Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 8/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUTHANDANA KWABEFUNDISI NAMALUNGU ESONTO
  • INGCULAZA ISAKAZEKELA NGASEMPUMALANGA
  • IZINGANE EZIHLAKANIPHILE
  • UKUNGCOLA KOMFULA IGANGES
  • AMAQEMBU ASEYUNIVESITHI
  • IZINDAWO EZIMANZI EZINYAMALALAYO
  • UBHADANE LWE“COCAINE”
  • UBHADANE LWEPULASITIKI
  • ABASHINTSHA UBULILI EJALIMANE
  • AMALUNGELO ALABO ABEHLA BENYUKA
  • Izindawo Ezingamaxhaphozi Zomhlaba—Amagugu Endawo Ezungezile Ayahlaselwa
    I-Phaphama!—1994
  • Ingculaza—Inhlekelele Yentsha
    I-Phaphama!—1991
  • Kungani I-AIDS Iye Yanda Kangaka?
    I-Phaphama!—1988
  • Ingculaza—Ukubulala Kwayo Izingane Ngokudabukisayo
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 8/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

UKUTHANDANA KWABEFUNDISI NAMALUNGU ESONTO

Ukuhlolwa kwabefundisi okwathatha iminyaka emine eUnited States kwathola ukuthi oyedwa kubo bonke abefundisi besonto abangu-10 uvuma “ukuthi uye wathandana nelungu lebandla lakhe,” kubika iEcumenical Press Service (inkonzo yezindaba yoMkhandlu Wezwe Lonke WamaSonto). NgokukaProfesa Karen Lebacqz, umcwaningi walokhu kuhlola, abefundisi bachaza ukuthi “ukusondelana kwezimo zokweluleka kwaholela ebuhlotsheni bobulili.” Khona-ke, weluleka ngokuthi, umfundisi kumelwe eluleke emini, ehhovisi. UProfesa Lebacqz uthi, ngaleyondlela, ‘ezinye izilingo zokuhileleka ngokobulili zingancishiswa.’ Ngaphezu kwalokho, wenezela ukuthi ‘imihlangano yokweluleka ehlanganisa amalungu omkhaya angaphezu kwelilodwa nayo ingasiza.’

INGCULAZA ISAKAZEKELA NGASEMPUMALANGA

Ngokuvuleka kwemingcele phakathi kwe-Europe eseMpumalanga neseNtshonalanga, izimo zokuba ingculaza isakazekele eEurope eseMpumalanga ngokushesha ziyavuthwa, kuxwayisa umqondisi wohlelo oluphathelene nengculaza weNhlangano Yezwe Yezempilo. Uyaphawula, “Awunakulindela ukuba isifo sihloniphe imingcele yamazwe, futhi ukwehla benyuka kwabantu beya lé nalé kuzoyisithibeza imingcele.” Ulinganisela ukuthi abantu baseNtshonalanga Europe abangu-500-000 namuhla bathwele igciwane elibangela ingculaza, nokuthi abantu baseMpumalanga Europe abaphakathi kuka-10 000 no-30 000 kungenzeka ukuthi kakade sebengenwe igciwane elibulalayo. Lokhu kuhlanganisa amakhulu ezingane zaseRomania ezithole igciwane ngemijovo engahlanzekile nokumpontshelwa ngegazi elonakele. NgokweInternational Herald Tribune yaseParis, odokotela manje bathi amaphesenti angaphezu kwangu-95 alabo abathola ukumpontshelwa ngegazi elinegciwane lengculaza bazongenwa ingculaza ngokuphelele.

IZINGANE EZIHLAKANIPHILE

Izazi zesayensi ziba ngochwepheshe ngokwengeziwe ekutholeni amakhono omntwana osanda kuzalwa, “okuholela ekuqapheleni ingane esanda kuzalwa ‘njengosana olukhaliphile,’” kubika iTimes, iphephandaba laseLondon. “Ngokuphambene nalokho okuyinkolelo, izingane zizalwa zinezinga eliphakeme lokuhlakanipha.” Izingane ezisanda kuzalwa ziqala ngokushesha ukucabanga ngalokho ezikubonayo. Omunye wabacwaningi, uDkt. Alan Slater, waseYunivesithi yase-Exeter, uthi: “Abantwana bangafunda ngezwe kusukela ngesikhathi bezalwa. Usana olusanda kuzalwa luyamazi unina nabanye ngokubabona, umsindo kanye nephunga. Ubufakazi futhi bubonisa ukuthi lufunda okuningi esizalweni.” ITimes iphawula ukuthi ukuhlola okuningi okwenziwe emhlabeni wonke kubonisa ukuthi abantwana “abasona nje isicubu senyama esilinde ukuba sondliwe” nokuthi kusukela zisencane kakhulu, izinsana zingenza umsebenzi ngokuwuhlela kunokuba ziwenze ngokuqagela.

UKUNGCOLA KOMFULA IGANGES

KumaHindu, iGanges ende ngamakhilomitha angu-2 400 ingumfula ongcwele kunayo yonke eNdiya. Minyaka yonke izinkulungwane zezidumbu zishiswa endaweni yokushisa izidumbu eyenziwe ngokhuni, futhi imilotha iphonswe emfuleni ngemicikilisho yokukhulekela. Kodwa ngenxa yokuntuleka kwezinkuni nemali, amashumi ezinkulungwane zezidumbu ezingashiswanga ngokuphelele manje ajikijelwa emanzini. Lezidumbu, kanye nezidumbu ezingenakubalwa zezilwane, zibangela ingozi engathi sína yezempilo. Njengoba umcosheli waseDelhi weTimes yaseLondon ebhala: “Izidumbu ezivuvukele, amanqe ehleli phezu kwazo, ziyantanta njengoba amaHindu asohambweni olungcwele egxumagxuma emanzini angcolile nangcwele.” Ngokuzama ukuhlangabezana nalenkinga uhulumeni waseUttar Pradesh uvikela futhi azalanise izimfudu ezidla inyama ezihlala kulomfula. “[Izimfudu] ezincane ziqala ngokudla inyama encane ebolile nezinhlanzi. Kancane kancane zidlulela ezidunjini,” kusho umqaphi oyinhloko wezilwane zasendle. Kodwa uthi ngeke zibe usongo kwababhukudayo.

AMAQEMBU ASEYUNIVESITHI

Amaqembu entsha ehlome ngezibhamu, imimese, izimbazo, ngisho neacid yokuyijikijela ezisulwini zawo—lokhu kungase kuzwakale njengephupho elibi elenzeka emjondolo osedolobheni, kodwa akulona. Ngokukamagazini waseNigeria iNewswatch, amalungu amaningi alamaqembu angabafundi basekolishi abavela emikhayeni yesigaba esiphezulu futhi “ahlasela isimiso samaYunivesithi eNigeria.” Lomagazini uphawula ukuthi lamaqembu azana nabantu abasemakolishi nokuthi amanye ahlanganyela emigilingwaneni engavamile newukulumba. Izikhulu zeyunivesithi zithi abafundi abaningi abangamalungu alamaqembu bacabanga ukuthi bangaphezu komthetho ngenxa yokuma kwabo emphakathini.

IZINDAWO EZIMANZI EZINYAMALALAYO

ICanada cishe inengxenye eyodwa kwezine zomhlaba zezindawo ezimanzi, namaxhaphozi. Kodwa “naphezu kokuqaphela okwandayo kokuthi izindawo ezimanzi zaseCanada ziyingxenye ebalulekile yendawo,” zinyamalala ngokushesha, ngokombiko okuyiGlobe and Mail yaseToronto. Izimiso zezolimo nezomnotho ziye zakhuthaza abalimi ukuba bagcwalise izindawo ezimanzi ukuze benyuse umkhiqizo. Nokho, izindawo ezimanzi zingaphezu kokuba nje ikhaya lezilwane zasendle. Zifana nesisefo samanzi angcolille, njengezivimbeli zokukhukhuleka kwenhlabathi, futhi zingase zibe ngisho nanomphumela omuhle esimweni sezulu. Izindawo ezimanzi kuthiwa zinengxenye eziyifezayo ekuneni kwezimvula ezinkulu.

UBHADANE LWE“COCAINE”

Labo ababecabanga ukuthi inani labasebenzisa icocaine masonto onke eUnited States kakade lase liphezulu ngokwethusayo ngokulinganiselwa kwalo okusemthethweni kwabangu-860 000 bamangazwa ngoMay 1990. Umbiko weSigele saseU.S. waqinisekisa ukuthi inani langempela licishe libe izigidi ezingu-2,2. Lokho kuyosho ukuthi cishe oyedwa kubo bonke abantu baseMelika abangu-100 usezingeni lokuba ‘umhuqa omkhulu wecocaine,’ okuyigama abacwaningi abalisebenzisa kulabo abasebenzisa icocaine okungenani kanye masonto onke. Ngokombiko, iZwe laseNew York, liphezulu ohlwini ngoyedwa kubo bonke abantu abangu-40 abayisebenzisa njalo icocaine. Lamanani ahlanganisa labo abasebenzisa okutholakala kuyicocaine okunamandla okuthiwa icrack.

UBHADANE LWEPULASITIKI

“Abantu baseCanada bahlushwa ubhadane lwepulasitiki,” kwaphawula iToronto Star, iphephandaba laseCanada. IStar sabhekisela ekusetshenzisweni kwamakhadi okuthenga (credit card) okukhula njalo eCanada “njengokuthandana nesikweleti.” “Cishe ingxenye yabo bonke abantu baseCanada ayisikhokhi ngesikhathi isikweleti sayo samakhadi okuthenga ukuze igweme inzalo ephakeme,” esukela kumaphesenti angu-20 kuya kwangu-29. Inzalo enjalo ibiza abantu baseCanada cishe amaRandi ayizigidi ezingu-2,25 ngonyaka. IStar sathi: “Inkinga iqala lapho abantu bengenawo umbono ongokoqobo ngalokho abangakwazi ukukufinyelela. . . . Abanye abantu bayalahlekelwa ngokwebhizinisi ngenxa yokuthi bathenga ngokuziphoqelela ukuze bazenze bazizwe bekahle.” Umqondisi womnyango wokweluleka ngokuthenga ngesikweleti eToronto ngokuvamile utusa ukuba abathengi abanjalo abathenga ngokuziphoqelela “badinga usizo oluvela ezazini zokusebenza kwengqondo.”

ABASHINTSHA UBULILI EJALIMANE

“Kunabantu abashintsha ubulili abaphakathi kwabangu-30 000 nabangu-50 000 eFederal Republic yaseJalimane, kodwa inani langempela alaziwa futhi lingaba ngaphezulu kakhulu,” kwabika iphephandaba laseJalimane iBremer Nachrichten muva nje. Abashintsha ubulili, labo abathanda nabafisa ukuba amalungu obulili obungebona obabo, ngokuvamile bakhetha ukuhlinzwa ukuze kubasondeze eduze nomgomo wabo. Isikhathi sokulinda ukuhlinzwa okunjalo singaphezu konyaka kwesinye isibhedlela saseJalimane. IBremer Nachrichten futhi iphawula ukuthi inani “elikhulu” lalaba abashintsha ubulili abesifazane abafisa ukuba amadoda. Lapho abesifazane bebhekene nezingqinamba ezisobala kakhulu (ezingeke zinqobeke) ekuhlinzweni, namadoda abhekene nezinkinga. Izintshebe zawo ngokuvamile ziyaqhubeka zikhula naphezu kokuhlinzwa nokwelashwa kwamahormone, okudinga iminyaka eminingi yokukhishwa kwezinwele okubuhlungu.

AMALUNGELO ALABO ABEHLA BENYUKA

Izindlela zezinyawo zasendulo eziheha abantu ukuba behle benyuka emasimini ehlelayo, izindonga zamatshe, namaxhaphozi okusemaphandleni aseNgilandi ziwumnyombo wempi eyandayo phakathi kwabahamba kuyo nabaniniyo. Njengoba sekungamakhulu eminyaka ibhekwa njengeyilungelo, ukwehla benyuka ngezinyawo ngokungemthetho ezindaweni ezinabaninizo kwaba ilungelo eliqinisekisiwe eNgilandi emuva eminyakeni yawo-1930 lapho abalimi babevimbela izindlela zezinyawo ezazinqamula endaweni yabo. Abehla benyuka bahlangana futhi bamelana nalokhu njengeqembu, futhi kwakhishwa imithetho ukuze kuvikelwe ilungelo labo lokwehla benyuka. Kodwa impi iyaqhubeka. Namuhla, uhulumeni ulinganisela ukuthi izingxenye ezimbili kwezintathu zezindlela zezinyawo ezingamakhilomitha angu-174 000 zaseNgilandi zivalwe ngezinto zokuvimbela ezifana nocingo olunameva nezitshalo. INhlangano Yabehla Benyuka iqasha ‘onobhala bendlela yezinyawo’ ukuba badalule izinto ezinjalo. Abalimi, ngasohlangothini lwabo, bakhononda ngokuthi abehla benyuka bangena ngokungemvume endaweni yabo, baphazamise imfuyo, futhi bonakalise izitshalo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela