Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 5/22 k. 21
  • Ingabe IBhayibheli Alisebenzi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Alisebenzi?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Nokho, Ayini Amaqiniso?
  • Lapho Kuziwa Kusayensi, IBhayibheli Lingokwesayensi
    I-Phaphama!—1987
  • Isayensi: Ingabe Iye Yabonisa IBhayibheli Linephutha?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Ingabe Lencwadi Iyavumelana Nesayensi?
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 5/22 k. 21

Ingabe IBhayibheli Alisebenzi?

ABANINGI baphendula ngokuthi yebo bese bethi: “Alivumelani nesayensi. Liyinganekwane nensumansumane. Lishiywe isikhathi. Alisizi. Abalikholelwayo baphila ezweni lamaphupho.”

Nokho, Ayini Amaqiniso?

• IBhayibheli lithi ukuphila kwadalwa uNkulunkulu. Isayensi ithi ukuphila kwaqala ngokuhlangana okuzenzekelayo kwamakhemikhali namandla. I-World Book Encyclopedia ithi: “UPasteur wabonisa ukuthi ukuphila akunakuzivelela.” Incwadi yesazi sezinto eziphilayo uMichael Denton ethi Evolution: A Theory in Crisis ithi: “Phakathi kwengqamuzana eliphilayo nesimiso esingaphili esinokuhleleka okukhulu, . . . kunegebe elikhulu nelisobala ngokucacile.” Asikho isazi sokuziphendukela kwemvelo esingasikisela ngendlela enengqondo ngokwesayensi ukuthi ukuphila kungazivelela.

• Isayensi yokuziphendukela kwemvelo ithi lelingqamuzana lokuqala laphenduka laba yizo zonke izidalwa eziphilayo emhlabeni. Umlando wemivubukulo ubonisa ngokucacile ukuthi ayikho inqubo eyenza ukuba uhlobo oluthile olulodwa luphenduke olunye. Usosayensi uFrancis Hitching encwadini yakhe ethi The Neck of the Giraffe uyabhala: “Lapho ufuna ukuhlobana phakathi kwamaqembu ezilwane ayinhloko, akutholakali nhlobo.” Lokhu kuvumelana nalokho okushiwo iBhayibheli—ukuthi uhlobo ngalunye luzala ‘ngokohlobo lwalo.’—Genesise 1:12, 25.

• Ezikhathini eziningi isayensi yemivubukulo ifakazela ukuthi ukulandisa kweBhayibheli okungokomlando kuyiqiniso.

• Abasendulo babecabanga ukuthi umhlaba usekelwe emkhathini ngazo zonke izindlela ezicatshangelwayo. Kwakungu-Isaac Newton owabonisa ngokwesayensi ukuthi ngokwemithetho yokuhamba namandla adonsela phansi, umhlaba wawuntanta emkhathini. IBhayibheli lalikubonisile lokho eminyakeni engaba ngu-3 200 ngaphambili, lilandisa kuJobe 26:7 ukuthi uNkulunkulu “uphanyeka umhlaba phezu kweze.”

• I-Encyclopedia Americana ithi: “Umbono wokuthi umhlaba uyindilinga wawungamukeleki kabanzi kwaze kwafika iNkathi Yempucuko,” kodwa ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E., iBhayibheli lathi ngoNkulunkulu: “Uhlala phezu komhlaba oyindilinga.”—Isaya 40:22, Moffatt.

• UMthetho kaMose (wekhulu le-16 B.C.E.) wabonisa ukuqaphela amagciwane ezifo ezithathelwanayo ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka ngaphambi kokuba uPasteur abonise ukuthi amagciwane abangela izifo.—Levitikusi, izahluko 13, 14.

• Eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kukaKristu, uSolomoni wabhala ngendlela engokomfanekiso ngokuzungeza kwegazi, kodwa isayensi yezokwelapha yalinda kwaze kwaba yilapho uWilliam Harvey ekuchaza ekhulwini le-17 C.E.—UmShumayeli 12:6.

• USolomoni wabhala ngezintuthwane ezinezinqolobane ngaphansi komhlaba lapho zigcina khona imbewu ehlala kuze kuphele ubusika. (IzAga 6:6-8) Abagxeki beBhayibheli bathi azikho izintuthwane ezinjalo. Nokho, ngo-1871, isazi sezemvelo saseBrithani sazithola lezintuthwane nezinqolobane zazo.

• IHubo 139:16 labonisa ulwazi ngezici zofuzo: “Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho.”

• Ekhulwini lesikhombisa B.C.E., ngaphambi kokuba ososayensi baqaphele ukuthutha kwezinyoni, iBhayibheli lembula kuJeremiya 8:7: “Unogolantethe esibhakabhakeni uyasazi isikhathi sokuthutha, ijuba nenkonjane nonohemu bayayazi inkathi yokubuya.”—The New English Bible.

• Ekhulwini lokuqala C.E., iBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” abantu babeyobhubhisa indawo ezungezile emhlabeni, futhi ngenxa yalokhu, uNkulunkulu ‘wayeyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—2 Thimothewu 3:1; IsAmbulo 11:18.

• Ingabe iBhayibheli alisizi? Linokuhlakanipha okuwusizo kakhulu kulezikhathi ezinzima, kodwa abantu kufanele bazikhethele ukulilandela ukuze bazuze. ‘Khandani izinkemba zenu zibe amakhuba nemikhonto yenu ibe ngocelemba.’ ‘Yenza kwabanye ngendlela ongafuna benze ngayo kuwe.’ Thanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Labo abalandela lezimiso abalwi, abenzi ubugebengu. Lapho abantu emhlabeni belalela ukubusa koMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu Jesu, ithemba lokholelwa eBhayibhelini liyoba iqiniso elingokoqobo, hhayi iphupho elingenakufezeka.—Mika 4:2-4; Mathewu 7:12; IsAmbulo 21:3-5.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 21]

Courtesy of the Shrine of the Book, Israel Museum, Jerusalem

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela