Ukuthanda Imali—Impande Yakho Konke Okubi
ISIZUKULWANE ngasinye singaphikisa ngokuthi siye sabona ukuphishekelwa okukhulu kunakho konke kwalelogugu elifunwa kakhulu kunawo wonke ebusweni bomhlaba—imali! Ngasinye singabhekisela ezimpini esazilwa ukuze sizuze ingcebo nomnotho, ngokuvamile isikhathi esasithathwa yilezizimpi sasinqunywa ukuthi imali yayihlala isikhathi eside kangakanani.
Emhlabeni wonke, kuye kwabulawa abantu abayizigidi ngenxa yemali. Abantwana babazali abacebile baye bathunjwa futhi bagcinwa ukuze bakhishwe ngesihlengo—imali ekhokhwa abazali babo ukuze babuye bephephile. Izisulu ezingazi ziye zaphangwa abaphangi imali yazo ebeziyiqongelela kukho konke ukuphila kwazo. Amakhaya abantu aye apeqululwa futhi agqekezwa ngenxa yemali. Abantu abanesibindi baye babizwa ngokuthi “Izitha Ezinkulu Zomphakathi” ngenxa yokuthi baphanga ibhange elithile. Asikho isizukulwane esingathi yisona kuphela esabhekana nalezizenzo eziyihlazo. Ngokwesibonelo, asikho isizukulwane esabona isifiso sokuhahela imali esikhulu kunaleso esabona iselelesi esinengekayo sikhaphela umngane waso omkhulu, umuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila, ngezinhlamvu zemali ezingu-30.
Nokho, muva nje kulesisizukulwane, ukuphishekelwa kwalengcebo ehlala iphunyuka, eyachazwa omunye umlobi waseMelika ngokuthi “i-dollar elinamandla wonke, impahla enkulu efunwa ngokuzinikela endaweni yonke,” sekujule kakhulu. Asikho esinye isizukulwane esibone ukuphangwa kwamabhange ngesibindi esikhulu kangaka—izigidi zamaRandi ziphangwa ezisebenzini zasemabhange ezisongelwa ngezibhamu, hhayi nje ngabesilisa nabesifazane kuphela kodwa ngisho nayintsha. Manje lezizenzo zokweba sezande kangangokuba azisanakwa imithombo yezindaba. Izinhlangano zezimali eziyinqwaba ziwohlokile ngoba abaninizo abahahayo bazisebenzisela bona ngokungemthetho izigidigidi zemali ezigcinwe abantu emabhange, ngaleyondlela banciphise imali yamabhange futhi abantu abaningi abagcine leyomali basale beyizimpabanga.
Kuthiwani ngezisebenzi zanamuhla zasemahhovisi ezikhwabanisa kubaqashi bazo izigidi zamaRandi ukuze zizame ukulingisa indlela yokuphila yabantu abanothile nabadumile? Kungabhalwa ukwaziswa okuningi ngabantu abacasha emigwaqweni elufifi ukuze baphange impahla esezikhwameni zabantu abadlulayo. Futhi kuthiwani ngokuphangwa ngesibindi emini kabhá, kubukele abantu abaningi, izisulu zibulawa futhi zikhuthuzwa imali yazo? Kwezinye izindawo zasemadolobheni ezakhelene, izakhamuzi ziyabubula: “Akuyona indaba yokuthi ngizophangwa yini emgwaqweni engihamba kuwo kodwa ukuthi ngizophangwa kaningi kangakanani.” Abanye baphatha ngisho ‘imali egcinelwe isigelekeqe’ ukuze bashweleze kumphangi, ongase asindise ukuphila kwabo ngenxa yalokho. Ngeshwa, lesisizukulwane sokugcina sekhulu lama-20 sibhekene nokufiswa kwemali okunonya kunakho konke okwake kwaba khona ezweni.
Amandla Emali Emkhayeni
Ake ubheke izingxabano zansuku zonke phakathi kwamadoda nabafazi bawo ngenxa yemali. “Imali iwuzibuthe oheha konke ukukhathazeka ekuphileni kwethu,” kubhala omunye umcwaningi. Wathi: “Kumelwe uyiqonde indlela wena nomngane wakho womshado enibheka nenisebenzisa ngayo imali ukuze ninqande ukuyilwela.” Kungakhathaliseki ukuthi imikhaya icebile noma impofu noma iphakathi nendawo, ochwepheshe abaningi bayavuma ukuthi imibhangqwana eminingi eshadile ilwela kakhulu imali. “Iyangimangalisa,” kusho omunye umcwaningi, “indlela eziningi ngayo izimpi ezihilela ukusetshenziswa noma ukulondolozwa kwemali.” Ngokwesibonelo, cabanga ngezigwili. Ngokuvamile umngane womshado owongayo ufuna ukulondoloza imali yakhe, kuyilapho osaphazayo efuna ukuyisebenzisa. Naphezu kwalengcebo, izimpi ziba khona—hhayi ngenxa yokuntuleka kwemali kodwa ngenxa yobuningi bayo. Kukhona abantu abashada ngenxa yemali, abajabulela indlela yokuphila ngokunethezeka, futhi ekugcineni bahlukanise ukuze bazitholele izizumbulu zemali.
Kulesisimiso sezinto esihlanyiswa yimali, imali iwuphawu lwamandla nokuzigqaja. Ngokuvamile lokhu kubangela ukucasuka lapho umfazi ehola kakhulu kunomyeni wakhe. Lapho isimo sinjalo, umyeni wakhe angase abe nomuzwa wokulahlekelwa amandla akhe nokuzigqaja. Umona uba khona—hhayi ngenxa yomuntu othile—kodwa ngenxa yaleloRandi elinamandla onke elifiswayo eliye labangela ukwehlukana. Empini phakathi kwemali nothando, ngokuvamile imali ihamba phambili.
Isimo sinjalo nje. Ngempela “ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.” (1 Thimothewu 6:10) Nokho, ukuntula imali kuye kwabalethela ubuhlungu obukhulu nokuhlupheka labo abenziwa izisulu zabantu abayiphishekelayo.
Ukuxhaphaka Kwemali
Ngokuvamile kuthiwa imali ibizwa enye. Bheka izizumbulu zemali—izigidigidi—ezichithelwa ukuyenga abangaba ngabathengi ukuba bathenge imikhiqizo edayiswa abakhangisi. Bheka iposi olitholayo—mhlawumbe uzoba olandelayo ‘ekuwineni amaRandi ayizigidi eziyishumi.’ Kubonakala sengathi akekho umuntu osenesithakazelo esigidini samaRandi nje; manje sekuyizigidi eziyishumi nangaphezulu. Abantu abaningi benza izikhokhelo zomagazini abangabafuni, futhi cishe abangasoze babafunde, ngenxa yokwesaba ukuphuthelwa inzuzo ethile yemali engase itholakale. Isithembiso esikhangiswayo esithi “Akudingeki uthenge ukuze ufanelekele ukuwina” sibonakala singabazisa kwabaningi.
Bheka izifundazwe zaseMelika esezinemidlalo yokubheja engase izuzise abawinayo izizumbulu zemali! Izigidi zemali ezimbalwa “ziwubala.” Namuhla, umuntu angawina amaRandi ayizigidi ezingu-50 kuya kweziyikhulu emdlalweni owodwa wokubheja. Kubonakala sengathi ayipheli imali eyizizumbulu. Emazweni amaningi, sekuyisikhathi eside kukhona imidlalo yesizwe yokugembula. Abantu baye bachitha wonke umholo wesonto ngethuba elivelayo lokuwina imali eningi. Imikhaya isala ingenakudla okwanele nezambatho—esikhundleni salokho imali inikelwa ‘kunkulunkulu weNhlanhla.’—Isaya 65:11, NW.
Cabanga ngabantu abayizigidi abazicabanga bewine izizumbulu zemali emidlalweni yokugembula. Cabanga ngalabo abazama ukufeza amaphupho abo okuwina ezindaweni zokugembula emhlabeni wonke. Ngokugingqa idayisi kanye nje, ngokutomula ikhadi kanye nje, ngokudonsa isibambo somshini wokugembula kanye nje, banethemba lokugcwalisa amaphupho abo. Nokho, ngokuvamile kwabanjalo kufana nokubamba utalagu.
Khona-ke kuqhubeka ngokugcwele ukuphishekelwa okunganqandeki kweRandi eliphunyukayo, okuwukuxosha umoya. Ngisho nakuba abanye beye babutha umcebo, baye bathola ukuthi unyamalala ngokuphazima kweso, ngokungalindelekile. Khona-ke amazwi eNkosi ehlakaniphile uSolomoni kufanele abe nencazelo ebalulekile kubo: “Imali yakho inganyamalala ngokuphazima kweso, njengokungathi imile amaphiko yandiza njengokhozi.”—IzAga 23:5, Today’s English Version.
Ukuqhathaniswa Kwesimo
Akunakuphikwa ukuthi kukhona abaye baletha ukuhlupheka okukhulu kubo nasemikhayeni yabo ngokuchitha iRandi labo lokugcina emdlalweni wenhlanhla. Ngokuvamile bampofu, abanalutho, baphila ukuphila okungelutho. Abanye bayavilapha futhi bakhetha ukugembula ukuze bathole imali abangayisebenzelanga. Nokho, namuhla abantu abaningi abampofu emhlabeni bayizisulu zezimo ezingaphezu kwamandla abo. Bayizigidi ezingenakubalwa abantu abangafundile ngokwanele ukuba babhale amagama abo. Ukuwohloka komnotho wendawo kuye kwabangela ukuba amaholo abaningi abe sezingeni lobumpofu. Ngisho nalabo abaneziqu zasemakolishi baye babhekana nokwenqatshwa kwezicelo zabo zomsebenzi. Njengoba izinkampani ezinkulu zinciphisa imikhiqizo yazo ngoba ingathengwa kakhulu, abantu abayizinkulungwane baye bazithola bengasebenzi. Babhekana kanjani nalesisimo?
Bangase bakhangwe amathuba okuthola imali ngezindlela zokungathembeki. Bangase bacabange ukuthi noma iyiphi indlela oyisebenzisayo iyamukeleka uma ukuthola lokho okufunayo. Ukuthi “ngiyokwenza noma yini ukuze nginakekele umkhaya wami” kuyisimo sengqondo esivamile kulabo ababhekene nezinkinga ezinkulu zezimali. Ziningi izindlela zokungathembeki, kwabesifazane ukufeba, kwabesilisa ukweba. Ingabe ukungathembeki, ukweba, noma ukugembula—ukuphishekela imali engasetshenzelwanga—kungathethelelwa? Umhlaba ugcwele abantu abacabanga kanjalo.
Ingabe uyakholelwa kuMdali Omkhulu, uJehova uNkulunkulu? Iseluleko sakhe siwukuba uphonse kuye imithwalo yakho, uthembele ekusekeleni kwakhe ngezikhathi zokuswela. Ngemva kweminyaka engu-25 engumKristu, umphostoli uPawulu wayengabhala: “Ngiyakwazi ukuba-phansi‚ ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha‚ nokulamba‚ nokubusa‚ nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:12‚ 13) Ngokusobala, lapho uPawulu engenalutho akazange aphendukele ezindleleni zokungathembeki, kodwa wathembela kuJehova futhi wasekelwa.
Ngakho uma umpofu, uswele, ungafuni inzuzo yokungathembeki. Ngokuqinisekile akukubi ukuthola imali ngendlela yokwethembeka; uJesu ngokwakhe wathi “isisebenzi sifanele inkokhelo yaso.” (Luka 10:7) Futhi akukho okubi ngokuba ocebile. Kodwa ungaphendukeli ekuyekethiseni izindinganiso zokuziphatha ukuze uhlangabezane nezidingo zakho. Yakha ubuhlobo noMdali wakho Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, futhi uthembele kuye ukuze akusize ubhekane nobunzima nezinkinga zokuphila. “Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:6, 7.