Lapho Ufikelwa Ukwesaba
“Ngiphethe ummese! Thula uthi nyá, kungenjalo ngizokubulala!”
KWAKUYINTAMBAMA epholile ehlobo, lapho uJane oneminyaka engu-17 ubudala,a ongomunye woFakazi BakaJehova, ayekade edlala ngezicathulo ezinamasondo epaki lomphakathi eVirginia, e-U.S.A. Ngokungazelelwe wabona sekuthule epaki, wayesenquma ukuhamba. Njengoba ayehlezi eduze kweveni yakubo ekhumula izicathulo, kwafika umuntu angamazi. Washo la mazwi angenhla athusayo, wafuna ukulala naye ngenkani, wabamba uJane wazama ukumfaka evenini. UJane walikhipha lonke izwi lakhe ememeza, kodwa lokho akuzange kumyekise umhlaseli.
“Ngazizwa ngiyinto nje engenakuzisiza,” kukhumbula uJane kamuva. “Njengesinambuzane esibhekene nesilo. Kodwa ngaqhubeka ngimemeza futhi ngizabalaza. Ekugcineni, ngamemeza uNkulunkulu, ngathi ‘Jehova, ngicela ungakuvumeli lokhu ukuba kwenzeke kimi!’” Wathi dlengelele umhlaseli, wayesemdedela futhi washaya wachitha.
Njengoba lo owayezodlwengula engena emotweni yakhe, uJane wazivalela evenini yakubo, eqhaqhazela. Wathatha umakhalekhukhwini, waziphoqa ukuba azole. Washayela amaphoyisa ucingo wachaza ngokunembile imoto yomsolwa nezinombolo zayo, okwaholelwa ekubeni abanjwe emizuzwini embalwa kamuva.
Isiphetho Esijabulisayo?
Yebo, kodwa hhayi ngokushesha. Kwakuwukuqala kosizi lukaJane. Nakuba amaphoyisa nabezindaba bamncoma ngokucabanga ngokushesha nangokuzola lapho ehlaselwa, ngemva kokuba ukushaqeka kokuqala sekuphelile, uJane akazange neze azizwe ezolile. “Ngemva kwamasonto ambalwa, ngacindezeleka kakhulu ngokomzwelo,” elandisa. “Ngangihlale ngethuka izanya okwakungenza ngiqwashe. Ngemva kwamasonto ambalwa lokhu kuqhubeka, ngangingasakwazi ukutadisha noma ukugxilisa ingqondo. Ngangivele ngishaywe uvalo lungiqede. Esikoleni omunye umfundi esasifunda naye owayecishe afane nomhlaseli wami wangiqhweba ehlombe ebuza isikhathi, ngacishe ngaquleka.”
Uthi: “Ngangicindezeleke kakhulu. Ngayeka ukuxhumana nabangane bami, futhi ukuba nesizungu kwamane kwangenza ngacindezeleka nakakhulu. Ngazibeka icala ngokuvumela ukuhlaselwa, ngikhala ngokuthi angiseyena umuntu ojabulayo, owethemba abanye enganginguye ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke. Ngangizizwa sengathi lowo muntu enganginguye useshonile.”
UJane wayephethwe ukucindezeleka kwangemva kwenhlekelele (post-traumatic stress disorder [PTSD]). Iyini i-PTSD, futhi yini engenziwa ukuze kusizwe labo abaphethwe yizimpawu zayo ezikhungathekisayo? Isihloko esilandelayo sizophendula le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.