Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 3/8 kk. 10-11
  • Iyofika Kanjani INkathi Entsha Yangempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyofika Kanjani INkathi Entsha Yangempela?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Sidinga Ikhambi Langempela?
  • IBhayibheli—Incwadi Enezimpendulo
  • Uyoba Khona Yini Wena Lapho?
  • Uyini Umzabalazo WeNkathi Entsha?
    I-Phaphama!—1994
  • Umzabalazo Othandwayo WeNkathi Entsha
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 3/8 kk. 10-11

Iyofika Kanjani INkathi Entsha Yangempela?

UMLOBI ongumsekeli womzabalazo weNkathi Entsha uShirley MacLaine waveza umuzwa ovame kakhulu lapho ebhala: “Ngazithola ngicabanga kakhulu ngalokho okungalungile okwenzekayo ezweni. Awukwazi ukukugwema lapho ububona ngokoqobo ubumpofu, indlala, inzondo. Ngaqala ukuhambela amanye amazwe ngineminyaka eyishumi nesishiyagalolunye, futhi manje, njengoba sengineminyaka eyevile kwengamashumi amane, ngingakusho ngokuqinisekile ukuthi izinto bezilokhu ziqhubeka ziwohloka.”

Ngokufanayo, yonke indawo abantu bakhathele ukuzenzisa namanga enkolo. Bakhungathekiswa ukunganaki nokwehluleka kohulumeni. Bathuswa isimo sengqondo esicatshangelwayo sokungabi nandaba namaphutha omkhakha wezokwelapha. Futhi abaningi baba izisulu zobandlululo nokukhetha ngokobuhlanga noma ngokobulili.

Ingabe Sidinga Ikhambi Langempela?

Silidinga ngempela izwe elisha, akukho kungabaza ngalokho. Kodwa ingabe amathemba eNkathi Entsha angokoqobo? Noma ingabe ukuchaza kwawo ikusasa kufana kakhulu nokwamabhayisikobho aseHollywood ezinganekwane zesayensi? Ingabe kubonakala kuwukuhlakanipha ukukholelwa eziprofethweni ezisekelwe emasikweni asalibaleka, ezinganekwaneni zasendulo, nokuqagela?

Kuyavunywa ukuthi imiqondo eminingi eyamukelwa umzabalazo weNkathi Entsha ingase ithuthukise impilo engokwengqondo nengokomzimba ngandlela-thile. Ukudla okunomsoco, ukuvivinya umzimba, ukuphumula, nokukhathalela indawo ezungezile konke kuyizici ezinengqondo ekuphileni. Abezokwelapha cishe babeyophumelela kangcono ukube babezinaka ngokwengeziwe izidingo ezingokomzwelo zabagulayo lapho benakekela ukugula kwabo okungokomzimba. Kodwa bonke abantu ekugcineni bayagula, ngisho nalabo abaphile sáka ekugcineni bayafa. Asinakukujabulela ngokugcwele ukuphila sibe sisalindelwe ukugula nokufa. Ingabe ochwepheshe beNkathi Entsha bayalinikeza ikhambi elisebenzayo kulezizinkinga?

Abantu abaningi ngokwengeziwe badabukile futhi bacindezelekile, futhi umzabalazo weNkathi Entsha akukho ongakwenza ngalokho. I-International Herald Tribune yaseLondon yaphawula: “Uma ukungena kwekhulu lama-20 kwaletha iNkathi Yokukhathazeka, ukuphuma kwalo kuletha ubufakazi bokungena kweNkathi Yokucindezeleka.” Leliphepha lanezela ngokuthi “ukuhlola okwenziwa emhlabeni wonke kokucindezeleka okukhulu kwembula ukwenyuka okwandayo kwalesisifo emhlabeni wonke.”

Umzabalazo weNkathi Entsha, oyinkolo ngandlela-thile, awusanelisi ngempela isikhala esingokomoya emphakathini wanamuhla. Ngisho nobungcono obungokomoya obubonakala ubuletha bumane nje bungokwesikhashana. Kuyavunywa ukuthi inkolo evamile, ikakhulukazi eLobukholwa, ayizange iyidambise indlala engokomoya ekuyo yonke indawo. Elinye iphephandaba lakugxeka obala “ukwehluleka kweSonto ukufinyelela labo abazizwa bekhishwe inyumbazane, begwenywa, bengathandwa.” Leliphephandaba lachaza inkolo yanamuhla njengeduma, “eyephuca umuntu umuzwa wokuxhumana ngokuqondile noNkulunkulu.”

IBhayibheli—Incwadi Enezimpendulo

ELobukholwa liye lawonakalisa futhi lawalulaza amaqiniso eBhayibheli. Ngokufanayo, izimfundiso eziningi zeNkathi Entsha nazo ziyaphikisana nezimfundiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabangela umbono weNkathi Entsha wokuthi abantu bangaliletha ikhambi lezinkinga zomhlaba. IBhayibheli likubeka ngokusobala kuJeremiya 10:23: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Omunye umbhalo uthi: “Insindiso ingekaJehova.”—IHubo 3:8.

IBhayibheli alikufundisi ukuthi abantu banomphefumulo ongafi ophila njengesidalwa esizihambela sodwa, esihlukile emzimbeni. NgokwemiBhalo, umphefumulo uyafa, futhi ukufa kuphawula ukuphela kwayo yonke imicabango nemisebenzi. (Numeri 23:10, NW; 35:11, NW; UmShumayeli 9:5, 10) Lokhu ngokusobala kuyawuchitha umqondo weNkathi Entsha wokuphind’ ukuzalwa.

Ngaphezu kwalokho, ukuxhumana nabafileyo akunakwenzeka. NgokweBhayibheli, noma yini okuthiwa iwukuxhumana nabafileyo empeleni iwukuxhumana namademoni—izitha zikaNkulunkulu nesintu eziyimimoya. Ngakho-ke, uMthetho kaNkulunkulu wakwenza kwaba isono esifanelekelwa ukufa ukusebenzisa imimoya, kuhlanganise nanoma iluphi uhlobo lokubhula, ukufunda izinkanyezi, nokukhuluma nemimoya.—Levitikusi 19:31; 20:6, 27; Duteronomi 18:10-12.

IBhayibheli liwumthombo wokwelapheka kwangempela okungokomoya. Lineqoqo lezimfundiso ezisiza amaKristu ukuba aziqonde wona ingaphakathi lawo futhi aguqule ubuntu bawo. (Roma 12:2; 2 Korinte 13:5; Efesu 4:21-24) Lifundisa ukuzikhuza, ukuhluzeka kwengqondo, ukuzihlonipha nokuhlonipha abanye.

IBhayibheli lisixhumanisa nomuntu onamandla ophakeme kunabo bonke endaweni yonke, uMdali. (IzEnzo 17:24-28) Libonisa ukuthi ngokuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo weNdodana yakhe, isintu singazuza ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (Roma 6:23) Linikeza izimpendulo ezigculisayo emibuzweni enjengokuthi: Kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka okungaka? Zingobani izidalwa ezinamandla ezisendaweni engabonakali? Ingabe yizo lezi ezibangela okuningi kwalokho okuthiwa izenzakalo ezingavamile?

Ngokuphathelene nekusasa, iBhayibheli libikezela ngempilo ephelele nokuphila okuphakade nezwe elisha lokuthula nokuzwana, elinendawo ezungezile ehlanzekile, khona lapha emhlabeni. (Isaya 33:24; 2 Petru 3:13) Kulelozwe elisha, akungabazeki ukuthi abantu bayolukhulisa ulwazi lwabo, futhi ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, bembule izimfihlakalo eziningi mayelana nomzimba womuntu, iplanethi yethu, kanye nendawo yonke. Konke lokhu kuyofezeka ngamandla kaJehova, uNkulunkulu osithandayo isintu.

Uyoba Khona Yini Wena Lapho?

Nokho, iBhayibheli lifundisa nokuthi lezibusiso ziyotholwa kuphela yilabo abaphila ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu. Lemithetho ayicindezeli. Kodwa kumelwe ilalelwe. (IzAga 4:18, 19; 1 Johane 5:3) Akunakwenzeka ukuba ubambelele ekucabangeni kweNkathi Entsha engekho ngokombhalo ube ukholelwa eBhayibhelini ngesikhathi esifanayo.—1 Korinte 3:18-20; 10:18-22; Jakobe 4:4.

Ngakho-ke, amaKristu eqiniso ayakugwema ukuzihlanganisa nokucabanga okungekhona okungokombhalo komzabalazo weNkathi Entsha. Ukwahlulela okuhle nokulinganisela kuyadingeka. Okumelwe kuphawulwe ukuthi igama elithi “INkathi Entsha” seliye lasetshenziswa kabanzi ezintweni ezazingazange zivele ngomzabalazo weNkathi Entsha futhi ezingase zingabi ezingasekelwe ngokombhalo. Lokhu kunjalo ikakhulukazi emikhakheni yezempilo, ukudla okunomsoco, ubuciko, nomculo. Ngakho-ke amaKristu kumelwe asebenzise ukuqonda nokulinganisela okunengqondo ngesikhathi esifanayo eqikelela ukuba angasondeli kunoma yini elahlwayo eBhayibhelini. Ngokufanelekile izAga 14:15 ziyala ngokuhlakanipha: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”

Yebo, iBhayibheli liyisihluthulelo sokukhanyiselwa kwangempela. Ukungayinaki okwandile imiBhalo kwabasekeli beNkathi Entsha kungaletha nje kuphela ubumnyama obengeziwe ezweni. Kodwa iBhayibheli linikeza ukukhanya okungokomoya nethemba lezwe elisha njengoba lithenjiswe nguNkulunkulu: “Bheka‚ itabernakele lika-Nkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo‚ babe-ngabantu bakhe‚ yena uNkulunkulu abe-nabo‚ azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka‚ nokukhala‚ nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka‚ ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba‚ ngokuba lawamazwi athembekile‚ aqinisile.”—IsAmbulo 21:3-5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela