Umkhakha Okhangayo Wezokuzijabulisa
IHOLLYWOOD! Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi emhlabeni, cishe engqondweni yakho lelogama liletha imicabango yemifanekiso yamabhayisikobho kanye nokuzijabulisa. Njengoba ibizwa ngenye indlela ngokuthi inhlokodolobha yokuzijabulisa yomhlaba nangokuthi iDolobha Lobucwazicwazi, ayikho enye indawo ecishe ifane naleLos Angeles, idolobha laseCalifornia ngebhizinisi lezithombe ezibukiswayo. Ngokuqinisekile libonakala liyisikhungo somhlaba sobukhazikhazi nokukhanga. Njengoba omunye umbhali asho, “umbono wokuthi iHollywood iwumkhiqizi wamaphupho enziwe aba amafilimu usufinyelele emhlabeni wonke.”
Ukuzijabulisa—Ibhizinisi Elikhulu
Kodwa akusiwo nje umbono ngeHollywood osusakazeke emhlabeni wonke; “iHollywood” iyibhizinisi elikhulu, elizungeza yonke imbulunga ngokuthumela umkhiqizo walo kwamanye amazwe. Empeleni, ngokukamagazini iTime, izinto zokuzijabulisa ziwumkhiqizo waseUnited States othunyelwa kwamanye amazwe, olandela imishini yasemoyeni ngokuhamba phambili. Lemboni ingenisa amakhulu ezigidi eziyinkulungwane zamarandi unyaka ngamunye, futhi ingxenye enkulu—emaphesentini athi mawabe ngu-20—avela kwamanye amazwe.
IUnited States izuza imali ethile emaphesentini angu-35 ezincwadi ezidayiswayo emhlabeni wonke, amaphesenti awo angu-50 emali yomhlaba yamarekhodi, emaphesentini angu-55 emali engenayo yemifanekiso yamabhayisikobho kanye namavideo angase athengwe noma aqashwe, kanye namaphesenti angu-75 kuya kwangu-85 emali engenayo ngamaTV.
Ngenxa yalengcebo enkulu, iHollywood ikhiqizela umhlaba okokuzijabulisa. Akukhona ukuthi umhlaba uyakujabulela njalo—amazwe angaphezu kwelilodwa aye akhononda ngokubuswa ithonya lesiko laseMelika, njengoba intsha yawo ilahla amasiko endawo ikhetha imiqondo kanye namasiko aqhakazile aseMelika. Nokho, lokho akusho ukuthi okokuzijabulisa kuvela eUnited States kuphela. Amazwe amaningi anezimboni zawo siqu ezikhiqiza ezokuzijabulisa—amafilimu, iTV, amarekhodi, izincwadi, imidlalo, njalonjalo.
Ukuzijabulisa—Indlela Okulula Ngayo Namuhla
Kungakhathaliseki ukuthi ubani ojabulisa umhlaba noma ukuthi ubani okufanele akwenze, okuphawulekayo ukuthi okokuzijabulisa ngokwakho kutholakala kalula kakhulu, futhi kuningi kangangokuba kufanele sibhekane nesimo senguquko esishintshe ngokuphelele. Ngokwesibonelo: Ukuba wawuphila ekhulwini leminyaka eledlule, wawuyojatshuliswa kaningi kangakanani abadlali abaqeqeshiwe, abanekhono? Ngisho noma ngabe wawuhlala emazweni acebe kakhulu, cishe wawuyokuntula okokuzijabulisa ngokombono wesizukulwane sanamuhla. Ngokwesibonelo, wawuyoba nobunzima bokuya emculweni weopera noma ekhonsathini yezimfijoli zomculo. Namuhla simane nje silalele imisakazo ephathwayo yestereo edlala noma iluphi uhlobo lomculo olukhona, noma simane sihlale ngokunethezeka esihlalweni sasekhaya futhi, ngokuthinta nje inkinobho, sijatshuliswe cishe nganoma iluphi uhlobo lomdlalo esingalucabanga.
Kunoma yiliphi izwe elithuthukile, okungenani emakhaya amaningi ungathola iTV eyodwa, iVCR, neCD noma isidlali-makhasethi, kanye neminye imishini yamaelectronics. Ezinye izingane zikhula amaTV endlini cishe eyinto evame njengezibuko. Emazweni angathuthukile, izindawo eziningi zasemaphandleni nezingomakhelwane zineTV ebunganyelwa abantu abahlanganayo ebusuku ukuze bazojatshuliswa. Isintu siye sagcina ingqondo igxiliswe kuTV. Amahora okuphumula agcwele izinhlobo ngezinhlobo zezinto zokuzijabulisa.
Ingabe kukhona okungalungile ngalokho? Ingabe zikhona izingozi kwezokuzijabulisa kwanamuhla? Noma ingabe ubuningi bezinto zokuzijabulisa zanamuhla bumane bubonisa ubuningi bengcebo? Ake siwubheke ngombono olinganiselayo lomkhakha wezokuzijabulisa.