Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Uyayinikeza Imivuzo?
YEBO, uyayinikeza. Ingabe-ke kuwubugovu ukukhonza uNkulunkulu ngenxa yomvuzo? Cha, ngoba yena ngokwakhe ubekela izinceku zakhe ezithembekile imivuzo. Eqinisweni, njengoNkulunkulu wobulungisa nothando, uJehova uzibophile ukuvuza abamkhonzayo. IZwi lakhe, kumaHeberu 11:6, lithi ngokwengxenye: “Umuntu osondela kuNkulunkulu kumelwe abe nokholo ezintweni ezimbili, okokuqala ekutheni uNkulunkulu ukhona kanti okwesibili ekutheni uNkulunkulu uyabavuza abamfunayo.”—Phillips.
Ukubonisa ukholo lweqiniso kuNkulunkulu kukuzuzisa ubuhlobo naye, futhi lobubuhlobo buholela emvuzweni. UNkulunkulu uyababusisa labo abakufuna ngobuqotho ukuvunyelwa nguye.
Imivuzo Izenzo Zothando
UJehova ufuna ukuba sazi ukuthi unguNkulunkulu obavuzayo labo abamthandayo. Ngokwesibonelo, abazali abacabangelayo bafuna izindlela zokuvuza ingane yabo esebenza ngokuzithandela ekhaya ngenxa yokuthanda abazali. Lababazali bangalungiselela okungaphezu nje kwezidingo zokuphila, bavuze ingane ngesipho esikhethekile. Ngezinye izikhathi lesisipho singase sibe imali engase igcinwe ebhange ukuze ilonde ingane esikhathini esizayo. Ngakho, uNkulunkulu akafani nabantu abangabazisi noma babacabangele labo abenza izinto ngenxa yothando noma ukwethembeka. UJehova unenhliziyo enothando futhi uyasondela kubangane bakhe. Uma umkholelwa ngokuqinile, ‘akasoze akuyeka, akasoze akushiya.’—Heberu 13:5.
UNkulunkulu uyabazisa futhi ubabonisa umusa bonke abanikela kuye ngisho nenkonzo encane, abanikeze amathuba engeziwe okuba bamazi. Amazwi kaJesu kuMathewu 10:40-42 ayalibonisa leliphuzu: “Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo. Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo. Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe-munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”
UJesu wayethunywe uYise, uJehova. Ngakho, umuntu owamukela abafundi bakaKristu ngomusa—kungakhathaliseki ukuthi bangabaprofethi, abantu abalungile, noma izingane—wamukela uKristu kanye noNkulunkulu, owathuma uKristu. Ngokuqinisekile lowomuntu uyobusiswa; uyothola umvuzo. Inqolobane yakhe yezinto ezingokomoya iyochichima. Ngani? Ngoba uJehova ukhumbula ngisho nesenzo esincane senkonzo eyenziwa ukuze kusekelwe uMbuso wakhe, futhi lesosenzo siyovuzwa.—Heberu 6:10.
Ngokuthakazelisayo, uPetru, umfundi kaJesu, wabuza uJesu ngokuqondile ukuthi wawuzoba khona yini umvuzo ayezowuthola yena nabaphostoli abakanye naye: “Bheka, thina sishiyé konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?” (Mathewu 19:27) UJesu akazange abheke lombuzo njengongafanelekile kodwa wanikeza impendulo eqinisekisayo, ethi: “Nalowo oshiyé izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwé kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.”—Mathewu 19:29.
Imivuzo Yamanje Neyesikhathi Esizayo
Impendulo eyanikezwa uJesu ibonisa ukuthi abalandeli bakhe bathola umvuzo manje nasesikhathini esizayo. Omunye umvuzo wamanje uwukuba babe ingxenye yomkhaya owandayo womhlaba wonke wabazalwane nodade abangokomoya. Nakuba amasonto eLobukholwa ekhala ngokuncipha kwamalungu nokuntuleka kokusekela, amahholo emihlangano oFakazi BakaJehova ayachichima. Unyaka ngamunye kubhapathizwa amakhulu ezinkulungwane zoFakazi abasha.
Omunye futhi umvuzo ukuthula kwengqondo kanye nokwaneliseka nenjabulo okulethwa ubuhlobo noNkulunkulu nokumazi. Yebo, “ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa” kuyinzuzo enkulu. (1 Thimothewu 6:6) Ngempela kubonisa isimo sengqondo senjabulo lapho umuntu ekwazi ukusho njengomphostoli uPawulu: “Ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani,” okungukuthi, ukugculiswa.—Filipi 4:11.
Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uPawulu wabhala ngomvuzo wesikhathi esizayo ‘womhlambi omncane’ wabalandeli bakaJesu abagcotshiwe—umvuzo wokuvuselwa ekuphileni kwasezulwini: “Sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.”—Luka 12:32; 2 Thimothewu 4:7, 8.
Izigidi zabalandeli bakaJesu ‘abangezinye izimvu’ zakhe zibheke emvuzweni wesikhathi esizayo wokuphila okuphakade emhlabeni oguqulwe waba ipharadesi. (Johane 10:16) Futhi uJesu waqinisekisa ukuthi abalandeli bakhe abafayo ‘bayokwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.’—Luka 14:14.
Bona Umvuzo Ngeso Lengqondo
Kufanelekile ukuzama ukubona lezizibusiso ngeso lengqondo, nakuba kungekho muntu owazi ngokuthé ngqo ukuthi ziyoba njani ngempela. Awukwazi yini ukuzwa injabulo echazwe ku-Isaya 25:8: “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke”? Zama ukubona ngeso lengqondo amazwi ka-Isaya 32:17: “Umsebenzi wokulunga uyakuba-ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe-ngukulondeka kuze kube-phakade.” Yebo, bonke abantu bayobe besebenza ndawonye ngobungane beqiniso. (Isaya 65:21-25) Ngisho nanamuhla, izindlu ezinhle nemikhiqizo yezinga eliphakeme kuwumphumela womsebenzi wenkuthalo. Khona-ke, ezweni elisha likaNkulunkulu, abantu abanempilo ngaphansi kwezimo eziphelele bayokwazi ukukhiqiza noma yini edingekile ukuze ukuphila kujabulise.—IHubo 37:4.
Imivuzo esiyinikezwa uNkulunkulu ayibangelwa inkonzo yethu ephakeme kodwa ishukunyiswa uthando lwakhe njengesipho naphezu kwesimo sethu sesono esazuzwa njengefa. (Roma 5:8-10) Nakuba kunjalo, umvuzo esiwulangazelelayo uhlobene nokuziphatha kwethu. Kumelwe sifune uJehova ngobuqotho sinokholo oluqinile nokukhuthazela. (Heberu 10:35-39) Ngamanye amazwi, ‘konke okwenzayo kwenze ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, wazi ukuthi uyakwamukela umvuzo wefa eNkosini.’ Yebo, uJehova uyayinikeza imivuzo.—Kolose 3:23, 24.