Okwenza Ababhishobhi Base-Italy Bakhathazeke
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY
ENGQUNGQUTHELENI yababhishobhi bamaKatolika eyayingo-November 1993, kwakhulunywa kakhulu amagama ayiziswana ngoFakazi BakaJehova. Kwathiwa abawona amaKristu futhi ukushumayela kwabo endlini ngendlu “kuwukuguqula abantu ngonya.”
Nokho, akuzona zonke izikhulu zenkolo ezikuvumayo lokhu. Ngokwesibonelo, u-Attilio Agnoletto, uprofesa womlando wobuKristu eMilan State University, uchaza oFakazi BakaJehova ngokuthi “bayinhlangano enamandla, ezimisele, engokweBhayibheli, engokomthetho ngokuphelele engenalutho olungebona ubukristu.”
Futhi kuthiwani ‘ngokuguqula kwabo abantu ngonya’? Uprofesa Agnoletto watshela i-Phaphama!: “Igama elithi ‘unya’ alamukeleki ngokuphelele. Lokho bekuyosho ukuthi nokuguqula abantu okwenziwa uJesu Kristu ‘kwakunonya.’”
Kungani ababhishobhi bebabandlulula kangaka oFakazi BakaJehova? Uprofesa Agnoletto unomuzwa wokuthi ukuphikiswa kwabo “kubangelwa yilo kanye inani nempumelelo yoFakazi BakaJehova e-Italy namuhla,” lokho, enezela, “okuhambisana nesimo esibucayi senkolo yamaKatolika.”
Namuhla abefundisi bafuna ukuhlazisa nokuvimbela labo abalalela umyalo kaJesu wokushumayela. (Mathewu 28:19, 20; qhathanisa noMathewu 5:11, 12.) Iphephandaba i-Stampa libika ukuthi naphezu kokuphikiswa, oFakazi BakaJehova bayinkolo yesibili enkulu kunazo zonke e-Italy, manje enamalungu angaphezu kuka-200 000 futhi anda ngokuqhubekayo.
Ngokuphambene, baye bancipha abantu abaya eSontweni LamaKatolika eminyakeni yamuva nje. Ngakho ekuqaleni kuka-1994, uPapa John Paul II wanxusa amaKatolika ase-Italy ukuba abe abashumayeli bevangeli abashisekayo, abashumayela ngisho nasendlini ngendlu—njengoFakazi BakaJehova!a
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ikhasi 15.