Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 10/22 k. 14-k. 15 isig. 5
  • Uketshezi Oluyigugu Kakhulu Emhlabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uketshezi Oluyigugu Kakhulu Emhlabeni
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubaluleka Kwangempela Kwegazi
    I-Phaphama!—2006
  • Amangqamuzana Egazi Abomvu Amangalisayo
    I-Phaphama!—2006
  • “Amaloli” Omzimba Wakho Angabonakali
    I-Phaphama!—2001
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 10/22 k. 14-k. 15 isig. 5

Uketshezi Oluyigugu Kakhulu Emhlabeni

Ngisho noma besingakuthalalisa ukuthi ukumpontshelwa igazi kuyimikhiqizo eyingozi nengadingekile yemboni ehaha njalo, lokho bekusazoba okungachazi ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bekwenqaba. Izizathu zabo zihluke ngokuphelele futhi zibaluleke kakhulu. Ziyini?

KULULA ukuthatha kalula iconsi legazi. Liyaphuma enxebeni lokuklwebheka noma ukuhlatshwa, lenze indunduma encane yokubomvu okucwazimulayo, futhi siligeze noma silisule ngaphandle kokucabanga.

Kodwa uma besingazenza bancane kakhulu kangangokuthi lendunduma ibonakale inkulu kunathi njengentaba, besiyothola ekujuleni kwalo okubomvu izwe lobunkimbinkimbi obumangalisayo nokuhleleka. Phakathi kwaleloconsi elilodwa, kugcwele amabutho amakhulu amangqamuzana: amangqamuzana abomvu egazi angu-250 000-000, amangqamuzana amhlophe egazi angu-400-000, namaplatelet angu-15 000 000, ezingezinye zezakhi ezitholakalayo. Liqala ukusebenza egazini, ibutho ngalinye lizihlelela umsebenzi walo ohlukile.

Amangqamuzana abomvu ajikeleza olwelwesini oluyinkimbinkimbi lwesimiso semithambo yegazi, ethwele umoya-mpilo osuka emaphashini uya kuwo wonke amangqamuzana emzimbeni futhi esusa icarbon dioxide. Lamangqamuzana mancane kangangoba inqwaba yangu-500 awo ingaba nje kuphela amasentimitha angu-0,1 ukuphakama. Nokho, wonke amangqamuzana abomvu emzimbeni wakho uma enqwatshelwaniswa angaphakama ngamakhilomitha angu-50 000! Cishe ngemva kwezinsuku ezingu-120 zokuhamba emzimbeni wonke izikhathi ezingu-1 440 ngosuku, ingqamuzana elibomvu liyakhathala. Ingxenye yalo engaphakathi ecebe ngensimbi iyavuselelwa ngokuphumelelayo, okunye kuyalahlwa. Umzuzwana ngamunye, izigidi ezintathu zamangqamuzana abomvu ziyasuswa, kuyilapho inani elifanayo lamasha lenziwa emnkantsheni. Umzimba wazi kanjani ukuthi ingamuzana elibomvu selifinyelele ukukhula okufanele ukuthi lingathatha umhlala phansi? Izazi zesayensi zisadidekile. Kodwa ngaphandle kwalenqubo yokufaka amanye amangqamuzana abomvu esikhundleni samadala, ngokusho kwesinye isazi sokuthakwa kwemithi, “igazi lethu lingaqina njengokhonkolo emasontweni ambalwa.”

Okwamanje, amangqamuzana amhlophe ayehla ayenyuka kulesimiso, efuna futhi ebulala abahlaseli abangafuneki. Amaplatelet ahlangana ngokushesha lapho kunokusikeka futhi aqalise inqubo yokwenza igazi libe amahlule futhi avale isikhala esivulekile. Wonke lamangqamuzana asoketshezini oluncwala olunombala ophuzi okuphaphathekile olubizwa ngokuthi iplasma, ngokwayo eyakhiwa amakhulu ezakhi, eziningi zazo ezifeza izindima ezibalulekile ekwenzeni uchungechunge olude lwemisebenzi yegazi.

Izazi zesayensi nawo wonke amandla ezingqondo zazo zihlangene ziyahluleka ukuqonda yonke into eyenziwa igazi, kungasaphathwa ukwenza into efana nalo. Ingabe kungenzeka ukuthi loluketshezi oluyinkimbinkimbi ngokumangalisayo luwumsebenzi woMklami oPhakeme? Futhi ingabe akubonakali kunengqondo yini ukuthi loMdali onamandla angaphezu kwawomuntu unawo wonke amalungelo okuqondisa indlela okumelwe izinto azidalile zisetshenziswe ngayo?

Ngaso sonke isikhathi oFakazi BakaJehova baye bacabanga kanjalo. Babheka iBhayibheli njengencwadi evela kuMdali wethu equkethe iziqondiso zakhe eziphathelene nendlela yokuphila ukuphila okungcono kakhulu ngangokunokwenzeka; liyincwadi ekhuluma kakhulu ngalendaba yegazi. ULevitikusi 17:14 uthi: “Umphefumulo wenyama yonke, igazi layo”—yebo, hhayi ngomqondo ongokoqobo njengoba iBhayibheli lithi futhi into ephilayo ngokwayo iyiwo umphefumulo. Kunalokho, ukuphila kwayo yonke imiphefumulo kuhlangene eduze kakhulu negazi futhi kusekelwa yigazi elingaphakathi kwayo ukuthi libhekwa ngokufanele njengoketshezi olungcwele olumelela ukuphila.

Kwabanye, lokho kunzima ukukuqonda. Siphila ezweni elingabheki lutho njengolungcwele. Ukuphila ngokwakho kuyathukela kwaziswa njengoba kumelwe kube njalo. Khona-ke, akumangalisi ukuthi igazi liyathengwa futhi lithengiswe njenganoma iyiphi impahla ethengiswayo. Kodwa labo abahlonipha izifiso zoMdali abaliphathi ngaleyondlela. Ukuthi ‘akumelwe udle igazi’ kwakuwumyalo kaNkulunkulu kuNowa nenzalo yakhe—isintu sonke. (Genesise 9:4) Emakhulwini eminyaka ayisishiyagalombili kamuva wafaka lowomyalo eMthethweni wakhe kumaIsrayeli. Amakhulu eminyaka ayishumi nanhlanu kamuva wawuqinisekisa futhi ebandleni lobuKristu: ‘Niyeke igazi.’—IzEnzo 15:20.

OFakazi BakaJehova babambelela kulowomthetho ngokuyinhloko ngenxa yokuthi bafuna ukulalela uMdali wabo. Ngokufa okuwumhlatshelo kweNdodana yakhe ethandekayo, kakade uMdali uselungiselele isintu igazi elinikeza ukuphila. Lingakwandisa ukuphila, hhayi nje kuphela izinyanga noma iminyaka embalwa, kodwa phakade.—Johane 3:16; Efesu 1:7.

Ngaphezu kwalokho, ukudeda ekumpontshelweni igazi kuye kwavikela oFakazi ezingozini eziningi. Abantu abaningi ngaphandle koFakazi BakaJehova bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi namuhla. Kancane kancane umphakathi wezokwelapha uyasabela futhi unciphisa ukusebenzisa kwawo igazi. Njengoba iSurgery Annual ikubeka: “Ngokusobala, ukumpontshelwa okulondeke kakhulu yilokho okunganikezwa.” Iphephabhuku iPathologist laphawula ukuthi sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova bephikelela nokuthi ukumpontshelwa igazi akukhona ukwelashwa okutusekayo. Lenezela: “Kunobufakazi obuphawulekayo bokusekela ukwenqaba kwabo, naphezu kokuphikiswa ngokuphambene okuvela kubagcini begazi.”

Uyokhetha ukuthembela kubani? UMuntu ohlakaniphile owaklama igazi? Noma abantu abaye benza ukuthengiswa kwegazi kwaba ibhizinisi elikhulu?

[Isithombe ekhasini 15]

Isimiso somuntu semithambo yegazi, nemithanjana (umgudu) emincane kakhulu kangangoba amangqamuzana egazi aphoqelekile ukuba adlule kuwo elandelana

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela