavel, 2. Umama, 3. Ubaba, 4. Mina, 5. Umfoweth’ uHála
[Isithombe ekhasini 22]
Nginomyeni wami, uJára
[Isithombe ekhasini 23]
Unina kaJára nezincwadi ezithwetshuliwe ayemshushumbisela zona
[Isithombe ekhasini 24]
Namuhla ngisebenza ehhovisi legatsha ePrague