Ikhasi Lesibili
Ukuzijabulisa Kukuthinta Kanjani Ukuphila Kwakho? 3-10
Ukuphumula kuyisidingo somuntu esivamile. Kodwa umkhakha wokuzijabulisa futhi uyibhizinisi elikhulu. Kodwa njengoba konke lokho okubenyezelayo kungelona igolide, kanjalo futhi akukhona konke ukuzijabulisa okulungile. Luhlobo luni lokuzijabulisa olukhethayo? Lokho okukhethayo kusho ukuthini ngawe?
AmaJesuit—“Ayikho Konke Kubantu Bonke”? 11
AmaJesuit abeyithonya elinamandla eSontweni LobuKatolika amakhulu eminyaka. Aqala kanjani? Ziyini izinhloso zawo? Iyini indima yawo manje esontweni?
ITarawera Inhlekelele Yentaba-mlilo YaseNew Zealand 16
Ngo-1886, IsiQhingi esiseNyakatho New Zealand sezwa ukuqhuma “Kwe Vesuvius” nokubhubha “kwePompeii” yaso. Ukumba kuye kwembula imininingwane ethakazelisayo yokuphila “eSigodini Esingcwatshiwe.”