Ikhasi Lesibili
Ushevu Womthofu—Ingabe Wena Nabantwana Bakho Nisengozini? 3-12
Umthofu ukuyo yonke indawo esizungezile, futhi izazi zesayensi zithola ukuthi ngisho namazinga amancane awo asemzimbeni womuntu angaba usongo olungathi sina empilweni—ikakhulukazi ezinganeni. Yini engenziwa ukuze sizivikele thina nezingane zethu?
Ukulondoloza iPachyderm Enokuthula 14
Vakashela indawo okugcinwa kuyo izindlovu eziyizintandane eSri Lanka, lapho izingane zezindlovu zaseAsia zigcinwa khona futhi zikhuliswe zize zibe izindlovu ezindala.
“AmaNazi Ayengenakusivimbela!” 18
Umbuso wamaNazi kaHitler wenza konke owawungakwenza ukuze uqothule umsebenzi woFakazi BakaJehova. Funda indaba yomunye uFakazi owalwa ukuba aqhubeke eshumayela naphezu kweminyaka yoshushiso.