Udoti Wenuzi—Imfucumfucu Ebulalayo
UKUNQWABELANA kwemfucumfucu yasendlini akukhona nje ukuphela kwengozi esongela ukuqeda ukuphila kulomhlaba. Kuyize uma kuqhathaniswa nenkinga yokungcola enkulu nebulala ngokwengeziwe. Kusukela umuntu eqala ukufunda ukusebenzisa iathomu ekwakheni izikhali zenuzi nasekuphehleni amandla kagesi, izazi zesayensi ziye zadideka maqondana nezindlela ezilondeke ngangokunokwenzeka zokulahla ukungcola okukhipha imisebe eyingozi kakhulu okukhiqizwa yilezimiso.
Izinkulungwane zezigidi zamaRandi ziye zasetshenziswa emizamweni yokuthola izindlela zokuvikela abantu nendawo ezungezile ekungcolisweni yilodoti obulalayo ezizukulwaneni eziningi ezizayo. Umsebenzi owesabekayo ngempela, njengoba ukungcola okukhipha imisebe eyingozi kungahlala kuyingozi kuzo zonke izinto eziphilayo izinkulungwane zeminyaka!
Emashumini amaningi eminyaka okuningi kwalokhu kungcola kwakumane kuchithwe emigodini yokugqiba engaphakathi kweziza nasezindaweni ezidonsela ukungcola ngaphansi ngenkolelo yokuthi izinto eziyingozi ziyophoziswa futhi zingabi nangozi—okuwumqondo oye wazibonakalisa unemiphumela eyingozi, njengoba sizobona. Izigidi zamalitha okungcola okukhipha imisebe eyingozi kakhulu zazigcinwe emathangeni amakhulu ngaphansi komhlaba; okunye ukungcola kwakuvalelwe emigqonyeni futhi kwabekwa ngaphezulu, okungenye indlela yokuchitha eyazibonakalisa iyingozi.
Lodoti wenuzi uyingozi futhi uyabulala kakhulu kangangoba izazi zesayensi zacabangela yonke into ezingase ziyisebenzise kusukela ekuthumeleni udoti emkhathini ongaphandle kuya ekuwufakeni ngaphansi kwezingqimba zeqhwa ezindaweni ezibandayo. Manje kwenziwa ukuhlola kokuba nokwenzeka kokulahlwa kwezinto eziphatha ukungcola oLwandle iPacific olusenyakatho, lapho ziyolindeleka khona ukuba zishone phansi obishini ngamamitha angu-30 ngaphansi kolwandle. “Sinezinto kuleplanethi okumelwe sibhekane nazo, kungaba sezweni, emanzini noma ngaphansi kwamanzi olwandle. Yilokho kuphela esinakho,” kwasho isekela likamongameli weWoods Hole Oceanographic Institution.
Okwamanje, eziningi zezinto eziyimbangela yalemisebe zigcinwa emachibini agcwele amanzi ngaphakathi kwezakhiwo ezivaliwe njengekhambi lokuvala igebe kuze kube yilapho inqubo yokuchitha elondekile nehlala isikhathi eside ngokwengeziwe ingatholakala. Ngokwesibonelo, iOntario, eCanada, inezinto eziphehla inuzi ezingu-16 kakade eseziye zakhiqiza amathani angaphezu kuka-7 000 okungcola okukhipha imisebe eyingozi, manje okugcinwe ezintweni zokuphatha ezinjalo. IBrithani nayo ibhekene nenkinga eyindida yokuthi yini ezoyenza ngodoti wayo. Okwamanje, udoti osezingeni eliphezulu ugcinwa ezindaweni ezingaphezu komhlaba, futhi lesimiso kulindeleke ukuba siqhubeke kuze kube yilapho izindawo ezingaphansi komhlaba ezingavuzi zingatholakala futhi zihlolwa. IFrance, iJalimane, neJapane nawo futhi ayazama ukulwisana nenkinga yawo yodoti wenuzi.
INew York Times yabika: “Isimiso esingokomthetho eUnited States siwukuthi indlela elondeke kakhulu iwukukugqiba ‘ezindaweni zokuchitha udoti ezijule kakhulu,’ endaweni ethile eyomile, ekahle newugwadule. Kodwa ukuthola lendawo kubonakala kunzima.” Kunzima ngempela! Ngokwezazi zesayensi, kumelwe kube indawo eyomile nevumelana nezimo kakhulu ngendlela yokuthi ingakwazi ukuhlalisa izimpahla ngokulondekile iminyaka engu-10 000. Nakuba omunye walodoti weathomu ungahlala ubulala iminyaka elinganiselwa ku-250 000, izazi zikholelwa ukuthi ushintsho olungako olungokwendawo luyokwenzeka eminyakeni engaphezu kuka-10 000, “kangangoba kungokungenangqondo ukuzama ukulungiselela isikhathi eside.” “Angazi ngisho nangesisodwa isibonelo sokulinganisela ebusweni bomhlaba esingakhuluma ngisho nokukhuluma ngesakhiwo esiyothatha iminyaka engu-1 000,” kwasho esinye isazi esaziwayo semisebe. Wenezela ngokuthi ‘kwakunzima ukukhuluma ngengozi yezempilo engenzeka eminyakeni engu-10 000 esikhathini esizayo.’
Inhlekelele!
Lapho izazi zesayensi zembula izimfihlakalo zeathomu, zakhulula isici esisha esingavamile leso ezazingazimisele ukubhekana naso—okuhlangenwe nakho okwesabekayo kokungcola okubulalayo okwakuzolandela. Ngisho nangemva kokuba sezixwayisiwe ngengozi enokwenzeka, izikhulu zikahulumeni ngamabomu azizange zizinake izixwayiso. Njengoba izikhali zeathomu zaba into yokuqala ezizweni ezinekhono kanye nezinto zokuzakha, ukukhathalela impilo nokuphila kwabantu kanye nobuhle bendawo ezungezile akuzange kunakwe. Kwakusetshenziswa izinqubo zobudlabha zokuthwala udoti obulalayo. Ngokwesibonelo: Kwenye indawo yokwakhiwa kwezikhali zeathomu, “[amalitha angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-750] odoti oyingozi, owawenele ukucwilisa iManhattan [ngamamitha angu-12], uye wathululwa emigodini embiwe budedengu nasemachibini angenela emifuleni emikhulu,” kwabhala iU.S.News & World Report kaMarch, 1989. “Ukungcola okunoshevu okuzikele ngaphansi kuye kwangcolisa okungenani [amakhilomitha-skwele angu-260] amanzi asemhlabathini. [Amalitha ayizigidi ezingu-170] okungcola okukhipha imisebe eyingozi kakhulu agcinwe emathangini amakhulu angaphansi komhlaba, futhi amabhomu angaphezu kuka-50 alingana nalelo elabhubhisa iNagasaki angakhiwa ngeplutonium eye yavuza kulamathangi,” kwasho lomagazini. Kulinganiselwa ukuthi ukuhlanzwa kwalendawo kuyobiza amaRandi alinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-169.
Amanye amathangi akhelwe ukuthwala udoti wenuzi ashisa kakhulu ngenxa yokushisa okubangelwa imisebe kangangoba aze aqhekeka. Kulinganiselwa ukuthi izigidi ezimbili zamalitha okungcola okukhipha imisebe eyingozi aye avuzela emhlabathini. Amanzi aphuzwayo aye angcoliswa imisebe eyingozi yestrontium-90 kwaze kwafinyelela ezingeni eliphindwe izikhathi eziyinkulungwane zesilinganiso esivumelekile samanzi aphuzwayo njengoba sibekwe Inhlangano Yokuvikela Indawo Ezungezile. Kwenye indawo yokwakhiwa kwezikhali zeathomu, “izinto ezikhipha imisebe enamandla ezivela emigodini ethwala ukungcola ephethe [amalitha ayizigidi ezingu-42] euranium . . . avuzela eziphethwini futhi aye angcolisa imithombo [amakhilomitha angu-0,8] ukuya ngaseningizimu yendawo agcinwe kuyo,” kwabika iNew York Times. Leliphepha laphinde labika futhi ukuthi eWashington State, izinkulungwane zezigidi zamalitha amanzi angcolisiwe zachithwa emhlabathini, futhi ukugeleza okungenakuvinjelwa kwetritium ekhipha imisebe eyingozi kuqonde eMfuleni iColumbia.
EIdaho imikhondo yeplutonium iye yanqamula imigodi yokungcola engajulile Esakhiweni Sokulawula Ukungcola Kwemisebe Eyingozi, kwabika iNew York Times. “Idlula inqamule ezingqimbeni zamadwala iye ezindaweni zokugcina amanzi ngaphansi komhlaba ondla izinkulungwane zezakhamuzi zaseningizimu yeIdaho.” Lesici esibulalayo siye sazikela ekujuleni okungamamitha angu-70, cishe ingxenye ukuya eziphethwini zamanzi, kwasho leliphephandaba.
Kubulala kangakanani lokungcola kweplutonium okuye kwatheleka emifuleni nasemifudlaneni futhi okuphephukele nasemoyeni? “Iplutonium ihlala inemisebe eyingozi iminyaka engu-250-000,” kwabika iNew York Times, “futhi ngisho nezilongotshane ezincane kakhulu zingaba ezibulalayo uma ziphefumulwa noma zingena ngomlomo.” “Ukuphefumula ngisho nesilongotshane esincane kakhulu sothuli lweplutonium kungabangela umdlavuza,” kwasho umagazini iNewsweek.
Imiphumela esheshayo nehlala isikhathi eside yokungcola okubangelwa inuzi kubantu ayaziwa. Ingase ingaziwa. Nokho, kwanele ukusho ukuthi kwenye indawo yokwakhiwa kwezikhali zeathomu kwabikwa izenzakalo ezingu-162 zokuphathwa umdlavuza phakathi kwalabo abahlala amakhilomitha ambalwa maphakathi naleyondawo. Abantu bayesaba ukuphuza amanzi, futhi lokhu kwesaba kuyanda. Udokotela waseyunivesithi nomeluleki wezisebenzi zakulowomshini wathi: “Basazoba nezinye izifo zomdlavuza ezisukela kweziyisithupha kuya kwezingu-200 ezengeziwe. Bonke bayesaba. Banomuzwa wokuthi bayehluleka ukulawula indawo yabo ebazungezile nokuphila kwabo.”
Futhi baye bahluleka. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule umprofethi othembekile kaJehova wathi: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ngokuqinisekile umlando uye wabonisa lamazwi eyiqiniso—ngendlela evusa amadlingozi kulezinsuku zokugcina. Inkinga ekhulayo yemfucumfucu ingokunye nje kokwehluleka komuntu ukuqondisa izinyathelo zakhe ngokuhlakanipha.
Nokho, asikho isidingo sokudangala. Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ngokucacile ukuthi ngokushesha lesimiso sezinto samanje sizosuswa futhi uMdali alethe izwe elisha. Akanakukubekezelela isikhathi eside lokho umuntu akwenzayo emhlabeni nakuye ngokwakhe, kodwa ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngemva kwalokho, ngaphansi kwesiqondiso soMdali, abantu bayofunda indlela yokunakekela umhlaba ngokufanele nokusebenzisa imikhiqizo yawo ngokuhlakanipha.—IHubo 37:34; 2 Petru 3:10-13.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Udoti wenuzi ungahlala ubulala iminyaka engu-250 000
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
“Ukuphefumula ngisho nesilo-ngotshane sothuli lweplutonium kungabangela umdlavuza”