Ukufuya Izimvu Kuyibhizinisi Lethu
INGABE wake wayembatha ingubo kavolo noma wathenga uvolo osongelwe esondweni? Ingabe wake wama ukuze ucabange ukuthi lovolo wavelaphi? Noma ukuthi yini ehilelekile ekufuyeni izimvu ezikhipha uvolo owusebenzisayo? Mhlawumbe singakusiza. Kungani? Ngoba, mina nomkami uBarbara, sinepulazi lezimvu phansi esiQhingini saseNingizimu seNew Zealand.
Izimvu ziyizidalwa ezithakazelisayo—zifundiseka kalula, zinokwesaba, futhi ngokuvamile ziyizilima ngokusobala. Kodwa ngikhumbula elinye ixhukazi elalilawula amawundlu alo kangcono kunanoma yimuphi omunye umama emhlanjini. Abanye babelahlekelwa amazinyane abo, kodwa hhayi lelixhukazi. Yini eyayikhethekile ngalo? Lalingaboni. Kodwa njengoba lalingaboni lalisebenzisa izinzwa zalo ezibukhali zokuhogela nokuzwa. Lalazi kahle lapho lizowathola khona amawundlu alo. Kwakujabulisa ukuwabukela encela, imisila yawo itshikiza sengathi izonqamuka!
Ngiye ngahlala nezimvu isikhathi esiningi sokuphila kwami lapha esiQhingini saseNingizimu. Ubaba ubengumfuyi wezimvu iminyaka engu-60. Kungani ngithi “umfuyi wezimvu” kunokuba ngithi “umalusi”? Umbono ovamile womalusi owomuntu olusa umhlambi wezimvu ezizulayo. Endabeni yethu, sinamapulazi ezimvu. Izimvu zethu zinakekelwa endaweni enemingcele futhi zimane zisuswe kwelinye idlelo ziyiswe kwelinye. Esikhundleni samashumi noma amakhulu ezimvu, sinezinkulungwane. Kodwa, ngokwezilinganiso ezivamile zaseNew Zealand, ipulazi lethu lincane. Nokho, umsebenzi wethu usezingeni lezohwebo. Ngakho kuhilelani ukufuya izimvu eziningi kangaka?
Yandani Nibe Baningi
Nakuba abanye abafuyi bezimvu befuyela nje inyama, thina sifuyela uvolo kanye nenyama. Izivakashi ngokuvamile ziyamangala uma zithola ukuthi iNew Zealand inezimvu ezingaba yizigidi ezingu-70, ezivela ngokuyinhloko ezinhlotsheni ezingu-19 ezihlukahlukene. Izimvu aziveli ezweni lakithi kodwa zalethwa zivela kwamanye amazwe. Izimvu ezinkulu zohlobo lwe-merino, ekuqaleni ezavela e-Extremadura, eSpain, neze-Romney, i-Leicester, nezinye izinzalo zaseNgilandi ngokuvamile zazilethwa ngendlela edlula eAustralia.
Izimvu zethu ngeze-Romney, zivame ukuba zinde futhi zibe nemizimba emikhulu, zikhipha uvolo omuhle. Kodwa ukuthola lowomkhiqizo wokugcina kuhilela umsebenzi omningi onzima nokuhlela. Okokuqala ngqá, kumelwe sifuye umhlambi okhiqizayo, futhi lokho kusho ukufuya izimvu eziphilile. Ngithenga izinqama eziphilile unyaka ngamunye ukuze ingqikithi ifinyelele cishe ku-35, futhi ngo-April zithunyelwa ukuba ziyofaka amaxhukazi isidoda. Esikhathini esingaphezu kwamasonto amathathu, lezinqama ziyobe sezifake isidoda kumaxhukazi asukela kwangu-60 kuya kwangu-80 iyinye. Isikhathi sokuzalwa kwamawundlu singo-September, futhi leyo inkathi mina noBarbara esiyijabulela kakhulu. Kodwa sizigcina kanjani simatasa kuze kufike u-September?
Ukuzondla Ebusika
Lapha eNingizimu Yenkabazwe, ubusika buqala ngo-May. Ngalesosikhathi amadlelo awamahle, ngakho kumelwe thina siyise ukudla emhlanjini. Futhi ngithi “thina” ngoba uBarbara uhlala ematasa engisiza. Sihlukanisa amadlelo ethu ngocingo olunogesi abe yizingxenye ezingaba ingxenye yehekthare iyinye. Khona nje ukumisa izingcingo ezinogesi kuwumsebenzi omkhulu ngokwako. Kungani kudingeka sikwenze lokhu? Ngoba izimvu kumelwe zisuswe usuku ngalunye engxenyeni eyodwa yedlelo ziyiswe kwenye, futhi kumelwe sithuthele utshani nokunye ukudla kuzo. “Okunye ukudla” kungaba ibhali namantongomane, ikakhulu ngaphambi nje kokuzalwa kwamawundlu lapho amaxhukazi edinga khona ukondliwa okwengeziwe. Futhi sidlisa amazinyane, anonyaka owodwa izimpande zama-swede (ama-rutabaga). Siwatholaphi ama-swede? Kumelwe siwatshale, okusho ukuthi sihilelekile futhi nakwezolimo, hhayi ukufuya izimvu kuphela. Kodwa ake sibuyele emuva emsebenzini ojabulisayo, ukuzalwa kwamawundlu.
Ukusebenza Njengababelethisi
Ekufikeni kuka-September, mina noBarbara sehla senyuka emadlelweni ngezithuthuthu zethu. Cha, lona akuwona umjaho. Kuyindlela yethu yokuhamba ukuze sifinyelele kuwo wonke amaxhukazi azalayo. Sizama ukuvakashela amaxhukazi asezozala kane noma kahlanu ngosuku ukuze sisize lawo anobunzima. Amaningi azala ngaphandle kwezinkinga, kodwa kusamelwe siphawule amawundlu angamawele ukuze kuthi noma elinye lilahleka, sikwazi ukuliphindisela eweleni lalo.
Amanye amaxhukazi anobunzima lapho ezala, futhi kungalesosikhathi lapho izithuthuthu zinikeza khona usizo olusheshayo lapho ludingeka. Ngokwesibonelo, uma iwundlu liphuma ngekhanda kuqala izinyawo zingaphumi, lingaklinyeka. Khona-ke, sisiza njengababelethisi futhi sisiza ukuba ukuzala kuhambe ngokufanelekile. Kunoma ubani ongakujwayele lokhu, kungabonakala kuwumsebenzi ongathandeki, kodwa kithi, ukubona ukufika kwesilwane esisha kuyisimangaliso saminyaka yonke.
Amaxhukazi amaningi azala amawele. Ekugcineni sifaka isilengiso sendlebe esinombala emawundlwini ezinsikazi angaba ngu-500 agcinelwa ukuzala. Lokhu kuphawula ubudala bawo. Ngemva kwezinyanga ezintathu noma ezine, amaduna kanye nezinsikazi ezisele kuthunyelwa embonini yabahlinzayo ukuze ahlatshwe. Phela, sinamagama akhethekile ahlukanisa iminyaka yobudala. Imvu enonyaka owodwa ibizwa ngokuthi i-hogget (iwundlwana) futhi eneminyaka emibili ibizwa ngokuthi i-two-tooth (enamazinyo amabili). Phela, izimvu zimila amazinyo ayisishiyagalombili kuphela, amabili ngonyaka. Lapho ixhukazi seliyi-two-tooth, selikulungele ukuzala.
Masingasikhohlwa isizathu esiyinhloko esenza sifuye zonke lezimvu—sizifuyela amajazi azo abalulekile, uvolo wazo—okusiletha enkathini ebucayi yomsebenzi onzima ngempela.
Ukuhlanganyela Ekugundeni
Nakuba umuntu ogunda kahle engagunda izimvu ezingaba ngu-300 kuya ku-400 ngosuku, angikho eqenjini elifanayo. Isilinganiso sami singaba ngu-150 ngosuku. Iningi lezimvu ligundwa kanye ngonyaka, kodwa ezinye zigundwa kabili ngonyaka, lapho zingama-hogget ngo-October nalapho zingama-two-tooth ngo-March. Ukuze senze ukugunda kamuva kube lula, sinqamula imisila yalamawundlu, okusiza ukugcina indawo yawo yangemuva ihlanzekile.
Ezinsukwini zakudala, kwakugundwa ngezingcingo noma ngezikele. Namuhla sinemishini yokugunda kagesi, kodwa lomsebenzi usenzima futhi ufuna amakhono akhethekile. Umsebenzi wakho ungaba lula noma ube nzima, kuye ngokuthi uyibamba kanjani imvu. Ngiqasha abagundi abakhokhelwa ngokwenani lezimvu abazigunda usuku ngalunye. Ngokuvamile exhukazini ngalinye sithola amakhilogremu angu-4,5 kuya kwangu-5,5 kavolo.
Umsebenzi olandelayo uwukulungiselela lovolo ukuba uthunyelwe kubathengisi bawo. Kumelwe siwupakishe uqine emifuqulwini enesisindo esingaba ngamakhilogremu angu-180 umunye. Kodwa siqiniseka kanjani ukuthi sithola uvolo osezingeni eliphakeme? Kunenye ingxenye yomsebenzi wethu ebalulekile ekutholeni uvolo omuhle.
Ukuya Ediphini
Izimvu zithelelana imikhaza nezintwala, futhi lezilwane eziphila ngezinye ziyaziluma. Ngokungazelele, lezimvu zichitha isikhathi sazo zizinwaya ocingweni kunokuba zidle. Ngakho isisindo sazo siyehla futhi zonakalise novolo wazo. Silwa kanjani nalokhu? Sizifaka ebhavini wamakhemikhali kanye ngonyaka. Lena futhi inkathi yomsebenzi onzima, njengoba kwaphawula isivakashi esithile sangaphandle epulazini lami. Nansi indlela esakuchaza ngayo.
Umbono Wendoda Yasedolobheni
“Lapho ngifika kulendawo, ukudipha kwase kuqhubeke amahora amaningana. Lokho engakubona ekuqaleni ngamehlo ami asedolobheni angaqeqeshiwe kwakuwumbono wesiyaluyalu. Amadoda ayememeza; izinja zazikhonkotha. Ezinye izimvu zazikhwehlela; ezinye zazikhefuzela. Izinja zazeqa ngokoqobo phezu kwemihlane yezimvu ezithukile zilibangise phambi komhlambi ukuze zixazulule ukuminyana. Ngokushesha ngayibona ingqondo kulokho okwakuqhubeka.
“Amakhulu ezimvu ayesemadlelweni okulinda, elinde ithuba lawo lokuba aqondiswe, cishe eziyishumi ngesikhathi, ziyiswe endaweni esamhubhe eyingcingo. Lapho omunye wabafuyi bezimvu wayelinde eceleni kwedamu lengxube yamakhemikhali elalifihlwe ngesaka ukuze izimvu zingaliboni. Lapho nje isilwane ngasinye sifika kulendoda elindile, ngokuzumayo yayisisunduzela esakeni ngamadolo ayo sidlule futhi singene kuloluketshezi olumnyama! Ukusabela kokuqala kwalesilwane kwakuwukuzama ukuphuma, futhi saqala ukuhlamba saya endaweni eyingcingo yokuphuma. Nokho, ohlangothini ngalunye kwakunezinye izisebenzi ezazilinde ngezigxobo ezinde ukuze zisunduzele lemvu ingene ngaphansi kwamanzi futhi kanjalo ziqiniseke ukuthi wonke uvolo uyacwila, kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Njengoba lezilwane zikhuphuka futhi ziphuma kulengxube yamakhemikhali, zazikhwehlela futhi zihlihliza futhi zizithintitha ngamandla, zisakaza amanzi emoyeni. Lapho ezinye sezilungele ukukhishwa esibayeni esiphumela ngaphandle, zazivunyelwa ukuba zibuyele edlelweni, eziningi ezazibonakala zikwenza ngenkululeko nangokuzimisela okukhulu!”
Ukulwisana Nemikhaza Nezibungu
Kuyangithakazelisa ukuzwa incazelo yomuntu wangaphandle yalokho esikwenzayo. Ungase uzibuze ukuthi iyiphi inhlanganisela yamakhemikhali esiyisebenzisayo ediphini. Ibizwa ngokuthi i-Grenade, futhi isithako sayo esinamandla yi-Pyrethroid, enamaphesenti amahlanu e-Cyhalothrin, ebulala imikhaza noma izintwala. Lezilwane eziphila ngezinye azizona kuphela izitha ezingokwemvelo zezimvu. Zithola futhi izikelemu zamathumbu nezamaphaphu, okusho ukuthi kumelwe siziphuzise umuthi njalo lezimvu. Lokhu kuhlanganisa ukubuyisa lezimvu emadlelweni. Sizifaka entunjeni encane ebiyelwe ngocingo, engaba amamitha angu-1,2 ububanzi, eyanela izimvu ezingaba ngu-50. Khona-ke ziphuziswa ngenkani inhlanganisela yamakhemikhali ebulala izibungu. Sithwala isigubhu esibelethwa emhlane esinaloluketshezi futhi sisebenzise ipayipi elinesifutho ukuze siluputshuzele emiphinjeni yazo. Ngezinye izikhathi kumelwe sisebenzise i-penicillin ukuze ilwisane nobuthi egazini.
Ingabe izimvu zethu zike zibe nazo izilonda emlonyeni nasezinyaweni? Cha, ngenxa yokuqondisa okuqinile kweziphathimandla zokuthutha nezolimo emathekwini nasezikhumulweni zezindiza zaseNew Zealand. Izihambi eziningi ziyaxakeka lapho zifika ezikhumulweni zethu zezindiza futhi zithole ukuthi indawo yangaphakathi yendiza kufanele ichelwe ngaphambi kokuba zehle. Kodwa yileso esinye isizathu esenza singabi nazo lapha izifo ezithile ezihlasela izilwane kwamanye amazwe.
Izinja Ezibalulekile
Indaba yami iyobe ingaphelele ngaphandle kokubhekisela okuthile ezinjeni zethu ezigada izimvu. Sineziyisithupha epulazini lethu futhi sisebenzisa izinhlobo ezimbili zezinja ezixubene ne-collie. Sinalokho esikubiza ngokuthi inja ekhonkothayo. Ziyakhonkotha futhi ziqhube izimvu ngokweqa emihlane yazo ukuze zibe sesimweni esifunekayo. Olunye uhlobo yilolo esilubiza ngokuthi yi-eyedog. Iqonda ngqó emvwini futhi iyibheke emehlweni, iyethuse ngokuyigqolozela kunokuba ikhonkothe. Ayikho indlela ebesingawenza ngayo umsebenzi wethu ngaphandle kwalezilwane ezithembekile. Zisebenza zize ziconse izithukuthuku ngenxa yokukhathala.
Lokho, ngamafuphi, ukufushaniswa kokuphila kwethu lapha eMossburn, eNew Zealand sinakekela izimvu. Ngakho ngokulandelayo lapho uthenga ingubo enhle kavolo, ucabange kafushane ngabafuyi bezimvu emhlabeni jikelele abaye banakekela ngokucophelela izilwane ezikhiphe lowovolo.—Njengoba ilandiswa uBruce Cournane.
[Isithombe ekhasini 16]
Izinhlobo ezingu-19 zezimvu embukisweni e-Agrodome, eRotorua
[Umthombo]
Agrodome Rams on Stage
[Izithombe ekhasini 18]
Ngaphezulu: Izimvu zingena ediphini
Ngezansi kwesokudla: Ukugunda izimvu kuwumsebenzi okhathaza iqolo