Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 2/22 k. 32
  • Usizo Oluyigugu Ezabelweni Zesikole

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo Oluyigugu Ezabelweni Zesikole
  • I-Phaphama!—1995
I-Phaphama!—1995
g95 2/22 k. 32

Usizo Oluyigugu Ezabelweni Zesikole

“OMAGAZINI INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokuqinisekile bangomagazini abafundisa kakhulu, okulula kakhulu ukubafunda nokubaqonda, abafika ngesikhathi ngempela, nabakhuthaza kakhulu kunabo bonke engake ngabafunda,” kubhala umfundi othile osemusha. “Ukwaziswa engikusebenzisa ezabelweni zami zesikole eziningi kuvela kulabomagazini. Lapho ngitadisha okuthile esikoleni, kukhona isihloko esikhuluma ngayo kanye leyondaba esingikhuthazayo futhi singisize ngiqonde isihloko nokubaluleka kwaso.”

Wachaza: “Ngokwesibonelo, ngangidinga isihloko sesabelo sesayensi se-Science Fair okwakudingeka ukuba siyingenele. Lesisabelo sasidinga izithombe ezintathu, umbiko, kanye nesiboniselo. Ngakho ngakhetha ukusingatha indaba yokufudumala kwembulunga, okwaxoxwa ngayo ku-Phaphama! [yesiNgisi] ka-September 8, 1989. Ngasekela izithombe zami emifanekisweni eyakhishwa kulezizihloko futhi ngasebenzisa ukwaziswa okuqukethwe lapho embikweni wami. Uthisha wethu wesayensi yezinto eziphilayo wanginikeza u-A, futhi ngathola umklomelo wokuqala engxenyeni ephathelene nezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile nokulondolozwa kwemvelo!”

Uma ungathanda ukuthunyelelwa ikhophi ye-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ekhaya, noma uma ungathanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele e-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela