Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 11/8 k. 32
  • Ukukhanya Okuyimfihlakalo—Kuvelaphi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhanya Okuyimfihlakalo—Kuvelaphi?
  • I-Phaphama!—1992
I-Phaphama!—1992
g92 11/8 k. 32

Ukukhanya Okuyimfihlakalo—Kuvelaphi?

UKUKHANYA kwasenyakatho nokwaseningizimu, noma ama-aurora, bekulokhu kumangalisa kubantu abahlala eduze nenyakatho neningizimu yezindawo ezibandayo ezinamandla kazibuthe. Manje kukholelwa ukuthi phakathi komhlaba, izinsika zensimbi encibilikile ziyaphakama bese ziyehla futhi ziyasonteka njengoba umhlaba ujikeleza. Lokhu kubangela ukugeleza kukagesi ophehla izindawo ezinamandla kazibuthe eziqondene cishe nama-axis omhlaba ophendukayo. Izilongotshana zokukhishwa kwemisebe ezifinyelela emhlabeni zisuka elangeni zibangela umphumela obonakalayo ngenxa yalezindawo ezinamandla kazibuthe. Kodwa kuba nomphumela omkhulu lapho kufika izilongotshana eziningi eziwumphumela wokuqhuma okukhulu kwamandla elanga okuhlangene namachashaza elanga amnyama. Izilongotshana eziningi zibanjwa indawo yomhlaba enamandla kazibuthe. Ama-athomu asemoyeni wethu ezindaweni ezizungeze lezindawo ezibandayo ezinamandla kazibuthe athola amandla bese ekhipha ukukhanya okubonakalayo ngemibala ehlukahlukene. Lemibala ivela lapho ama-athomu omoya-mpilo nenitrogen ethola amandla avela elangeni bese eveza ukukhanya okubonakalayo ngobude bamaza abomvu/aluhlaza okotshani/ankankane. Iningi lama-aurora liluhlaza okotshani ngombala, enezindawo ezithile ezibomvu nezibunkankane. Ezingxenyeni zomhlaba ezisenyakatho, lokhu kukhanya kubizwa ngokuthi iaurora borealis, (ngesiLatini, ukuntwela kwasenyakatho) kanti kweziseningizimu, kubizwa ngokuthi iaurora australis (ukuntwela kwaseningizimu).

“Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,” kusho umhubi wasendulo. (IHubo 19:1) Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngoMdali wamazulu, zizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele abanyathelisi balomagazini.—Bheka ikhasi 5.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

NASA photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela