I-Chop Yakho Isignesha Yakho
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ETAIWAN
“FAKA i-chop yakho lapha,” kusho umabhalane ongemva kwekhawunta eposini elimatasa laseTaipei, eTaiwan.
“Ngifake i-chop?” ngisho ngimangele ngempela. “Kodwa uxolo kancane, mina ngiyazifikela kulendawo. Anginayo i-chop—noma ngabe yini leyo,” ngizama ukuchaza. “Ngingemane ngisayine-ke?”
“Yebo, ungasayina, kodwa kungani ungaceli bakwenzele i-chop?” kuphendula umabhalane waseposini. “Ngeke-ke uphinde ube nenkinga.”
Ngenza ucwaningo ngizibuza ukuthi le-chop ngabe iyini futhi leligama layo elingavamile livelaphi. Kusichazamazwi sami ngathola ukuthi i-chop iyisishicilelo noma isigxivizo esingokomthetho noma isinyatheliso saso nokuthi elithi “chop” livela egameni lesiHindu elithi chāp, elisho “isigxivizo.”
Indlela Yokuthola I-Chop
Okokuqala, ngizodinga igama lesiShayina.a Kumuntu wokuhamba ngokuvamile leligama liwukuguqulwa komsindo wegama lakhe. Ngokwesibonelo, elithi “John Smith” lingaba “uShih Mi Sse” noma “uShih Yueh Han.” Noma ngingathola umngane oyiShayina ukuba angisize ngikhethe igama. Cishe uzokhetha lelo yena acabanga ukuthi liyangifanela, kodwa lingase lingezwakali nhlobo lifana negama lami langempela.
Isinyathelo esilandelayo siwukuvakashela esitolo somqophi wama-chop. Uma ngifika lapho ngikhetha into ezwana nami azoyiqopha phakathi kwezinhlobonhlobo ezikhona. Umqophi ube eseqopha izinhlamvu zegama lami lesiShayina elihlotshisiwe kuyi-chop yami.
Manje sengikulungele ukuqhubeka nebhizinisi noma ukukhipha imali eposini, ebhange, noma kuyiphi enye indawo yezamabhizinisi esemthethweni. Ukuze ngikwazi ukwenza ezinye izinto eziphathelene nomthetho, isishicilelo se-chop yami kumelwe sibhaliswe eHhovisi Lezangaphakathi Lokubhalisa. Uma kungesenhlangano ethile, sona-ke sibhaliswa enkantolo.
Kodwa ngiyazibuza nje ukuthi umabhalane wazi ngani ukuthi i-chop eyangempela. Ukuze ngithole futhi ngibone ukuthi ama-chop enziwa kanjani, ngivakashela uLin Rongdeh, umenzi wama-chop wasedolobheni lase-Kaohsiung, eningizimu Taiwan. Ngokusho kukaMnu. Lin, abantu abaningi bakholelwa ukuthi ngisho nama-chop anegama elifanayo aqoshwe umqophi oyedwa awafani ncamashí. Ukuze ahlole ukuthi i-chop eyangempela yini, umabhalane wasehhovisi usonga isishicilelo sibe uhhafu, ngokuvamile sivundle, bese esibeka esiqondanisa nesishicilelo esesisemafayilini. Labohhafu ababili kufanele bahambelane.
“Nokho, kulezinsuku,” kusho uMnu. Lin, ekhomba umshini osesitolo sakhe, “kunemishini ekwazi ukuqopha i-chop ngosizo lwe-computer. Ama-chop aqoshwe ngalendlela angase afane.”
“Kuyamangalisa lokho!” ngiphendula. “Kodwa uyenza kanjani i-chop nge-computer?”
“Ngiqale ngidwebe ephepheni elilula noma epulasitikini izinhlamvu zalelogama ngendlela elizoma ngayo kuyi-chop,” kuchaza uMnu. Lin. “Bese-ke ngilibeka esihlokweni esizungezayo se-computer, okuyiyona efunda leligama ngomsebe we-laser. Ngesikhathi esifanayo, ngibophela i-chop okumelwe iqoshwe kwesinye isihloko esizungezayo, bese kuthi usungulo oluncane olulawulwa umsebe we-laser luqophe kule-chop izinhlamvu engizidwebile.”
Njengoba lendlela ingabizi, ngokuvamile ilungu lomkhaya ngalinye lenzelwa eyalo i-chop. Lama-chop abekwa lapho engatholaka khona kalula ekhaya ukuze asetshenziswe yinoma ubani owemukela iposi elirejistiwe noma ezinye izinto ebezingadinga isignesha emazweni aseNtshonalanga.
Imvelaphi Ye-Chop
Ukusetshenziswa kokuqala okwaziwayo kwe-chop eChina kwakungonyaka ka-1324 B.C.E. Kodwa kuze kwaba lapho sekubusa abakwa-Chou (1122-256 B.C.E.) lapho ama-chop aduma khona. Ngalezozikhathi zakuqala, ngokuvamile ayeboshelwa okhalweni kunokuba asetshenziswe njengesignesha, ukuze kuboniswe isikhundla noma kuboniswe nje ukuthi umuntu ungumhlonishwa. Yayimelela kakhulu isikhundla lowomuntu ayekuso. I-chop yayidluliselwa kolandelayo esikhundleni uma lesosikhulu sithatha umhlalaphansi noma sifa, njengoba ngokuvamile kusenjalo nanamuhla. Uma umuntu ohlonishwayo efuna ukubhunga udaba nombusi, wayeveza i-chop yakhe eyenziwe nge-jade ukuze abonise ukuthi ungubani.
Ekusungulweni kwephepha, i-chop yaya ngokuya imelela isignesha. Yasetshenziswa kakhulu ngisho nangabantu abavamile. Namuhla, noma ubani lapha une-chop, ngisho nesakhamuzi sakwelinye izwe njengami nje, futhi noma yimuphi umcikilisho odinga isignesha ungafezwa ngokusetshenziswa kwe-chop kuphela. Nakuba isignesha ebhalwayo nayo ingase isetshenziswe ngokomthetho, kubantu abaningi yi-chop eyenza izinto zibe ngokomthetho. Lomkhuba ususabalele nawo wonke amazwe aseMpumalanga, kangangokuba amaJapane nabaseKorea sebeyayisebenzisa i-chop.
Indlela Ama-Chop Abukeka Ngayo
I-chop ingaba isikwele, unxande, imise okweqanda noma indilinga, noma ibe yinoma isiphi isimo kwezingenakubalwa. Ingaba ncane ibe ngamamilimitha amathathu ububanzi noma ibe isikwele esingamasentimitha angu-15 ubukhulu. I-chop ingenziwa nge-jade, ngetshe lomkhumenge, uphondo, umhlanga, i-brass, ukhuni, noma ipulasitiki, kuye ngesifiso nemali yomthengi kanye nenjongo leyo-chop ezosetshenziselwa yona. Uma i-chop izosetshenziswa ngokwethukela futhi isetshenziselwa imicikilisho engabalulekile kangako, ukhuni noma ipulasitiki ikahle. Kodwa uma umniniyo ehlose ukuyisebenzisa ukuphila kwakhe konke, khona-ke angase akhethe into eyigugu futhi ekhanga kakhudlwana.
Ngokwesibonelo, i-chop engokomthetho ye-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, egatsheni laseTaiwan, iqoshwe oqwembeni lokhuni olungamasentimitha angu-7,5 ubude, amasentimitha amahlanu ububanzi, namasentimitha angu-2,5 uhlonze. Nembala “isignesha” eyinqaba nje, awuvumi? Ngokuvamile nephepha elizosayinwa lisuke lingengako!
Ama-chop ajwayelekile ayizinto ezingenamcikilisho eziqoshwe ngobunyoninco lelogama lesiShayina elizosala ligxivizekile. Isibambo esiqoshiwe senezela ubuhle nobugugu be-chop. Amanye ama-chop ayizinto ezenziwe ngekhono eliwubunyoninco kakhulu. (Bheka umfanekiso osekhasini 23.) Ngokuvamile umnikazi wale-chop uyiphatha ngesikhwanyana sesikhumba noma ngebhokisana elinengosana ephethe inhlama kayinki obomvu. Ngezinye izikhathi umbhangqwana osanda kushada uqoshelwa ama-chop awo ezintweni ezimbili ezithathwe noma zasikwa esiqwini esisodwa futhi aqoshwe ngendlela efanayo—okusuke kuwumqondo wezithandani nje. Noma njengakuma-chop amahle e-jade ephuzi asesithombeni esisekhasini 23, womathathu lama-chop namaketango aqoshwa etsheni elilodwa.
Lapho isiqoshiwe, i-chop iba isignesha esemthethweni yomniniyo noma lowo onesikhundla, ngakho kumelwe iphathwe ngokunakekela okukhulu. Kufanele iqashelwe ingebiwa, ngoba isela lingayisebenzisela ukwenza umgunyathi ezincwadini, likhiphe imali emabhange, lishintshe amasheke, njalonjalo.
Ngenzenjani uma ngilahlekelwa i-chop yami? Okokuqala, kumelwe ngazise abaseposini, abasebhange, nezinye izikhungo ezithintekayo ukuze ziyesule i-chop yami. Yiqiniso, lokhu kumelwe ngikwenze ngokushesha ukuze ngivimbele ukusetshenziwa okungemthetho kwe-chop yami. Khona-ke kuzomelwe kwenziwe entsha. Uma izothatha isikhundla se-chop ebhalisiwe, kumelwe ngiphinde ngidlule emicikilishweni yokuyibhalisa, futhi amahhovisi athintekayo kumelwe aziswe nge-chop yami entsha. Ngakho ucabanga ukuthi ukulahlekelwa i-credit card kuwuhlupho? Umuntu ohlakaniphile uyayiqaphela i-chop yakhe ingalahleki noma yebiwe!
Emazweni aseNtshonalanga, ukuqongelela izitembu, kuwumsebenzi othandwayo wokuzilibazisa. EChina abantu baqongelela ama-chop noma izishicilelo zama-chop ahlukahlukene, anyatheliswa ezincwadini ezikhethekile. Amanye ama-chop mahle kakhulu, ngenxa yokuthi indlela izinhlamvu eziqoshwe ngayo nokwakheka, umbala, nesimo saleyo-chop kuyahlangana kwakhe ukubukeka okujabulisa kakhulu. Ama-chop ayengawabantu abake baduma noma baba nesithunzi noma ama-chop ekhethelo akudala ngokuvamile agcinwa emaqoqweni aseminyuziyamu.
Lapho umuntu ngamunye ethatha ipeni asayine incwadi engokomthetho emazweni aseNtshonalanga, ngokunokwenzeka kunothile ezweni laseMpumalanga naye othatha i-chop, ayicindezele izikhathi eziningana oqwembeni lukayinki obomvu, bese egxiviza ngokucophelela “isignesha” yakhe emgqeni wamachashazi.
Yeka indlela amasiko ahlukahlukene enza ukuphila kuthakazelise ngayo!
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba ama-chop engenziwa abe namagama ezinye izilimi, ubuhle be-chop busendleleni umbhalo wayo wesiShayina oklanywe ngayo.
[Izithombe ekhasini 23]
Kusukela kwesokudla kuya kwesobunxele: Isinyatheliso sikayinki obomvu se-“chop”; ama-“chop” aneketanga, wonke aqoshwe nge-“jade” eyodwa; umqophi wama-“chop” eqopha; i-“chop” eqoshwe inkondlo
I-“chop” enesimo sofudu
[Umthombo]
Chops: National Palace Museum, Taipei, Taiwan