Ukube Lesithombe Esincane Esiqoshiwe Besingakhuluma!
“QAPHELA! Ngeke
ngithande ukusibona siphukile!” Ngokuvamile uyaye asho kanjalo uJane lapho engibonisa abangane bakhe, ikakhulukazi uma omunye wabo ezama ukungithinta. Yebo, ngiyimpahla eyigugu. Futhi ngiyazi ukuthi uJohn noJane bayangazisa—bangiphatha ngokucophelela okukhulu. Kodwa uma sesikhuluma iqiniso, angiphuki kalula kangako.
Uma ngibuka abantu abangithandayo ngamehlo ami adwetshwe ngokucophelela okukhulu, ngiyaye ngigigitheke uma ngicabanga ngezinyathelo ezidingekile uma ngenziwa. Akekho umuntu owayengabekezelela okuhlangenwe nakho okunzima kangaka! Kuyindaba ethakazelisayo.
Isiqalo Esinamfukayo
Ubumba lwaseChina, oluyisithako esiyinhloko engenziwa ngaso, luhlanganiswa ne-granite emhlophe nethambo lesilwane elishisiwe, kuxutshwe namanzi. Kufanele kwenziwe kulingane kahle. Ozibuthe abasebenza ngogesi bakhipha noma yiziphi izilongoshana zensimbi okungenzeka zisoketshezini olubuthubi, noma i-slip njengoba imboni yalezithombe zilubiza kanjalo, ngemva kwalokho amanzi ayakhishwa kuze kube yilapho sekubukeka njengesigaxa se-Plasticine.
Ngokulandelayo i-slip ifakwa emshinini oxuba ubumba namanzi, ofana nomshini omkhulu wokuhlanganisa, ukuze idovadovwe futhi ixovwe. Iphampu emunca isisi ikhipha wonke amagwebu omoya, angabangela ukuba ubumba lwami luqhekeke lapho kamuva selomiswa esitofini sokomisa.
Umklami wami wenze umfanekiso wami omkhulu ngamaphesenti angu-13 kunalokho engizoba yikho ekugcineni. Futhi akumangalisi! Ngiyagoqongana lapho ngifakwa esitofini sokomisa izikhathi ezintathu noma ezine emazingeni okushisa asukela ku-800 kuya ku-1 200 degrees Celsius. Oh yebo, kusenomsebenzi wezinyanga eziningi ngaphambili ngaphambi kokuba ngikwazi ukukumoyizelela ngendlela engingenza ngayo. Ake ngikutshele okwengeziwe.
Ukuhlanganisa Izingcezu
Ingabe ucabanga ukuthi ngibunjwa ngibe yinto eyodwa? Abantu abaningi bacabanga kanjalo, kodwa akusilo iqiniso lelo. Ngibunjelwa ezitsheni eziningi zokubumba ezikhipha umswakama ukuze ubumba lwami luqine lapho loma. Lapho umbumbi wami kamuva evula izitsha zakhe zokubumba, ngisuke ngilapho, kodwa ngiyinhlakanhlaka—ikhanda lami lilapha, umlenze ulaphaya, isiketi sami sibekwe ngokucophelela kwenye indawo. Oh, yeka indlela engilangazelela ngayo ukuba ngihlanganiswe!
Ngezandla ezithambile umhlanganisi wami manje uyangibamba. Ngiyajabula ngokuthi uzibonile izindawo ezingalolongekile ezibangelwe izitsha zokubumba. Ngokucophelela uyalususa, kuhlanganise nalowomphetho ongemuhle ozungeze ikhanda lami. Kakade sengizizwa ngingcono! Ngelikhulu ikhono uxhuma izingalo zami emzimbeni, eqikelela ukuthi isembozo sesandla sami sihlala endaweni efanele. Ngobuciko bukadokotela ohlinzayo, uyahlanganisa ashisele kuze kube yilapho kungekho muntu ongaqagela ukuthi ukuphila kwami kwake kwaba yinhlakanhlaka ngalendlela.
Manje ngiyomiswa. Njengoba kungekho zinkomba zokuqhekeka ezivelayo, sengilindele ukuba ngivivinywe ngomlilo. Isitofu sokomisa siyashisiswa, bese ngifakwa kahle kuso, kanye nezinye izithombe ezincane eziqoshiwe.
Ukuhlobisa
Izwi lalowo ongumhloli lithi ngami, “Siphuma phambili!” Ngiphumelele, futhi manje sengisendleleni eya emnyango wezokuhlobisa. Ngizokwembozwa ngengilazi ngokuvamile ebizwa ngokuthi i-glaze, okusho ukuthi kufanele ngicwiliswe emphongolweni onoketshezi. Khona-ke, ngibe sengiphindiselwa esitofini sokomisa engizophuma kuso ngibenyezela futhi ngicwebezela, sengilungele ukufakelwa umbala wami oyingilazi.
Ngipendwa ngesandla, okuyisizathu esenza ukuba zingabibikho izithombe ezincane ezimbili eziqoshiwe ezifana ncamashí. Kudinga iminyaka eminingi yokuqeqesha, futhi intokazi esencane ezongipenda ithi kufanele ibhulashi lihambe ngendlela efanayo kodwa ngokushesha. Ngaphandle kwalokho, kungabonakala imisho lapho upende woma.
Ingabe uyawathanda amehlo ami? Ayinto enzima kakhulu ukuyenza. Ngolunye usuku ngezwa omunye umdwebi etshela umngane wakhe ukuthi kufanele angilalise ngizimelele ebhentshini bese engaphefumuli kuze kube yilapho imisho emihle ngokukhethekile yamehlo, izinhlamvu zamehlo, kanye namashiya sekuqediwe. Ngamuzwa ethi ukuphefumula noma ukunyakaza nganoma iyiphi indlela kungawona ngomzuzwana umusho owenziwa ibhulashi.
Ngakho manje sengigqokile, futhi ngibizwa ngokuthi ngingu-Autumn Breeze. Ngaphansi kwezinyawo zami kubhalwe ngesitembu ngokucophelela igama lami nelomenzi wami—ungase uthi, uphawu lokugunyazwa. Ngibe sengifakwa okokugcina emlilweni ukuze ngilungiswe okokugcina, futhi sengilungele ukuya nomaphi ezweni.
Empeleni, ngangenzelwe ukuba ngiye emakethe yezwe lakithi futhi ngihlale eNgilandi, okuyilapho uJohn angibona khona. Ngiyajabula ngokuthi wangibona. UJane, umkakhe, wajabula kakhulu lapho emupha mina ukuze bagubhe unyaka wama-25 beshadile. Kwakungalesosikhathi lapho ngezwa khona okokuqala uJane ethi: “Oh, kufanele siqaphele! Ngeke ngithande ukumbona ephukile!” Kuyajabulisa ukwazi ukuthi ngilondekile ezandleni zabo. Futhi yeka ukuthi kuhle kanjani ukwenza abantu bajabule—nokwaziswa.
[Izithombe ekhasini 26]
Umhlanganisi uhlanganisa izingcezu ezihlukahlukene zesithombe esincane esiqoshiwe elungiselela ukuba sifakwe esitofini sokomisa
I-“slip” iphuma emshinini wokuxuba ubumba namanzi ithelwa esitsheni sokubumba
Ukuvula izitsha zokubumba
Ngemva kokuba sekufakwe i-“glaze” yengilazi, isithombe esincane esiqoshiwe sipendwa ngesandla ngombala ophindaphindwa kaningi
Izici zobuso zenziwa ngobuciko
[Umthombo]
All photos: Courtesy Royal Doulton
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
“Autumn Breeze,” courtesy Royal Doulton