Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 5/22 k. 18-k. 20 isig. 5
  • Kungani Kufanele Ngihlushwe Ukukhubazeka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ngihlushwe Ukukhubazeka?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkinga Zabakhubazekile
  • Umbono KaNkulunkulu Ngalendaba
  • Ukubhekana Nabanye
  • Ithemba Likusiza Ukuba Ukhuthazele
  • Ngingabhekana Kanjani Nokukhubazeka Kwami?
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani Kufanele Ngigule Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ingabe Ngizofuza Umfowethu?
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubekezelela Ukukhubazeka Ekufundeni
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 5/22 k. 18-k. 20 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Kufanele Ngihlushwe Ukukhubazeka?

“NGANGINEMINYAKA emihlanu,” kukhumbula uBecky. “Umngane wami wayengigibelise ibhayisekili lakhe lapho kuvela imoto ejikeni futhi isishayisa.” Waba yini umphumela? “Ngaphuka umlenze futhi ngalimala kakhulu ekhanda. Odokotela babengalindele ukuba ngiphile.” Nokho, uBecky waphila, futhi namuhla uyingane ejabulayo eneminyaka engu-16. Nokho, lengozi yashiya imiphumela yayo. Uthi: “Yangishiya ngibuthaka kakhulu.”

Insizwa okuthiwa uCraig nayo ikhubazekile, okuwumphumela wesifo esaziwa ngokuthi i-CP (cerebral palsy). UCraig uyachaza: “I-CP ithonya izicubu nesimiso sami sezinzwa. Izicubu zami azisabeli ngendlela efanele ezigijimini ezithunyelwa ubuchopho bami kuzo. Ngakho-ke, nginenkinga yokuhamba, yokukhuluma, futhi ngiyayendezela. Ngingazenza zonke lezozinto kodwa hhayi kahle kakhulu.”

Ingabe nawe ngokufanayo unokukhubazeka okuthile okungokomzimba? Izibalo zibonisa ukuthi ngonyaka ka-2000, inani lentsha ekhubazekile liyofinyelela cishe ezigidini ezingu-59 emhlabeni wonke. (World Health, January/February 1985) Nokho, iqiniso lokuthi abaningi kangaka banenkinga efanayo onayo akunikezi induduzo lapho ufuna ukugijima, ukugxuma, nokudlala njengenye intsha kodwa wehluleka.

Izinkinga Zabakhubazekile

Ukukhubazeka okungokomzimba akuyona into entsha. Ezikhathini zeBhayibheli abanye kwakudingeka babhekane nokuba unyonga (2 Samuweli 4:4; 9:13), ubumpumputhe (Marku 8:22), nokuxhwala (Mathewu 12:10). Abantu abanjalo abakhubazekile ngokuvamile babekuthola kunzima ukwenza imisebenzi eminingi yokuphila eyisisekelo.—Qhathanisa noDuteronomi 28:29; IzAga 26:7.

Kungenzeka ulwisana ngendlela efanayo nokulinganiselwa obhekene nakho. Ukugqoka, ukudla, noma ukuya esikoleni kungase kudinge imizamo emikhulu—nosizo olukhulu oluvela kwabanye. “Angikwazi ukwenza imisebenzi edinga ukuba nginyakazise uhlangothi lwami lwesokudla,” kusho uBecky. “Ngakho kwadingeka ukuba ngifunde ukubhala ngesandla sami sobunxele. Ukuhamba nakho bekuyinkinga. Ngihamba kahle kakhulu manje, kodwa ngezinye izinsuku ngixhuga kabi kakhulu.” Noma cabangela izinkinga omunye umfanyana okhathazwa ukuba yisichwe abhekana nazo. Uthi, futhi ekwenza sahlaya: “Ukufinyelela izinkinobho zezibani odongeni kukhathaza ngempela . . . Izindlu ziklanyelwe kuphela abantu abade.”—How It Feels to Live With a Physical Disability, ngoJill Krementz.

Nokho, ungase uthole ukuthi izinkinga ezikukhathaza kakhulu akuzona ezingokomzimba. Umagazini i-Parents uyachaza: “Intsha isheshe ithintwe kakhulu ukusabela kwabanye, okwenza ukuphila kube nzima ikakhulukazi entsheni enezidingo ezikhethekile. . . . Iyazibuza ukuthi kazi abanye abantu bacabangani ngokubukeka kwayo futhi ngokuvamile ayikwethembi ukubonakaliswa kobungane, ibheka lezenzo ezinezisusa ezinhle njengokubonakaliswa okungathandeki kokudabuka.” Kumane nje kungokwemvelo ukufuna ukuthandwa nokwamukelwa abanye. Nokho, ungase uzizwe wehlukanisiwe. Njengoba uMichelle osemusha akubeka: “Kukho konke ukuphila kwami bengihlukile kubo bonke abanye abantu. Isizathu siwukuthi anginaso isandla sami sobunxele.”

Ukuba ngohlukile kungase futhi kukwenze ubhekane nokugconwa okungapheli. UCraig uyakhumbula: “Ngangifunda esikoleni sabantwana abakhubazekile kwaze kwaba yilapho sengifinyelela ebangeni lesithathu. Kodwa ebangeni lesithathu, ngaqala ukuya esikoleni esivamile. Ngangingenazo ngempela izinkinga eziningi kakhulu kwaze kwaba ngolunye usuku lapho abanye abafana beqala ukungihleka. Kwakungenxa yendlela engangihamba ngayo.” UBecky futhi unezinkumbulo ezibuhlungu zokuphathwa ngonya yizingane ayefunda nazo esikoleni. Ngenxa yokuthi ukuhlinzwa esemncane kwalimaza imisipha yephimbo lakhe, iphimbo lakhe liyisihosho. Uthi: “Izingane esikoleni zazivame ukungibiza ngokuthi ngiyizwi lezimu.”

Abantu abadala ngokufanayo bangase babonise ubandlululo olungathandeki. Abanye bangase bakugweme ukukubheka emehlweni. Abanye bangase bakugweme ngokuphelele ukukhuluma nawe, beqondisa amazwi abo kubazali bakho noma kubangane—njengokungathi awubonakali noma ukhubazeke ngokwengqondo. Okucasula kakhulu kunakho konke kungase kube abantu abakufisela okuhle abakudabukela ngaso sonke isikhathi, bekunikeza umuzwa wokuthi ufana nempahla eyonakele.

Umbono KaNkulunkulu Ngalendaba

Nokho, uNkulunkulu uzizwa kanjani ngawe? Ingabe ukukhubazeka kwakho kuwuphawu oluthile lokungakwamukeli kwakhe? Phawula lokho uJesu akusho lapho ehlangana ‘nomuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.’ Abafundi bakhe babuza: “Ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe.” (Johane 9:1-3) Cha, lobumpumputhe babungewona umphumela wesono esithile esikhethekile salempumputhe noma abazali bayo. Kunalokho, babuwumphumela wokungapheleli sonke esakuzuza njengefa ku-Adamu. Umphostoli uPawulu uyachaza: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.”—Roma 5:12.

Khona-ke, ukukhubazeka okungokomzimba akuwona umphumela wokungenela no-ma ukujeziswa kwaphezulu. Okunye kubangelwa ukunganaki. Nokho okunye kumane kubangelwa ‘yisikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) Futhi kukhona intsha ehlupheka ngokomzimba ngenxa yokuxhashazwa noma ukunganakwa abazali bayo.

Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela yobunzima bakho, akufanele ube nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ukubheka njengomuntu owonakele. Ngokuphambene nalokho, ukubheka njengoyigugu nobalulekile, ikakhulukazi uma umesaba. (Luka 12:7) ‘Unokukhathalela’ komuntu siqu ngempela ngawe futhi uyakujabulela ukukusebenzisa enkonzweni yakhe. (1 Petru 5:7) Phela, enye yezinceku ezivelele kakhulu zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule, umphostoli uPawulu, ngokusobala wayehlushwa ukukhubazeka okungokomzimba—“iva enyameni.” (2 Korinte 12:7) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi “umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” (1 Samuweli 16:7) Uwaqonda ngokugcwele amandla akho futhi uyakwazi lokho oyokwazi ukukwenza lapho ubuyiselwa ekupheleleni ezweni lakhe elisha.—IsAmbulo 21:3, 4.

Ukubhekana Nabanye

Ngeshwa, ofunda nabo esikoleni kanye nabanye bangase bangabi nawo umbono ophakeme kaNkulunkulu. Ngempela, ngezinye izikhathi abantu bamane nje banonya. Khona-ke, ungamangali uma abathile kontanga yakho bengenamusa ngokufanayo ngokuhlupheka kwakho. Nokho, ngokuvamile abantu basuke bengazimisele ukukulimaza noma ukukubangela amahloni; ngezinye izikhathi bamane nje banelukuluku lokufuna ukwazi. Bengakhululekile ngenxa yokuhlupheka kwakho noma mhlawumbe bemane nje bengaqondi, bangase basho okuthile okuwubuwula noma okulimazayo.

Yini ongayenza? Ngezinye izikhathi ungazivimbela izimo ezibangela amahloni. Ngokwesibonelo, ungase uzame ukwenza abanye bakhululeke uma uthola ukuthi babonakala beshaqekile noma bephelelwe amazwi. Khumbula ukuthi sonke sivame ukukwesaba lokho esingakuqondi. Siza abanye ukuba babheke ngalé kokukhubazeka kwakho ukuze bazi lokho oyikho ngempela. Lapho isimo sibonakala sivuma, ungase uzame ukusho okuthile okunjengokuthi: “Ingabe uyazibuza ukuthi kungani ngisebenzisa isihlalo sabakhubazekile?” Ngokukamagazini i-Parents, omunye uthishelakazi owanqunywa esinye sezitho zakhe, wanelisa ilukuluku lokufuna ukwazi labafundi bakhe ngokuqalisa ingxoxo ngokuthi: “Ngicabanga ukuthi niyazibuza ukuthi kwenzekani. Ningathanda yini ukwazi?”

Naphezu kwemizamo yakho yokuzikhandla, ungase uzwiswe ubuhlungu ngezikhathi ezithile. UBecky osemusha uthi: “Lapho ngisemncane, ngangivame ukucasuka ngempela lapho abanye bengigcona; bengisheshe ngizwele kukho konke ukuphila kwami. Kodwa manje angikuvumeli ukuba kungicasule. Ngezinye izikhathi ngiye ngakwazi ngisho nokusihleka lesimo.” Yebo, ukwenza ihlaya kungasiza kakhulu ekubhuntshiseni amazwi alimazayo. Kukhona ‘isikhathi sokuhleka.’ (UmShumayeli 3:4) Ngokuqhubekayo iNkosi uSolomoni yanikeza leseluleko: “Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo.” (UmShumayeli 7:21) Ngezinye izikhathi indlela engcono kakhulu yokusingatha inkulumo yobuwula ukungayinaki. “Ungakhathazeki ngalokho abantu abakushoyo,” kusho uBecky.

Ithemba Likusiza Ukuba Ukhuthazele

Ngempela, lonke uhlanga lwesintu lukhubazekile. “Konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje,” kusho iBhayibheli. (Roma 8:22) Kodwa ungaba nethemba lesikhathi esizayo. Ngokwesibonelo, cabangela intombazanyana esizoyibiza ngokuthi uCarol. Wazalwa cishe eyisithulu. Khona-ke ingozi yebhayisekili yaholela ekunqanyulweni komlenze wakhe. UCarol wayefuna ukufa. Kodwa waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi wafunda ngezwe elisha lokulunga elizayo lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Ngempela, wazuza ithemba lokuthi ngolunye usuku ukukhubazeka kwakhe kuyophulukiswa—ngokuyisimangaliso!—Isaya 35:5, 6.

Ukufunda ngoNkulunkulu kuye kwaba namuphi umphumela esimweni sengqondo sikaCarol? Abanye abangane abasondelene naye abangamaKristu bathi ngaye: “Uhlala ejabule ngaso sonke isikhathi futhi akagxili ekukhubazekeni kwakhe.” Nokho, ngokuthakazelisayo bathi futhi: “Iningi labangane bakhe aliqapheli ukuthi usebenzisa umlenze wokufakelwa nokuthi unenkinga enkulu kangako yokuzwa.” Kungani? “Uthembela ekubhekeni izindebe lapho umuntu ekhuluma nakuzinsiza-kuzwa.” Ngokusobala, uCarol uye wenza okungaphezu nje kokuthembela esikhathini esizayo. Uye wazama ukwenza konke okusemandleni akhe manje. Ukuthi ungakwenza kanjani okufanayo kuyoba ingxoxo yesihloko sethu esilandelayo kuloluchungechunge.

[Isithombe ekhasini 19]

Abanye bakuthola kuwusizo ukuchaza isimo sabo kulabo ababonakala benelukuluku lokufuna ukwazi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela