Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 3/8 kk. 20-22
  • Ingabe Kufanele Ngiye Kuyi-prom?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngiye Kuyi-prom?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubheka Ngalé Kobukhazikhazi
  • Izimo Ezibangela Ukuyekelela
  • Lapho Umcimbi Usuphelile
  • Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?
    I-Phaphama!—2004
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani Enye Intsha Ijabula Ngokuphelele?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 3/8 kk. 20-22

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Kufanele Ngiye Kuyi-prom?

“Futhi ubusuku be-prom ngokuvamile buba yisikhathi sokuqala abazali bakho abasho ngaso ukuthi kuwe, ‘Mntakwethu, uzijabulise. Siyokubona ekuseni.’”

“Ngikhumbula ngiya emdansweni wesikole owawunababheki ababili nje kuphela, futhi babengenandaba nezingane.”

SEKUYIZINYANGA eziningi ofunda nabo ekilasini bekhuluma ngayo. Kakade, i-proma iyisenzakalo esenzeka kanye ekuphileni. Futhi njengoba uyobe uhlukana nofunda nabo ekilasini osekuyiminyaka eminingi ubazi, ngokulindelekile ungase ufune ukuya kuyo. “Kusukela ngisesesikoleni sebanga eliphansi,” kusho enye intombazane eneminyaka engu-18 ubudala, “bengilokhu ngifuna ukuya kuyi-prom.”

Kwamanye amazwe i-prom yasesikoleni esiphakeme—ewumdanso ogqokelwa izingubo zakhona owandulela ukuphothula esikoleni semfundo ephakeme (esekhondari)—iyiqophelo elibaluleke ngempela entsheni. Kunokuba imane ibe yisenzakalo sobungane sokuzilibazisa, i-prom iyisiko osekunesikhathi eside lithandwa eliphawula ukudlulela ebudaleni. Umagazini i-Seventeen uthi: “Futhi ubusuku be-prom ngokuvamile buba isikhathi sokuqala abazali bakho abasho ngaso kuwe ukuthi, ‘Mntakwethu, uzijabulise. Siyokubona ekuseni.’ Ukungabikho ekhaya ubusuku bonke akukhona nje ukuthi kuvunyelwe—kuyilokho olindeleke ukuba ukwenze.”

Akukhona ukuthi yonke intsha ihlela isimiso sobusuku bonke sokuziphatha okungabazekayo. Kunalokho, eningi imane ibheke phambili kokuhlangenwe nakho okuhle okunjengokwasemaphusheni—ithuba lokuba uCinderella noma uPrince Charming wosuku lwanamuhla! “Kunjengephupho,” kusho uDarcey oneminyaka engu-19 ubudala. “Behla ezimotweni zabo zikanokusho abaziqashile, bathwebule izithombe, bese begabisela abangane babo. Baba nethuba lokuvelela.”

Okunye okungakhangi kangako, kodwa nakho okungokuthandwayo, imidanso yesikole evamile. “Ngezikhathi ezithile, uyawudinga umbuthano wobungane ukuze nje uzijabulise,” kusho uJamey oneminyaka engu-15 ubudala. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi ikhangwa umdanso, idili, noma imvunulo, intsha eningi inomuzwa wokuthi ukuya emicimbini enjalo kuyisibopho. Okuwukuphela kwento eyikhathazayo ukuthi ubani eyohambisana naye, iyogqokani, futhi iyoyithola kanjani imali yokukhokhela izinto zangalobobusuku. Kodwa kunezinye izinto okungase kudingeke uzicabangele.

Ukubheka Ngalé Kobukhazikhazi

UJesu Kristu ngokwakhe wayeya emicimbini ehloniphekile. (Qhathanisa noLuka 5:29; Johane 2:1, 2.) Kodwa iBhayibheli liyakulahla “ukuxokozela,” noma “imicimbi engalawuleki.” (Galathiya 5:21; Byington) Ekhulwini lokuqala, yayivamile imicimbi engalawuleki amaqaba ayehileleka kuyo ngokukhululekile ‘emanyaleni, izinkanuko, ukudakwa, ukuminza, ukuxokozela, nokukhonza izithombe okuyichilo.’ Ngakho amaKristu axwayiswa ukuba angayi kulemicimbi engalawuleki.—1 Petru 4:3, 4.

Kuthiwani ngama-prom nemidanso yesikole evamile? Eminye ingase ihlelwe kahle futhi iqondiswe, kanjalo ilawuleke ngokusesilinganisweni. Ukuziphatha okungafanele kungase kwenqatshelwe futhi kusingathwe ngokushesha uma kuba-khona. Kodwa ngalé kobukhazikhazi nobuhle bemidanso yesikole eminingi—uma kungeyona yonke—ngokuvamile kucashe umoya wokuxokozela.b Omunye omusha oweve eshumini elinambili watshela i-Phaphama!: “Abaningi baziphatha kabi ngokobulili futhi baphuze.” Utshwala bungase benqatshelwe yilabo abaphethe. Kodwa kungase kube khona ukuphuza okuningi ezindlini zangasese, ezitezi, nasezindaweni zokupaka izimoto.

IBhayibheli liyaxwayisa: “Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla luwumxokozeli.” (IzAga 20:1) Kulokhu yenezela umculo ongalawuleki noma ovusa inkanuko, ukudansa okungenakuzithiba, izibani ezifiphele, nesixuku sentsha okungenzeka asizazisi izimiso zeBhayibheli, bese uthola izinto ezibangela ukuxokozela. Ingabe ungathembela ekutheni ababheki bayogcina izinto zihamba kahle? Akunjalo ngaso sonke isikhathi. Omusha oweve eshumini elinambili okuthiwa uCharles ngokungagwegwesi uthi: “Ababheki abenzi lutho.” Ingabe bahlulelwa kabi? UDarcey osemusha akacabangi kanjalo, othi: “Ngikhumbula ngiya emdansweni wesikole owawunababheki ababili nje kuphela, futhi babengenandaba nezingane.”

Kumelwe kuvunywe ukuthi ngisho nababheki abaqaphe kakhulu bangase bakuthole kucishe kungabi nakwenzeka ukuba balawule isixuku sentsha ezimisele ‘ngokuzijabulisa esisendaweni emnyama okudanselwa kuyo noma indawo yokuvivinya umzimba.’ Ngenxa yalokho, iphupho lobusuku obuhle ngokushesha lingase liphenduke iphupho elithusayo. “Kuba nezimpi eziningi,” kusho enye intombazane eyeve eshumini elinambili.

Izimo Ezibangela Ukuyekelela

Kuyavunywa, akuwona wonke ama-prom nemidanso yesikole evamile okuphenduka kube ubudlova. Nakuba kunjalo, kunengozi enkulu yokuthi ungase uzithole usesimweni okungenzeka sibangele ukuyekelela. Omunye wesifazane osemusha uyakhumbula: “Lapho udansa nabafana ubuso benu busondelene, izandla zabo ziqala ukukuthinta yonke indawo. Balindele ukuba ukwamukele!” Ngeke yini ugweme inkinga enjalo ngokumane uzihlalele wedwa? Mhlawumbe. Kodwa lokho ngokuvamile akungangamlomo.

Ake sithi uzihambela wedwa noma uhamba neqembu labangane. Omunye omusha oweve eshumini elinambili uyasikhumbuza: “Abanye abafana baya bodwa lapho, futhi bazame ukulandela amantombazane amaningi ngangokunokwenzeka.” Kungase futhi kube khona amantombazane amaningi anochuku lapho. Omusha ohamba yedwa kalula angaba isisulu sokunakwa okungafunwa.

Ngakolunye uhlangothi, ukuhambisana nokholwa kanye naye kungabangela ezinye izinkinga. Kakade, oFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla babheka ukuphola ngokungathi sína.c Futhi ngisho nakuba uzizwa uqiniseka ukuthi ohambisana naye akanaso isithakazelo sothando kuwe, kungezinga elingakanani angaba yisivikelo sangempela? ULora oneminyaka engu-19 ubudala uyaphawula: “Yini eyovimbela abanye ukuba bashintshe bafune ukudansa nawe njengoba nidansa—noma bakucele ukuba uphole nabo? Kuyokwenzekani-ke?” Kalula nje isimo singashuba, sibe sibi.

Okunye okungamelwe kunganakwa, yingozi yokuyekelela izindinganiso zakho zokuziphatha futhi uzithole usuhileleke emoyeni wesenzakalo. Ukujwayelana nababi ‘kuyakonakalisa ukuziphatha okuhle.’ (1 Korinte 15:33) UNick oneminyaka engu-18 ubudala uyavuma: “Ngisho nakuba oFakazi BakaJehova ababili behamba ndawonye, kalula bangashukunyiselwa ekwenzeni lokho wonke umuntu akwenzayo.”

Lapho Umcimbi Usuphelile

Nokho, ngokuvamile, inkinga yangempela iphakama ngemva komcimbi. “Abanye baya ehhotela noma endlini yothile,” kusho uTanya osemusha. UYolanda uyanezela: “Ulindeleke ukuba uhlale lapho ubusuku bonke. Leyo ingxenye yesiko.” Izidakamizwa, utshwala, nobuhlobo bobulili nakho kungaba ingxenye yesiko le-prom. Nokho, usuku olulandelayo ekuseni, lungashiya omusha enonembeza olimele, ukuzihlonipha kunciphile, enovalo olukhulu lokukhulelwa—noma abe nengculaza.

Khona-ke, ngokuvamile, ama-prom nemidanso evamile yesikole ayibi ubuhle nokuzijabulisa okunempilo ethembisa ukuba yikho futhi iyonakala ibe imicimbi enobuhlanya nokuxokozela. Sikhunjuzwa ukuthi umprofethi uIsaya osukwini lwakhe wabonisa ukwenqabela kukaNkulunkulu imibuthano eyayiqhubeka “kuze kuhlwe.” Lemicimbi yayigcwele uphuzo oludakayo nomculo—“ihabhu nogubhu, isigubhu negenkle.” Ingabe kwakujabulisa? Ngokuqinisekile kwakunjalo. Kodwa uIsaya wathi ngabahambi balemicimbi: “Abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.”—Isaya 5:11, 12.

Yebo, ukwenza umcimbi nentsha engawazisi umbono weBhayibheli kungabangela izinkinga ezingathi sína. Yiqiniso, akuyona yonke imicimbi enjalo ephenduka ibe nokuxokozela, futhi izimo ziyehlukahluka emhlabeni wonke. Ngakho wena nabazali bakho kumelwe ninqume ukuthi kuyafaneleka yini ukuthi uye kuyo. “Kunzima,” kwavuma enye intombazane eseyintsha, “ngoba i-prom iyakhanga, futhi iyisilingo esikhulu. Iyinto esematheni unyaka wonke!”

Kodwa ukuxoxa nabazali bakho noma umKristu ovuthiwe kungasiza ekukhanyiseni izinto. Cabangelani lokhu: Obani abayobe bekulowomdanso? Hlobo luni lwesiqondiso esiyoba khona? Ingabe uphuzo oludakayo luyoba khona? Hlobo luni lomculo oluyodlalwa? Ingabe kuye kwaba nezinkinga eminyakeni edlule? Abanye bayokubheka kanjani ukuba yingxenye yomcimbi onjalo—ikakhulukazi amaKristu okanye nawo? Ingabe ukuya kuyo kuyoba yisikhubekiso kwabanye?—1 Korinte 10:23, 24, 32.

Uma kucatshangelwa zonke izinkinga ezihambisana nama-prom nemidanso yesikole evamile, intsha engamaKristu iyoxoxa nabazali bayo futhi ngokunokwenzeka inqume ukungayi kuyo. Kodwa ingabe ukuphothula kwakho akuyona impumelelo okumelwe uziqhenye ngayo? Yiqiniso! Nokho, ungase uthole indlela elondeke kakhudlwana yokuzithokozisa, mhlawumbe ngokuhlanganyela injabulo yakho noFakazi okanye nabo. Ngokwesibonelo, umkhaya wakini ungase unqume ukuhlela umcimbi onesizotha noma idili. Lapho imicimbi enjalo igcinwa imikhulu ngokusesilinganisweni futhi ihleleke kahle, izinkinga ezingathi sína azivamile ukuba-khona.d

Umbuthano onjalo ungase ungabi nabo ubukhazikhazi nobuhle be-prom yesikole egqokelwa izingubo zakhona. Kodwa usengaba yisenzakalo esijabulisayo—esingenazo izingibe i-prom nemidanso yesikole evamile engase izilethe. Okuhle kunakho konke, uyobe uhambisana namazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 10:31: “Noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.”

[Imibhalo yaphansi]

a “Umdanso oyisiko owenzelwa ikilasi lasesikoleni esiphakeme noma lasekolishi ngokuvamile ekupheleni noma ngasekupheleni konyaka wemfundo. [Ukufushaniswa kwegama lesiNgisi elithi PROMENADE.]”—The American Heritage Dictionary of the English Language.

b “Ukuxokozela” kuchazwe njengomcimbi noma umkhosi ogcwele ukuklabalasa.

c Bheka isahluko 30 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ekhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

d Bheka isihloko esithi “Imibuthano Yokuzijabulisa—Jabulela Izinzuzo, Gwema Izingibe” ku-Nqabayokulinda ka-August 15, 1992.

[Isithombe ekhasini 21]

Ababheki bakuthola kucishe kungenzeki ukulawula ukuziphatha kwabo bonke abakhona

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela