Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 3/8 kk. 3-4
  • Kunomsoco Kangakanani Ukudla Kwakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kunomsoco Kangakanani Ukudla Kwakho?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imali Ayanele
  • Indlela Ukudla Okunomsoco Okungayithuthukisa Ngayo Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1995
  • Izimbangela Ezijulile, Imiphumela Efinyelela Kude
    I-Phaphama!—2003
  • Ukudla Okwanele Kwabo Bonke!
    I-Phaphama!—1995
  • Ungakuthola Ukudla Okunomsoco
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 3/8 kk. 3-4

Kunomsoco Kangakanani Ukudla Kwakho?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL

Ukukhetha kanjani ukudla kwakho? Lapho uthenga ukudla, yiziphi izici ezikuthonyayo? Ingabe ukusongwa ngokucophelela? Intengo? Ukuphekeka kalula? Ukugomela kwezokukhangisa? Noma indlela ukudla okubukeka futhi kunambitheke ngayo? Ukukhetha okuhle kungase kunqume ukuthi udla ukudla okunomsoco noma okungenamsoco, ukuthi impilo yakho iyathuthuka noma iyalimala.

BUMPOFU buyimbangela eyinhloko yokungondleki. Nakuba abaningi bekuthatha kancane ukuba nokudla, izigidi zabanye azikutholi ukudla okunomsoco. “Lapha ekhaya sidla noma yini esingayithola,” kusho umakhi othile waseBrazil, onguyise wezingane eziyisithupha. Ngokuvamile lokhu kusho ukudla isinkwa esidala nekhofi elingamanzi noma ilayisi nobhontshisi. Eqinisweni, ngokombiko we-Food and Agriculture Organization yeZizwe Ezihlangene, amaphesenti angu-20 enani labantu basemhlabeni akhungethwe indlala. Nakuba indlala isakazekile kwamanye amazwe ase-Afrika, kunenqwaba yabantu entula ukudla e-Asia. Ngisho nase-United States, kubikwa ukuthi abantu abangamaphesenti angu-12, noma abayizigidi ezingu-30, abanakho ukudla okwanele.

Ukungondleki akuyona nje ingozi kodwa kungabulala. “Ukungondleki okubangelwa ukupha ingane ukudla okungenamsoco kubulala abantu izikhathi ezingaphezu kweziyishumi kunababulawa indlala ngokuqondile,” kuphawula umcwaningi uWilliam Chandler. “Njengoba kuhambisana nokuntuleka kwamanzi emzimbeni okubangelwa uhudo, ukungondleki kuwumbulali oyinhloko emhlabeni.” I-UNICEF (United Nations Children’s Fund) iyabika: “Awukho umqedazwe, asikho isikhukhula, akukho ukuzamazama komhlaba noma impi okwake kwabulala izingane ezingu-250 000 ngesonto elilodwa nje.” Kodwa, ngokwalenhlangano ye-UN, lelo inani lezingane emhlabeni wonke elibulawa ukungondleki nezifo ezibangelwa yikho. Eqinisweni, umonakalo obangelwa ukungondleki mkhulu kakhulu: Ikhono lokufunda liyehla, izisebenzi ziba buthakathaka, umkhiqizo kanye nezinga lomsebenzi kuyehla.

Nokho, ukudla ukudla okufanele kunganqoba ukungondleki nemiphumela emibi enjenge-anemia nezinye izifo. Usizo lukahulumeni njengokudla kwasemini kwasesikoleni nezindawo zokondla abampofu kungase kudambise ukungondleki kwezinye izindawo, kodwa ngokwezikhulu ze-UNICEF, kudingeka amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-91 ngonyaka ukuze kuncishiswe ukufa kwezingane okubangelwa uhudo, i-pneumonia, nesimungumungwane. Abanye bangase bathi, ‘Izindodla zemali lezo.’ Kodwa kubikwa ukuthi yilokho amaMelika akuchitha ezicathulweni zezemidlalo nalokho abaseYurophu abakuchitha ewayinini ngonyaka owodwa. Enye inselele ukunciphisa ukusaphaza. Nakuba abantu baseBrazil abalinganiselwa ezigidini ezingu-32 bevame ukubulawa indlala, uMnyango Wezolimo waseBrazil ubika “ukuthi ukusaphazwa kwesivuno [okubiza amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-5,4] kwezokuthutha noma ekulondolozeni kubangela ukulahlekelwa okungamaphesenti angu-18 kuya kwangu-20 omkhiqizo wezolimo wesizwe.” Kunezinkinga ezingathi sína kwezolimo, ukunisela ngenkasa, ukulondoloza ukudla, nezokuthutha emazweni amaningi; nokho, umhlaba usengakhiqiza inala yokudla yabo bonke abantu. Ngakho ungabhekana kanjani nenselele yokondla umkhaya wakho?

Imali Ayanele

Emazweni asathuthuka ngokuvamile abantu bayakwazi ukondla imikhaya yabo ngokusebenza ezindaweni ezimbili noma ezintathu. EBrazil abantu abayisigidi nengxenye ngonyaka bashiya umkhaya noma abangane bathuthele emadolobheni amakhulu beyofuna umsebenzi nokudla. Nakuba impilo ngezinga elithile ixhomeke kulokho abantu abakudlayo, ingxenye enkulu yemali yabo isetshenziswa ezingutsheni zokugqoka, ezindlini, nakwezokuthutha.

Ngokujabulisayo, ukudla okuvamile, njengelayisi, ubhontshisi, ummbila, amazambane, umdumbula, nobhanana, okuthasiselwa ngenyama nenhlanzi, kuwumthombo oyinhloko wokudla okunomsoco emhlabeni wonke. Isazi sezokudla saseBrazil uJosé Eduardo de Oliveira Dutra sathi: “Ubhontshisi nelayisi kuyinhlanganisela enomsoco kakhulu. Ngokuba nokudla okunjalo okuvamile nokungabizi, inganqandwa indlala [ezweni].” Yebo, ukudla okungabizi nokunomsoco kungatholakala lapho uhlala khona. Noma nje ungase ukutshale okunye.

Nakuba ungase ube nemali eyanele, ingabe uyisebenzisa ekuthengeleni umkhaya wakho ukudla okunomsoco? Noma ingabe uthonywa ezokukhangisa ezinobuqili futhi eziphikelelayo ukuba uthenge amaswidi noma ukudla okungenamsoco ngaleyondlela ungasinaki isidingo samaprotheni, amaminerali, namavithamini? Ingabe ukunambitheka kukhanga kakhulu kunomsoco? I-World Book Encyclopedia iyaphawula: “Ukuze abantu babe nempilo enhle futhi bayilondoloze, kumelwe babe nolwazi oluyisisekelo ngomzimba womuntu nendlela osebenza ngayo. Kulapho-ke beyokwazi khona ukunquma ukuthi yini eyolimaza noma engeke ilimaze impilo yabo. Ukufunda ngempilo kufanele kube ingxenye yemfundo yomuntu ngamunye.”

Yiqiniso, asiphileli nje ukudla, kodwa kuyingxenye ebalulekile yokuphila kwethu. IBhayibheli likhuluma ngokudla kahle njengomvuzo wokuzikhandla, lithi: “Ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.” (UmShumayeli 3:13) Ingabe ukudla okunomsoco ukubheka njengokubalulekile nokudingekile? Uma kunjalo, siza uhlole isihloko esilandelayo esikhuluma ngendlela ukudla okunomsoco okungakuzuzisa ngayo wena nomkhaya wakho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela