Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 7/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intsha Ilahla Inkolo Ehleliwe
  • Amakamelo Ayingozi
  • Ukuphila Okunzima Kwezisebenzi ZikaFaro
  • Izilwane Ezisabekayo Ezithathelwa Indawo
  • Isifo Se-Chagas Kanye Nokumpontshelwa Igazi
  • Imiyalezo Ye-Fax Eya KuNkulunkulu?
  • Ukungcolisa Kokukhanya
  • IRoma Elingenaye UPapa?
  • Abafundi Bezinkanyezi Benze Iphutha Futhi
  • Ukuphefumula Ngokuyingozi
  • Indlela Abantu Base- Yurophu Abachitha Ngayo Isikhathi Sabo
  • IFax Yekhulu Lamashumi Amabili Leminyaka
    I-Phaphama!—1991
  • Inselele Yokondla Abantu Basemadolobheni
    I-Phaphama!—2005
  • Ukuphila Okuyizigidi Kuyabhujiswa
    I-Phaphama!—1995
  • Amadolobha Amakhulu Ayaqhubeka Ecinana
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 7/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Intsha Ilahla Inkolo Ehleliwe

Intsha yaseCanada ithumela isigijimi esiphaphamisayo kubaholi benkolo: Abefundisi bahlulekile njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu. Ukuhlolwa kwesizwe kwamuva kwembula ukuthi bambalwa kakhulu abasha abasekela inkolo ehleliwe kunanini ngaphambili. Amaphesenti ayishumi kuphela akholelwa ukuthi ukuhileleka eqenjini lenkolo kubalulekile ekuphileni kwawo. Nokho, “amaphesenti angaphezu kwangu-80 aphendukela enkolweni ehleliwe ngemikhosi ehlobene nokuzalwa, umshado nokufa,” kubika i-Toronto Star. Ngokuthakazelisayo, amaphesenti angu-80 ayakholelwa futhi ekubeni khona kukaNkulunkulu, kuyilapho amaphesenti angu-60 ekholelwa ekuphileni kwangemva kokufa. I-Star siyanezela, “Intsha ingase ithonywe kakhulu ontanga, imithombo yezindaba, amabhayisikobho nomculo othandwayo kunokuba ithonywe abefundisi.” Iqembu elincane kuphela lentsha elingabheka kubaholi bamasonto ukuze lithole isiqondiso ezindabeni ezibalulekile zokuphila.

Amakamelo Ayingozi

“Intuthu kagwayi engcolisa indawo ezungezile ibangela ukufa kwabantu abaningi kunanoma yini enye into engcolisayo eyenziwe umuntu,” kusho uDkt. Michael Popkiss, isikhulu sezempilo sezokwelapha eKapa, eNingizimu Afrika. Wayesabela epheshaneni elikhishwe i-Tobacco Institute of Southern Africa elalibonisa ukuthi imbangela yalokhu yayiwukuntula umoya owanele. UDkt. Popkiss wachaza ukuthi “ukugcwala kwentuthu kagwayi ezakhiweni ngokuvamile kudlula izinga lesilinganiso somoya esidingekayo ukuze kube nomoya ohlanzekile” futhi kungaphumela emdlavuzeni wamaphaphu nasezifweni zenhliziyo, kanye nokuphazamiseka kokukhula kwamaphaphu ezinganeni. Wathi ayikho indlela yokugcwalisa noma yokucwenga umoya esakhiweni ukuze ungabi nentuthu kagwayi ngokuphelele. Wenezela: “Indlela ephumelela kakhulu yokugcina umoya uhlanzekile iwukuvalela izinto ezingcolisa umoya emthonjeni wazo.”

Ukuphila Okunzima Kwezisebenzi ZikaFaro

Ukuhlolwa kwamuva kwamathambo alabo ababesebenza emibhoshongweni, emathuneni, nasemathempelini kaFaro kubonisa ukuthi babengondlekile kahle, bekhungethwe izifo, futhi besebenza ngokweqile. Eziningi zalezisebenzi zazinesifo samathambo, kusho u-Azza Sarry el-Din, isazi esingumGibithe sesayensi yendabuko yabantu. Ukuhlola kwakhe kwembula futhi ukuthi lezisebenzi zazikhuthazelela ukusebenza kanzima. Uphetha ngokuthi “imihlandla yazo yayigobekile ngenxa yokuthwala imithwalo esindayo,” nokuthi “kunokugugudeka kwamathambo, okubangela ukungaphatheki kahle.” Ubufakazi balezifo batholakala ngokuhlola ugebhezi lwekhanda, imihlandla, nezingcezu zamathambo eminwe nezinzwane okwambiwa emathuneni aseduze. Nokho, lezizifo azizange zitholakale emathanjeni atholwa emathuneni alabo besigaba esiphezulu. Lesisazi sesayensi yendabuko yabantu silinganisela ukuthi ubude bokuphila kwezisebenzi babuphakathi kweminyaka engu-18 nengu-40, kuyilapho abezigaba eziphakeme babephila iminyaka engaba ngu-50 kuya kwengu-70.

Izilwane Ezisabekayo Ezithathelwa Indawo

Abathumbi nabaphangi baye bathatha indawo yezilwane ezisabekayo emaphusheni amabi ezingane zaseBrazil. Ngokwe-Veja, umcwaningi “uLenise Maria Duarte Lacerda wathola uhlu olusha nolwesabisayo lwezinto ezesatshwayo. Izinto ezibangela ukukhathazeka ezashiwo abaningi balabo okwaxoxwa nabo, abaneminyaka esukela kwengu-7 kuya kwengu-11, kwakuwukuhlaselwa, ubudlova, ukuthunjwa, namasela angabantu abasha.” Njengoba amaphoyisa noma abazali bengenakukuqinisekisa ukulondeka, wenezela ukuthi “izingane zilahlekelwe umbono wokuba amaqhawe ezaziwuhlakulela engqondweni.” Isazi sezifo zabantwana uDkt. José Henrique Goulart da Graça sithi ngalomphumela: “Isifo esiyinhloko sezingane namuhla ukwesaba. Izingane eziningi zikubonakalisa [lokhu] ngezifo zokuphazamiseka kwengqondo nemizwelo, njengobuhlungu bekhanda, isifuba somoya, isifo sohudo, nobuhlungu besisu.”

Isifo Se-Chagas Kanye Nokumpontshelwa Igazi

Minyaka yonke, abantu baseBrazil abangu-20 000 bangenwa isifo se-Chagas. Nokho, uJoão Carlos Dias, umongameli we-National Health Foundation, uthi kuyi-Globo Ciência: “Lesimo singaba sibi ngokwedlulele ngoba njengoba abantu basemaphandleni bethuthela emadolobheni amakhulu ngobuningi, lesifo singase futhi sisakazekele ezindaweni zasemadolobheni.” Njengoba igciwane elibangela lesisifo ‘lingase lihlale kunoma isiphi isitho, kuhlanganise nenhliziyo, isiguli ekugcineni singase sife ngenxa yobuthakathaka benhliziyo.’ Nakuba uchaza ukuthi abantu abangu-8 000 kuphela abangenwa yilesifo ngenxa yokulunywa isinambuzane, lomagazini uyanezela: “Enye indlela evame kakhulu yokungenwa yilesifo ingokumpontshelwa igazi. Kulinganiselwa ukuthi ngonyaka kuvela iziguli ezintsha ezingu-12 000 ngenxa yokumpontshelwa kwasesizalweni (kusukela kumama kuya enganeni) noma ngokumpontshelwa ngokuqondile.”

Imiyalezo Ye-Fax Eya KuNkulunkulu?

Ingabe uNkulunkulu angafinyelelwa nge-fax? IBezeq, inkampane yezingcingo yase-Israel, ngokusobala icabanga kanjalo. Ngo-January, iBezeq yamisa isimiso sezingcingo esivumela abantu ukuba bathumele imiyalezo kuNkulunkulu ngenombolo ye-fax eseJerusalema, kubika i-International Herald Tribune. Lapho sithola lomyalezo we-fax, isisebenzi sisonga leliphepha bese siliyisa ukuba liyofakwa komunye wemifantu esoDongeni lwaseNtshonalanga, okukholelwa ukuthi lungamanxiwa ethempeli likaJehova elabhujiswa amabutho aseRoma ngo-70 C.E. Ngokwe-Tribune, lomkhuba wokufaka imithandazo elotshiwe emifantwini yodonga “isinyathelo senhlanhla” esenziwa abakhulekeli abafuna usizo lwaphezulu ekufuneni kwabo umngane womshado, impilo engcono, noma eminye imigomo. Ngosuku lokuqala lwalesimiso se-fax, kwafika imiyalezo engu-60.

Ukungcolisa Kokukhanya

Izazi zezinkanyezi zikhathazeke kakhulu ngenxa yokuthi ukukhanya kokuzenzela kwasemadolobheni kukhanyisa isibhakabhaka ebusuku, kuphazamise imizamo yokuhlola izinkanyezi. Njengoba kwabikwa kuyi-International Herald Tribune, u-Alan MacRobert, iphini lomhleli kamagazini i-Sky and Telescope, waphawula: “Ubuhle obuphelele, amandla amangalisayo esibhakabhaka esimnyama ngempela, esigcwele izinkanyezi kwakuyingxenye yokuhlangenwe nakho kwaso sonke isintu kuwo wonke umlando womuntu. Manje emazweni athuthukile, akusaziwa ngokuphelele.” Lisabela ekucindezeleni kwezikhungo ezihlola izinkanyezi ezakhelene nalo, idolobha laseTucson, e-Arizona, e-U.S.A., lashintsha izibani zalo zasemgwaqweni ezingu-14 000 ezisebenza ngomhwamuko we-mercury lazenza zaba izibani ezisebenza nge-sodium ezinezici eziqondisa ukukhanya enhlabathini.

IRoma Elingenaye UPapa?

NgokukaJohn Paul II, opapa bangabalandeli bakaPetru, futhi isikhungo sabo siseRoma ngoba, njengoba kuqinisekiswa “isiko lokuqala” lesonto, lomphostoli kucatshangelwa ukuthi wabulawelwa ukholo lapho. Nokho, lopapa wabangela udweshu lapho ethi “ngenxa yezimo zalezikhathi noma ngenxa yezizathu zabo siqu, kungenzeka ukuthi abaBhishobhi baseRoma bamise okwesikhashana izindawo zabo zokuhlala kwezinye izindawo ngaphandle koMuzi Waphakade.” Ingabe isikhungo sobupapa sizothuthelwa kwenye indawo ehlukile okwesikhashana? Kunabanye abakuhalaliselayo ukuthi kuyisenzo “esimiselwe ukuletha izinguquko ezinkulu kuyo yonke impucuko yethu,” kodwa iningi likholelwa ukuthi lelisiko liqine kakhulu nokuthi isikhungo sikapapa ngeke sigudluzwe. “Kungase kudingeke omunye uSanta Petru ukuze azothutha isikhungo sobupapa,” kusho umfundisi womthetho wesonto, uCarlo Cardia, nokho, oqaphelayo ukuthi “ukukhethwa kweRoma akunaso isisekelo semfundiso yenkolo.”

Abafundi Bezinkanyezi Benze Iphutha Futhi

Ekuqaleni ngo-1992 i-Association for Scientific Research into the Parasciences eJalimane yaqoqa izibikezelo ezicishe zibe ngu-50 zabafundi bezinkanyezi abavela kuwo wonke umhlaba, yahlolisisa imiphumela ekupheleni konyaka. Lenhlangano yayenze okufanayo ngo-1991. (Bheka i-Phaphama! ka-June 8, 1992, ikhasi 29.) Ingabe izibikezelo zika-1992 zazinembe ngokwengeziwe kunezango-1991? Lutho neze. “Nakuba ngo-1991 izibikezelo ezingacacile zakwazi ukubika okungenani impumelelo ethile,” kubika i-Süddeutsche Zeitung, “kulesikhathi lezibikezelo azinalo ngisho nelincane iqiniso.” Izibikezelo zika-1992 zazihlanganisa ukukhethwa kabusha kukaGeorge Bush kanye nokubhujiswa kweWhite House ngomlilo. Ibheke phambili ku-1993, lenhlangano nayo yaqagela lesibikezelo: “Labafundi bezinkanyezi bayokwenza iphutha futhi nangonyaka ozayo.”

Ukuphefumula Ngokuyingozi

Kusukela eBuenos Aires kuya eBeijing, kusukela eSeoul kuya eCalcutta naseCairo, umoya osemadolobheni amakhulu kakhulu emhlabeni uya uba yingozi ngokwengeziwe ukuwuphefumula. Liqokomisa umbiko we-UN Environment Program kanye ne-World Health Organization, iphephandaba laseFrance i-Figaro lithi amazinga akhuphuka njalo kashevu wezinto ezingcolisa umoya (njenge-carbon monoxide, i-sulfur dioxide, i-ozone, nomthofu) ngokusobala onakalisa impilo yabantu abaphila ezindaweni ezinkulu zasemadolobheni futhi kungase ngisho kuhlanganiswe nokufa kwangaphambi kwesikhathi kwezakhamuzi ezithile zasemadolobheni. Njengoba usekelwe ekuhlolweni kweminyaka engu-15 kwamadolobha angu-20, lombiko ohlanganyelwe uxwayisa ngokuthi kumelwe kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo manje ukuze kuncishiswe ukungcola futhi kuvikelwe impilo yemiphakathi yasemhlabeni yasezindaweni zasemadolobheni. IZizwe Ezihlangene zilinganisela ukuthi ngonyaka ka-2000, cishe ingxenye yesintu iyobe ihlala ezindaweni zasemadolobheni.

Indlela Abantu Base- Yurophu Abachitha Ngayo Isikhathi Sabo

Ukuze lithole ukwaziswa ngokuphila kwansuku zonke kwaseYurophu, ekupheleni kuka-1991 iqembu lemithombo yezindaba ehlukahlukene i-Information et Publicité labuza abantu abangaphezu kuka-9 700 emazweni angu-20. Imikhuba yansuku zonke ihluke kanjani emazweni ngamazwe? I-Süddeutsche Zeitung ibika ukuthi abantu baseGrisi balala sekwephuze kakhulu (ngo-12:40 ekuseni), kodwa abantu baseHungary baphakathi kwabavuka kuqala (ngo-5:45 ekuseni). Abantu base-Ireland nabaseLuxembourg balala isikhathi eside kunabo bonke. Abantu baseCzechoslovakia, amaSlovak, nabantu baseSwitzerland abayinaki i-TV, bayivulela amahora amabili nje kuphela ngosuku, kuyilapho eBrithani “ithelevishini ibukelwa cishe amahora amane ngosuku.” ESweden kuchithwa amahora angaphezu kwamahlanu ngosuku umuntu efunda noma elalele umsakazo, kuyilapho abantu baseDenmark bejabulela ihora nengxenye ngosuku bezijabulisa emabhayisikobho, ezindaweni zemidlalo yaseshashalazini, noma kokuthile okufanayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela